Kunenhlasi yethemba ngendima esikhathulwe yiNingizimu Afrika ukuzikhipha kwi-greylist. USLINDILE KHANYILE
ININGIZIMU Afrika isikhathule indima enkulu ekulungiseni izinto ezabalulwa yiFinancial Action Task Force (iFATF) ezithinta kakhulu ukugcina imithetho eyenza amazwe agweme ukushushumbisa imali nabaxhasa izenzo zamaphekulazikhuni.
Lezi yizinto ezaziqhamuke kwi-2021 FATF Mutual Evaluation Report eyayibuyekeza izinhlaka zomthetho waseNingizimu Afrika nezinto onazo ukulwa nokushushumbisa imali nokunqinda abaxhasa izenzo zamaphekulazikhuni.
Isitatimende esikhishwe wumNyango wezeziMali siveze ukuthi umbiko lapho bekubuyekezwa khona indima esikhathulwe yiNingizimu Afrika iSouth Africa: Follow-up Report on Technical Compliance Re-rating, oshicilelwe ngesonto elidlule, uveze ukuthi ezintweni eziwu-20 okwathiwa kufanele zilungiswe, eziwu-15 sezifakwe ohlwini lwesezilungisiwe.
Loku kusho ukuthi njengoba ziwu-40 iziphakamiso okufanele zilandelwe ukuze izwe lithathwe njengelikwenza konke okufanele, iNingizimu Afrika ihambisana ngokuphelele neziwu-35, okusho ukuthi kusele kancane ikugcine konke okulindelekile.
Lo mbiko ushicilelwe ngenxa yesicelo esenziwe yiNingizimu Afrika sokuthi ibuyekezwe emva kokuphasiswa kwemithetho emibili ebichitshiyelwa ekupheleni kwango-2022, i-Anti-Money Laundering and Combating Terrorism Financing Act No 22 of 2022 ne-Protection of Constitutional Democracy Against Terrorism and Related Activities Amendment Act No 23 of 2022.
Lezi zinto zibe nesandla ekutheni iNingizimu Afrika ifakwe ohlwini olubizwa nge-greylist. Wuhlu lolu okufakwa kulona amazwe athathwa ngokuthi imithetho yawo ayiqinile ngokwanele ukunqanda izigebengu ezishushumbisa imali futhi okwenza kube lula kubantu abaxhasa izenzo zamaphekulazikhuni.
Umnyango ugcizelele ukuthi nokho lo mbiko awushongo lutho ngomsebenzi osuwenziwe yiNingizimu Afrika ngomphumela wezinto esizenzile kusukela yafakwa kwi-greylist ngoFebhuwari.
Uthe umphumela womsebenzi osuwenziwe umqoka ukuze iNingizimu Afrika igcine iphumile kwi-greylist.

