UMnu uBrian Modipa, umsunguli weThe Burger Yard yaseVosloorus, eGauteng, eyenza ukudla okusheshayo. Izithombe: Zithunyelwe

Uletha ukudla okusheshayo kwasesilungwini elokishini

WUTHOBILE ZWANE

UTHANDO lokupheka lwensizwa yaseVosloorus, eGauteng lwaqala isencane. Ikhumbula ibuka uhlelo The Naked Chef lukaJamie Oliver kwiSABC3 uma iphuma esikoleni, olwayigqugquzela ukubawumpheki.

UMnu uBrian Modipa, oneminyaka ewu-33, wafundela ukupheka eCapsicum Culinary Studio ngo-2012, lapho athola khona i-International Diploma in Culinary Arts, i-International Diploma in Pastry ne-Advanced International Management Diploma in Culinary Arts.

“Emva kokuphothula izifundo zami, ngasebenza emahhotela, ezindaweni ezihlukene zokudlela nasemakhishini kwaze kwabawu-2017. Ngazibuza ukuthi yini ehlukile engingayenza ngoba ekasi (elokishini) bekukhona amakota, inyama yenkukhu nokudla kwesintu. Impendulo yavele yacaca: kwafika ama-burger ne-pizza emqondweni wami.

“Ngafikelwa wukuthi kukhona izinkampani ezinkulu ezidayisa ama-burger kodwa azenzeli thina (abantu baselokishini). Ngafikelwa wumbono wokuthi angiwenze ngendlela yami ezobamnandi, ibenomsoco nobulokishi,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: Ukubhuntsha komsebenzi waphesheya kwamvulela umnyango webhizinisi

Ngo-2023 wasungula iThe Burger Yard, egxile ekwenzeni ama-burger, ama-wings nama-fries ngendlela engajwayelekile elokishini lapho kuvame khona ukudla okufana nekota, ishisanyama namagwinya. Amanani aqala kuR60 kuya kuR150, okwenza ukudla kwakhe kufinyelele kubantu abaningi.

I-combo yeThe Burger Yard

“Ngaqala kancane, ngenza okuncane enginakho, ngifunda ngendlela, ngenza amaphutha kodwa ngingayeki. Kancane, kancane abantu baqala ukubona umehluko. Baqala beza, baze baletha nabanye. Loko kwanginika amandla okuqhubeka,” kusho uModipa.

Manje le ndawo akuseyona nje indawo yokuthenga ukudla kuphela. Isiphenduke indawo edumile, evakashelwa abantu abavela ezindaweni ezahlukene, ngisho nezivakashi eziphuma koBrazil imbala.

I-burger econsisa amathe yeThe Burger Yard

Unezisebenzi ezinhlanu okubalwa naye ezisebenza ngokugcwele. Ukholelwa ekusebenzisaneni nabanye osomabhizinisi abasaqala, abacebise ngolwazi lwakhe ngoba ukholelwa ekutheni ikhona indawo kule mboni.

Eluleka abafisa ukuqala amabhizinisi, uthe: “Imali ayizi kalula. Gxilani ekwenzeni umsebenzi wenu kahle, imiphumela izolandela.

“Nginesifiso sokukhulisa iThe Burger Yard ibeyibhizinisi elikhulu elaziwayo, hhayi eVosloorus kuphela kodwa nakwezinye izindawo. Ngifisa ukuvula amathuba emisebenzi amaningi kubantu abasha nokwakha indawo lapho osomabhizinisi bengasebenzisana khona,” kuphetha uModipa.

Facebook: Theburgeryardza

Instagram: @Theburgeryardza

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page