I-Toyota Hilux entsha ezokhiqizwa eProspecton, eThekwini, KwaZulu-Natali. Isithombe: Sithunyelwe

I-Toyota itshale uR10,4 billion ukukhiqiza iHilux entsha eNingizimu Afrika

YINTATHELI YOMBELE

NAKUBA inkampani ekhiqiza izimoto iToyota South Africa Motors itshale izigidigidi zamarandi ukukhiqiza iveni layo elithandwayo iToyota Hilux eNingizimu Afrika kodwa ithi kufanele kubenemithetho nengqalasizinda ezolekelela ukukhula kwemboni yezimoto.

Isikhulu esiphezulu seToyota South Africa uMnu u-Andrew Kirby sithe ukutshala kwabo imali embonini yabo eseProspecton, eThekwini, KwaZulu-Natali, kukhombisa ukuthi bayalithanda leli zwe futhi bazimisele ukukhulisa imboni yezimoto.

“Emalini esiyitshalile kukhona uR3,2 billion wezakhiwo ezintathu zeHilux entsha, okukhona isikhungo esizohlala izimoto esibiza uR1bn, indawo yokwakha oshesi enobuchwepheshe obuqinisa oshesi obusezingeni eliphezulu emafemini eToyota kwamanye amazwe. Kukhona neyokushisela oshesi, nayo enobuchwepheshe ezoqala ukusebenza ngoJuni wonyaka ozayo,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/08/13/itheku-lizophucula-ingqalasizinda-yekomkhulu-letoyota-ngor450-million/

Uthe uR7,2bn bawutshale endaweni yokukhiqiza iHilux entsha efemini, nayo inobuchwephe obuthuthukile futhi batshalile nakubantu abazosebenzisana nabo.

Ukukhiqiza iToyota Hilux entsha kuvule amathuba ezindawo zezinsimbi zokwakha iToyota eziwu-210 zalapha ekhaya, ezizodala imisebenzi emisha ewu-1 040.

“Sidinga uhulumeni uqinisekise ukuthi imithetho ivuna izinkampani ezikhiqiza izimoto kuleli zwe. Sifuna nengqalasizinda yokuthutha iphucuke futhi kubenokusebenzisana okuhle phakathi kwemboni ezimele nohulumeni,” kusho uKirby.

Uthe banamasu okubhekana nezinselelo ezintsha ezithinta imboni yezimoto, abale kuzoNA nezimoto ezishibhile ezikhiqizwa eChina.

Umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa, ongafikanga kulo mcimbi kodwa okhulume nge-video, uthe njengoba iToyota iqhubeka nokutshala imali ezweni ayigcini nje ngokudala imisebenzi kodwa iphucula namakhono ezisebenzi zayo ezingaphezu kwango-8 500 ezweni. Uyigqugquzele ukuthi iqhubeke nomsebenzi omuhle ewenzayo.

I-Hilux entsha izodayisa emazweni ahlukene okukhona kuwona ase-Afrika nawaseYurophu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page