Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noZabelo Hlabisa, omodelayo,  owusomabhizinisi nomphathi weBorn To Model Academy. Uphethe isicoco sikaMiss Earth SA 2023

Usemncane wawuphiwa imali? 

Yebo, ngangiphiwa, ikakhulukazi ngoba ngangiyingane ethumekayo nethembekile,  okwakwenza abantu bathande ukungipha imali uma bengithumile.

Waaqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaqala ngo-2014 ngizokwenza unyaka wokuqala enyuvesi, ngayivula eNedbank.

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngifunde ukuthi imali inamandla okushintsha izinto nabantu; kangangokuthi yenza abanye abantu benze izinto ezimbi ukuze bayithole.

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Angikaze ngiqashwe ngokugcwele ndawo kodwa ngaqala ukuhola ngenza ama-promotion ngo-2015, ngihola uR90 ngehora.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Yize ngingasakukhumbuli kahle konke kodwa ngiyakhumbula ukuthi enye ngakhokha irenti ngoba ngangiseyisitshudeni enyuvesi, kanti ngangingahlali ezindlini ezihlala izitshudeni. Enye ngayithumela ekhaya ukuthi babone benzani ngayo.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Kuningi kodwa okumqoka kakhulu kimina wukwakhela umama umuzi, yize ngingakaqedi kodwa ngiziqhenya kakhulu ngaloko.  

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Elokusebenzisa imali engangiyibekele ukwenza enye into, ngayitshala ebhizinisini, yacwila.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Cha, angikaze.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Esokuthi imali kumele uyonge futhi uyibeke ukuze izalane yande nokuthi imali oyibekayo noyisebenzisa nyanga zonke kumele uyehlukanise ngama-akhawunti.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingakha umuzi wami, ngiqale ibhizinisi lokufuya onogwaja bese enye ngiyisebenzisa ukuthola ihhovisi lokusebenza lenkampanini yami iBorn To Model Academy.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi abasebenzise imali ngokucophelela, bagweme ukuthenga izinto ezibizayo nezingenasidingo.

WuSimangaliso Ntshangase

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page