Amabhizinisi awanike intsha ithuba – uRamaphosa
WULANGA KHANYILE
NIKANI intsha ithuba. Usho kanje umengameli wezwe uMnu uCyril Ramaphosa ngenkathi ekhuluma emcimbini wokugubha uSuku lweNtsha eFNB Stadium eGoli, eGauteng, ngoLwesibili.
Unxuse abaqashi nezimenenja ukuthi banike intsha ithuba ngokuyiqasha. “Ngifisa ukukhuluma ngqo nabaqashi baseNingizimu Afrika. Kuwo wonke umnikazi webhizinisi, yonke imenenja, nawo wonke umuntu onamandla okuqasha “ngithi” umuntu omusha ophambi kwakho akawaswele amandla. Uswele ithuba lokukhombisa loko.
“Ngininxusa ukuthi nivule umnyango. Qashelani (intsha) loko engakwenza, hhayi amava ayo kuphela. Nika umuntu omusha ithuba angakaze alinikwe,” kusho yena.
Kulo mcimbi bekukhona unggqongqoshe womNyango wabaNtu beSifazane, iNtsha nabaNtu abaKhubazekile uNks uSindisiwe Chikunga, usihlalo weNational Youth Development Agency, umsunguli nesikhulu esiphezulu se-One Young World uNks Kate Robertson nezikhulu zezinye izinhlangano zentsha.
URamaphosa uthe umbuzo esinawo ngemva kweminyaka ewu-50 kwabheduka izibhelu eSoweto ngomhlaka-16 wangoJuni ngo-1976 akusiwo othi ngabe intsha inesibindi sokushintsha izwe. Uthe intsha yango-1976 yawuphendula lowo mbuzo. “Umbuzo osihlalele owokuthi ingabe iNingizimu Afrika yenza okwenele ukudala amathuba ahambisana nokuzidela kwayo.”
FUNDA NALAPHA: Intsha entulayo ewu-231 isilungele ukungena embonini yamabhizinisi
Uthembise abaqashi ukuthi uhulumeni uzobambisana nabo kulo mkhankaso. Uthe ziningi izinselelo izwe elibhekene nazo ngalesi sikhathi, njengokusweleka komsebenzi namathuba okubanamabhizinisi.
Uthe: “Kufanele sibeneqiniso ngezinselelo zethu. Bangaphezu kuka-4.7 million abantu abasha abangasebenzi. Izinga lentsha engasebenzi liwu-46%.
“Lezi zibalo zisho umuntu omusha ofuna ukusebenza, ofuna ukubamba iqhaza nofuna ikusasa. Zisho umfundi othumela indathane yezicelo zomsebenzi kodwa angatholi mpenduIo. Zisho usomabhizinisi omncane onomqondo webhizininisi kodwa ongakwazi ukuthola imali yokuqala ibhizinisi. Zisho ingcweti enekhono kodwa engalitholi ithuba lokukhombisa ithalente. Ngeke semukele ukuthi kulungile loku,” kusho umengameli.
Uthe yingakho uhululumeni kufanele ubhukule ngokushesha ukuxazulula lezi zinselelo. Uthe zintathu izinto uhulumeni ozibeke eqhulwini ukubhekana nalezi zinselelo.
URamaphosa uthe: “Okokuqala, sandisa ukuqasha kuhulumeni, imisebenzi yentsha nokuthwasisela intsha umsebenzi. “Bangaphezu kuka-5.7m abantu abasha asebebhaliswe kwiSA Youth.mobi. Kubona, bangaphezu kuka-2m asebehola.”
Uthe uhlelo lukamengameli i-Presidential Employment Stimulus isidale imisebenzi kubantu abebengasebenzi abangaphezu kuka-2,5m kanti kubona abawu-82 % yintsha.
Uthe isikhwama sokwandisa imisebenzi sithela izithelo, njengoba esigabeni sokuqala sokuhlola i-Jobs Boost Outcomes Fund kubhaliswe intsha engaphezu kwewu-9 000 kanti kuyona sekuqashwe engaphezu kuka-7 200.
Wengeze ngokuthi: “I-National Youth Service evuselelwe isivulele intsha engaphezu kwewu-130 000 amathuba okuqashwa, kwathi enye ewu-100 000 yafakwa emisebenzini yomphakathi.
“Okwesibili, sihlela kabusha indlela yokufundela amakhono ukuze izitifiketi zidale amathuba nokusungula amabhizinisi ngqo. Yingakho siqinisa ama-TVET college ukuthi abeyizizinda zamakhono ezizohlanganisa abaqashi namaSeta ngokwezidingo zomnotho,” kuqhuba yena.
Umengameli uthe: “Okwesithathu, sizovulela intsha umnotho. Eminyakeni emithathu ezayo, uhulumeni uzotshala uR1 trillion kwingqalasizinda. Le mali izodala imisebenzi yobungcweti, ithuthukise amakhono, idlulise ulwazi futhi ithuthukise amabhizinisi abantu abasha.”
Uthe umNyango wamaBhizinisi amaNcane uzoxhasa amabhizinisi amancane naphakathi nendawo.
“I-Public Procurement Act yenza ukuthi sikwazi ukuthenga nokwenzela umsebenzi amabhizinisi abantu abasha…”
Uthe wumsebenzi kahulumeni nemboni ezimele ukuxazulula inselelo yokungabibikho kwemisebenzi.
“Nge-Employment Tax Incentive, sesivele sibambisene ukufaka umuntu omusha emsebenzini wakhe wokuqala. Sizolwandisa lolu sizo ngoba kunzima kakhulu ukuthola umsebenzi wokuqala.”

