Intokazi yemiswenko yenza izicathulo zamadoda zokuswenka
WUTHOBILE ZWANE
KUBANTU abaningi ukuwa kwebhizinisi kusho ukuphela kwezifiso zabo. Kepha kwintokazi yaseFree State kwabayisiqalo sempilo entsha.
UNksz uLerato Makhisa, waseBloemfontein, wasungula iRibbons Collection ngemva kokuvala kwebhizinisi lakhe lokucwala izinwele. Yenza izicathulo zokuswenka zabantu besilisa namabhande esikhumba. Izicathulo ziqala kuR2 850 kuya phezulu, kuye ngohlobo nesidingo zekhasimende.
Ngemva kokubanendawo yokucwala izinwele, uNksz uMakhisa wavula elinye lokudayisa izingubo, izicathulo, izinwele, izibuko nezinye izinto ezithandwa ngabesifazane ayezi-oda phesheya. Konke kwakuhamba kahle kwaze kwafika i-Covid-19.
Uthi: “Ngesikhathi kuvalwa yonke into ezweni, ngangingasakwazi ukuthola izimpahla nama-oda amakhasimende. Kwakuyisikhathi esinzima kakhulu.”
Esikhundleni sokudikibala, uthe waxoxa ngezinkinga zebhizinisi lakhe nomngani wakhe. Lowo mngani wamxhumanisa nomuntu owenza izicathulo zesikhumba eNingizimu Afrika. Yilapho aqala khona ukufunda ngokwenza Izicathulo, kwavela khona umqondo wokuqala ibhizinisi. Wasungula iRibbons Collection ngo-2020.

Olunye uhlobo lwezicathulo ezenziwa yiRibbons Collection
Uthi usesebenze iminyaka engaphezu kweyishumi ezitolo ezidayisa izingubo zabesilisa, lapho efunda khona kabanzi ngokudayisa, ukumaketha nokwazi okufunwa amakhasimende. Ngaphezu kolwazi aluthola emsebenzini, unesifiketi se-Business Administration and Management saseMotheo TVET College.
Ngemva kokusungula ibhizinisi, wavula nefemu encane eyenza izicathulo. Ngesikhathi umsebenzi umningi, le femu yakwazi ukuqasha izisebenzi eziphakathi kwezinhlanu nesikhombisa emkhakheni wokwenza izicathulo, ukupakisha nokuthutha impahla.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/11/20/othanda-ukufukula-umphakathi-usenza-izicathulo-zamabhunu/
Ngenxa yezinselelo zokukhiqiza, waphoqeka ukuthi ayivale le femu. Akuzange kumenze ukuthi ayeke. Waqhubeka nebhizinisi lakhe ngokukhiqiza izicathulo phesheya, ngesikhathi eqhubeka nokuzidayisa online.
“Isifiso sami asikashintshi. Ngisafuna ukuvula ifemu eNingizimu Afrika ezokhiqiza izicathulo ezisezingeni lomhlaba futhi idale amathuba emisebenzi entsheni,” kusho yena.

I-Ribbons Collection yenza nama-brogues
Yize ibhizinisi lakhe selidayisela amazwe anjengeLesotho, iBotswana neSwatini, uthi akakaze athole usizo lwezimali kuhulumeni. “Ngiqale ibhizinisi lami ngemali yami nangosizo lwabantu abaseduze nami. Bekungelula kodwa kungifundise ukusebenzisa enginako,” kusho yena.
UNksz uMakhisa uthi enye yezinselelo ezinkulu ukudayisa online. “Amakhasimende awakwazi ukukubona mathupha. Kufanele usebenze kanzima ukuze akwethembe futhi athembele ebhizinisini lakho.”
Iseluleko sakhe kubantu abafisa ukusungula ibhizinisi wukuthi bangalahli ithemba. Uthi: “Ungavumeli izinselelo zikwenze uyeke. Kwesinye isikhathi izinto ezingahambi kahle kodwa yizona ezikuholela empumelelweni.”
UNksz uMakhisa ufisa iRibbons Collection idlondlobale, ivule amathuba omsebenzi, ikakhulu kubantu besifazane nentsha, ifundise abantu amakhono okukhiqiza.
Facebook: @Ribbons_Collection
Instagram: @Ribbons_Collection

