Inkomba yomnotho yokuthi abathengi bazizwa kanjani ngesimo somnotho wezwe ngenye yezibalo ezizobhekisiswa kuleli sonto. Isithombe: yiShutterstock

Umphumela wamanani kawoyela uzoveza inkomba yokuzizwa kwabathengi

YINTATHELI YOMBELE

KULELI sonto kwizibalo ezimqoka zomnotho eNingizimu Afrika into ezobhekwa ngamehlo abomvu yi-FNB/BER consumer confidence index, inkomba yomnotho yokuthi abathengi bazizwa kanjani ngesimo somnotho wezwe.

Lolu cwaningo lwenziwe phakathi kwangomhlaka-18 nomhlaka-29 wangoMeyi, ngesikhathi amanani kwawoyela esanyukile, isimo simanzonzo eStrait of Hormuz kanti abaningi abaphendule imibuzo yocwaningo bengakazi ngokunyusa imalimboleko kweBhange lomBuso.

Ngenxa yaloko lolu cwaningo kufanele lukhombise ukuthi imizi yabantu ibimisa kanjani ngesikhathi salesi simo ebesishubile emhlabeni jikelele. Ukwehla kwethemba kubathengi kungakhomba ukuhambisana nezinye izimpawu ngamanani aphezulu kaphethroli nokungabaza ngekota yesibili.

Ezinye izibalo zomnotho zizocacisa ngesimo somnotho. Kuzobhekwa i-business cycle indicator, inkomba eveza konke okwenzeka emnothweni, okungabawukukhula noma ukufadabala kwawo, kanti nezibalo zokudayisa izimoto zizokhombisa isimo sabathengi.

Ngemva kokukhishwa kwezibalo ze-consumer price index, isikali samanani ezidingo nezimpahla ezingaphezu kweziwu-400 zabathengi ezweni, ngoMeyi, kuzobhekwa izibalo zokwehla kwamandla emali zomkhiqizo.

FUNDA NALAPHA: Ukwehla kwamandla emali kusabhekwe ngabomvu

Phesheya izibalo zamabhizinisi zizobaseqhulwini. Izibalo ze-purchasing managers index, inkomba yesimo somnotho sokudayisa nokudingeka kwezimpahla ezidayisayo, zaseMelika nezaseYurophu, ikakhulu ukuthi iGermany neBhrithani liyabuya yini ithemba ngemva kokwehla kwamaphaphu ngobudlelwano phakathi kwamazwe nokuzinza kumanani kawoyela.

EMelika kuzobhekwa ngabomvu i-PCE price index, iBhange lomBuso elithanda ukuyisebenzisa ukukala ukwehla kwamandla emali, ukubheka ukuthi kusephezulu ngemva kokunyuka kwezibalo zamanani okuthenga nezezisebenzi. – Le mininingwane itholakale kwiBurea for Economic Research

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page