Ezokuvakasha kulindelwe zingenise uR1,9 billion eKZN ngalobu busika
INTATHELI YOMBELE
IKWAZULU-Natali ilungiselela isizini yezokuvakasha yasebusika ethembisayo, njengoba izibalo zikhombisa ukuthi zingaphezu kwango-920 000 izivakashi ezizovakashela lesi sifundazwe ngesikhathi samaholidi ezikole, kulindeleke ukuthi zingenise imali ecela kuR1,9 billion emnothweni wezokuvakasha.
Umbiko omusha wezibalo zezokuvakasha zasebusika wango-2026 uveza ukuthi ziwu-920 320 izivakashi ezilindeleke ukuthi zifike eKZN phakathi komhlaka-26 wangoJuni nomhlaka-20 wangoJulayi.
Loku kukhomba ukunyuka uma kuqhathaniswa nezivakashi eziwu-860 035 ezavakasha ngalesi sikhathi ngonyaka odlule. Izivakashi zaseNingizimu Afrika kulindeleke ukuthi zibewu-857 107 kanti ezivela kamanye amazwe zilinganiselwa ku-63 213.
Imali ezosetshenziswa yizivakashi kulindeleke ukuthi inyuke isuka kuR1,8bn ngonyaka odlule, iye kuR1,9bn kulo nyaka.
Ungqongqoshe wezokuThuthukisa umNotho, ezokuVakasha nezeMvelo esifundazweni uMfu uMusa Zondi uthe lezi zibalo zikhombisa ukuthi imboni yezokuvakasha isenamandla futhi iKZN isaqhubeka nokubayindawo ethandwa kakhulu izivakashi.
“Ukwanda okulindelekile kwezivakashi nemali ezoyisebenzisa kuwubufakazi obunqala bokuthi iKwaZulu-Natali isalokhu ingenye yezindawo eziheha kakhulu eNingizimu Afrika. Nakuba isimo somnotho zisacikizela kodwa abantu abavakashayo basaqhubeka nokwazisa izindawo ezinezinto ezihlukile kanti isifundazwe sethu sihlinzeka izinto ezinkulu ngokwezindawo zaso zasolwandle, imvelo, amasiko, ezokungcebeleka, amagugu nokumukela izivakashi ngezandla ezifudumele,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/05/08/konke-kumi-ngomumo-nge-africas-travel-indaba/
UZondi uthe lesi sifundazwe simandla kakhulu ngokuhlanganisa izinhlobo ezihlukene zezindawo nezinto ezijatshulelwa yizivakashi esifundazweni esisodwa.
“Zimbalwa izindawo ezinika izivakashi ithuba lokujabulela imicimbi emikhulu yezemidlalo neyokuzijabulisa, amabhishi asezingeni lomhlaba, izindawo zokuphumula ezintabeni, amasiko, izilwane zasendle nemicimbi yamafilimu nobuciko esifundazweni esisodwa,” kusho uZondi.
Isikhathi sasebusika silandela impumelelo yomjaho iComrades Marathon, ohehe abagijimi ababalelwa ku-24 000, okubalwa kubona cishe abawu-2 500 bakwamamye emazweni angaphezu kwawu-80. Lo mfutho uzoqhubeka nemicimbi emikhulu okubalwa kuyona iHollywoodbets Durban July, iBallito Pro, iDurban International Film Festival, amakhonsathi, imikhosi yamasiko nemicimbi yezemidlalo ezindaweni ezihlukene esifundazweni.
Umkhakha wezindawo zokuhlala nezokuvakasha uwamukele kahle lo mbono omuhle. Usihlalo kazwelonke weFederation Hospitality Association of Southern Africa uMnu uBrett Tungay, uthe: “Izindawo zokuhlala KwaZulu-Natali zibika izimpawu ezikhuthazayo zokubekisa indawo nesidingo esikhulu sezivakashi zezwe nezivakashi zesifunda. Amazinga ezivakashi ezindaweni zokuhlala ahamba kahle esifundazweni, ikakhulu ezindaweni ezibalulekile kwezokuvakasha ezinjengeTheku, oGwini oluseNyakatho, oKhahlamba naseMidlands.”
UZondi uthe ezokuvakasha zisalokhu zingeminye wemikhakha ebaluleke kakhulu emnothweni wesifundazwe ngenxa yamandla azo okuseka amabhizinisi amaningi nokuvula amathuba kuzo zonke izigaba zale mboni.
“Ukuchuma kwezokuvakasha akuzuzisi amahhotela nezindawo ezinhle kuphela futhi kusiza izindawo zokudla, abezokuthutha, ama-tour guide, abahleli bemicimbi, abenza imisebenzi yezandla, amabhizinisi omphakathi namabhizinisi amancane amaningi aphila ngezivakashi. Esigxile kukona wukuqinisekisa ukuthi ukusimama kwezokuvakasha kuholela emathubeni omnotho anomphumela omuhle kuzo zonke izifunda zaKwaZulu-Natali,” kusho yena.
