Usheba umsebenzi awufundele nezolimo ngenhloso yokuziphilisa nokuthuthukisa umphakathi wangakubo. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU
UKHULE engawunakile umkhakha wezolimo, impumelelo ekuwona nomehluko ongawenza emphakathini kodwa kunezinto ezimbili ezitshale futhi zakhulisa uthando lwakhe kule mboni.
UNksz uLerato Makase usungule iLamang Farming and Projects ngonyaka odlule ngemva kokuzwa isikhulumi esasikhuluma ngokubaluleka kokuba nemali eseceleni ngaphandle komholo nangenxa yokuxakwa wukubiza kwamanani okudla.
Ukulima yinto ayijwayele uNksz uMakase okhuliswe ugogo nomkhulu wakhe ngoba abazali bakhe besebenzela kude. Ukhule belima kubo.
Lo mlimi waseVaal Triangle, eningizimu yeGauteng, uqale ngokudayisa i-atchaar eyidayisela abangani nabakubo.
ILamang Farming and Projects ikhiqiza futhi idayise ispinashi esiqala kuR10, i-atchaar ewuR50 u-1kg, inyama yengulube ekaliwe eqala kuR100, izimvu ziqala kuR2 500 nezinkomo ezibiza uR12 000 kuya phezulu.
Ngemva kokuqala nge-atchaar nokubona ukumba eqolo kwamazambane, uNksz uMakase ubone ithuba lokulima. Uthi: “Ukufica amazambane ebiza kangaka kwenza ngabona isikhala esikhulu embonini yezolimo nokuthi abantu abadli ukudla okunomsoco ngenxa yokubiza kwamaveji. Nganquma ukuzitshalela amaveji ami egcekeni, laqala lapho ibhizinisi.”

Yize ekhulele emndenini wabalimi kodwa uthe akuwona umsebenzi aqale wawunaka. Ufundele i-Bachelor’s Degree in Logistics eTshwane University of Technology, iziqu athi ziyamsiza ebhizinisini.

“Ukufunda i-logistics kulisize kakhulu ibhizinisi lami ngoba ngifunde ngemikhiqizo ehlukene nokubaluleka kokukhetha izindlela zokuyithutha le mikhiqizo ngendlela engeke iyonakalise.
“Ukuba nebhizinisi kungifundise ukubaluleka kokubekezela nokuphokophela noma izimo zibheda. Okunye wukuthi kumele ungazizwa sengathi uyisehluleki uma kungahambi kahle, funda emaphutheni akho uzitshele ukuthi uzokwenza kangcono ngokulandelayo,” kweluleka yena.
- Facebook: Lerato Makase