UNks uNomsa Chabeli usephethe izintambo eSABC. Isithombe: Sithunyelwe

Kuqokwe isikhulu esiphezulu esisha eSABC

INKAMPANI yokusakaza yomphakathi iSABC iqoke uNks uNomsa Chabeli ukuthi abeyisikhulu esiphezulu esisha sayo.  

Esitatimendeni iSABC esikhiphe izolo ithe uNks uChabeli unamava ekukhangiseni nasekuphatheni ezinkampanini ezihlukene okukhona kuzo iMTN, iMultichoice, iSAB, iBrand South Africa, iGCIS ne-Edcon. Uneminyaka engaphezu kwengu-20 esebenza.

“Esikhundleni ayesiphethe eMTNSA, ube nesandla esikhulu ekutheni iMTN ibe yinkampani eyaziswa kakhulu eNingizimu Afrika futhi yaqokwa njenge-Brand of the Year ngo-2022. Ngokuqhamuka nezindlela ezintsha zokukhangisa nokugqugquzela ubuciko, uNks uChabeli akaphakamisanga nje amagama ezinkampani abezinakekela kodwa uzakhele negama embonini,”  kusho iSABC.

Amanye amagalelo aziwa ngawo awokuhola ezokukhangisa nokuxhumana ngesikhathi kukhankaselwa ukuthi iNdebe yoMhlaba ibeseNingizimu Afrika ngo-2010, okwaba yimpumelelo. Uke waba wumqondisi wokukhangisa we-ICC Cricket World Cup ngo-2003 futhi uke wahlanganisa amaqhinga amaningi okukhangisa nezokuxhumana ezigcawu weWorld Economic Forum.

Uneziqu i-MBA zaseHenley Business School kanti umatasa ne-Master’s in Digital Business eWits Business School. 

Ephawula ngokuqokwa kwakhe, uNks uChabeli uthe: “Kuyangijabulisa ukuba yisikhulu esiphezulu esisha seSABC. Yinhlangano lena enomlando ojulile wokusakazela umphakathi kanti ngizibophezele ukuqhuba umsebenzi wayo nokuqinisa imizamo yokuphucula indlela engenisa imali ngayo, okuzoba yisisekelo sempumelelo. Ibhekene nezinselelo zokushintsha kwezinto ngenxa yobuchwepheshe, sizosebenzisana ukwenza izinto ngendlela entsha nokuxhumana nabantu ukuqinisekisa ukuthi izinhlelo zethu ziyakhuthazana, ziletha ulwazi futhi zihambisana nabantu abahlukene esibasakazelayo.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page