Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMbali Malimela, imbongi nomhleli wemicimbi. Waziwa ngenkondlo ethi Isibeletho, kanti usenandise emicimbini eyahlukene kuleli zwe kubalwa nePoetry Africa, wanandisa naseNigeria imbala

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Cha, ngangingaphiwa ngenxa yokuthi umama wayengasebenzi ngisakhula. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaqala sengenza uMatikuletsheni, ngayivula ePost Bank. 

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi ukungabi namali kuyenza abantu bakweye nokuthi kubalulekile ukuyiphatha kahle uma unayo. 

Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngaqala ngo-2021, ngihola uR3 500 ngenyanga. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngenxa yokuthi ngangisebenzela kude nasekhaya ngaleso sikhathi, leyo mali yayiphelela ezidingweni zanyanga zonke, igrosa, irenti nokunye. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukwakha ekhaya nokuthwala izindleko zokufunda zikadadewethu. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukungabi nohlelo oluqondile lokuthi ngizoyisebenzisa kanjani ngingakayitholi, okwenza ngigcine ngiyisebenzisa budlabha kwesinye isikhathi. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Cha, angikaze. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Esokuthi emalini encane oyitholayo, qinisekisa ukuyisebenzisa ngendlela efanele, enye uyibekele (ikusasa). 

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingathuthukisa ibhizinisi lami lezimpahla zokugqoka iBantu Origin, ngilekelele nabanye abantu ezintweni ezinhle abazenzayo. 

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi abaqikelele ukubeka imali kuloko okuncane abakutholayo ukuze impilo ingabi nzima uma kungekho mali engenayo ngaleso sikhathi. 

– WuSimangaliso Ntshangase

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page