UNksz uNokwanda Nkosi, umnikazi weKwandintando Farming yaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Ohlale enamasu okugwema ukusebenzela omunye umuntu uchuma ngokufuya onogwaja. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

WAKHULA kubo benganikwa imali yokuphatha esikoleni, kunaloko bedayisiswa oncamnce ukuze bathole imali yokuthenga abakufunayo, bangaceli yonke into kubazali babo.

Lwatshaleka kanjalo uthando lwebhizinisi kuNksz uNokwanda Nkosi, osungule iKwandintando Farming, inkampani yezolimo efuye onogwaya bese idayisa umanyolo nomchamo wabo kwabafuna ukuvundisa izingadi zabo.

Umanyolo wonogwaja eKwandintando Farming ubiza uR50 u-5Kg noR500 u-70kg, kuthi umchamo udayise ngoR70. 

Ngaphambi kokuqala leli bhizinisi wayevele ewumuntu ohlale ezama amabhizinisi ehlukene ukugwema ukusebenzela omunye umuntu. “Sengikhulile ngiqale ibhizinisi lokucwala izinwele, ngidayisa nemikhiqizo yokuziphaqula,” kusho uNksz uNkosi waseMbali, eMgungundlovu, KwaZulu-Natali.

Onogwaja beKwandintando Farming

Ngo-2011 wenze i–BTech in Nursing eDurban University of Technology, ophikweni iNdumiso, eMgungundlovu, kodwa washiya phakathi ngo-2016 ngenxa yenkinga yemali nathi kumnike isikhathi esanele sokuqala ibhizinisi agxile kulona ngokuphelele.

“Ngisebenze kwenye inkampani eyenza oncamnce ngasekhaya ngo-2021, ngasebenza nakwenye yokucwala ikhanda kodwa ngangagculiseka umholo, ngabona kukuhle ukugxila entweni yami,” kusho yena.

Ngokubona ukuthi ukucwala ikhanda nokudayisa imikhiqizo yokuziphaqula akwenele, wathenga onogwaja ababili ngoR200 ngoMashi nyakenye kanti bazozala ubuthaphuthaphu.

“Ngiqala leli bhizinisi benginonogwaja ababili kuphela, kwathi ngokuzalana kwabo banda impela nje. Manje sebengaphezu kuka-80, kwamina ngiyehluleka ukubabala kahle ngoba bazala njalo.

“Engikuqaphelile ngingena kule ndima wukuthi bambalwa abantu abafuye onogwaja, kanti ocwaningweni lwami ngathola ukuthi umanyolo nomchamo wabo kusiza kakhulu ukuvundisa kwabatshalile, ngakho ngidla kakhulu ngokudayisela abakudingayo,” kulanda uNksz uNkosi.

Yize ibhizinisi lihamba kahle kodwa inkinga esibhekene nayo wukuthi onogwaja badla njalo, futhi bathanda ukudla okunempilo nokumba eqolo kodwa akakhathazekile ngoba leyo mali iyabuya enzuzweni.

“Okunye wukuthi unogwaja uzalwa ungaboni emehlweni futhi ungezwa emadlebeni, okuphoqa ukuthi unakakelwe ngokuphindiwe ukuze ungazilimazi, futhi kudingeka uwugcine endaweni efudumele ukuze ungaguli.

Mayelana nezinhlelo zangomuso, uthe: “Ngifuna ukugcina sengidayisela izitolo inyama yawo, ngicije nabantu abasha.”

  • Facebook: Kwanda Nkosi
  • Instagram: kwandankosi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page