Ungqongqoshe wezaManzi nokuThutha iNdle uMnu uSenzo Mchunu.s Izithombe: Zithunyelwe

Uhulumeni nezinyathelo zokuxazulula inkinga yamanzi KwaZulu-Natali. UNQOBILE NDLOVU uyabika

INKINGA yokukhuculula indle ekapakela emifuleni nasolwandle ayigcini eThekwini namaphethelo kuphela kepha yinkinga ebhekene neNingizimu Afrika yonke. Ilinganiselwa kuR2 billion ngonyaka imali ephumayo ukuzama ukuxazulula lezi zinkinga.

Usho kanje uNgqongqoshe wezaManzi nokuThutha iNdle ezweni uMnu uSenzo Mchunu kuleli sonto eThekwini, KwaZulu-Natali, lapho ehlangane khona neMeya yaleli dolobha uMnu uMxolisi Kaunda ukuzobhunga ngenkinga yamanzi nokuthutha indle esifundazweni.

Uthe: “IKwaZulu-Natali inabantu abawu-11.5 million, kuthi u-3.9m wabo ungaphansi kukaMasipala waseThekwini. Bonke laba bantu banelungelo lokuthola amanzi ahlanzekile, ngakho sijabule ukuthi uhlelo lwethu lokuxazulula inkinga yamanzi oseluneminyaka emine lukhona, Umkhomazi Water Project, luthela izithelo kuMasipala waseThekwini, owaseMgungundlovu, oweLembe, oGwini naseHarry Gwala.”

Ekhuluma ngezinkinga eziholela ekushodeni kwamanzi esifundazweni, uMchunu uthe indaba isemapayipini avuzayo, wukwebiwa kwamapayipi aphakela umphakathi ngamanzi nokuthi ingqalasizinda yamanye awo isindala.

Uthe phakathi kwezindlela abazisebenzisayo ukuzixazulula, wuhlelo iVulindlela Water Scheme ezosiza abantu abalinganiselwa ku-350 000 baseMgungundlovu, yiSpring Grove Water Treatment Plant neBruntville Reservoirs aseMooi River azosiza ukuphakela amanzi imizi ewu-1 329.

Ungqongqoshe wethule ibhodi entsha yoMngeni Uthukela Water enamalungu awu-12, ngemva kokuhlakazwa kwendala.

UNgqongqoshe wezaManzi nokuThutha iNdle uMnu uSenzo Mchunu, iSekela lakhe uNksz uJudith Tshabalala nebhodi entsha yoMngeni Uthukela Water

“Le bhodi egabe ngamalungu aneziqu kwi-accounting, ezobunjiniyela, umthetho nesayensi – nezoholwa wu-Advocate uVusi Khuzwayo – izolekelela umNyango ukwenza ngcono indlela abantu abathola ngayo amanzi, yandise imali yokuqinisekisa ukuthi abantu baphakelwa amanzi ngendlela efanele bese iqhamuke namacebo okuheha abatshalimali,” kusho uMchunu. 

UKaunda uthe bayiqonda ngokuphelele inkinga yamanzi ebhekene nabantu baseThekwini, wathi banethemba lokuthi bazoyixazukula ngokushesha nabambisene nabo.

Uthe bahlela ukuvuselela amamitha akala amanzi asetshenziswa ngabantu nsuku zonke ukuze bezobona ukuthi kudingeka amanzi angakanani, waveza ukuthi ulwandle lwaseThekwini obeluvaliwe ngenxa yendle ebikapakele kulona seluvuliwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page