Usihlalo weKomiti lokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu UDkt uZweli Mkhize ubize umhlangano ophuthumayo ePhalamende kuzobhunga ngemali yezibonelelo zomasipala egodlwe wumGcinimafa. Isithombe: Sithunyelwe

Luya ePhalamende olukaR13,5 billion womasipala abangenzi kahle 

WUBONISWA MOHALE 

USIHLALO wekomiti lokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uDkt uZweli Mkhize umemezele ukuthi kuzobanomhlangano ophuthumayo wokubhunga ngemali egodlwe wumGcinimafa ewuR13,5 billion yomasipala abahluleka ukuphatha imali.

“Emva kweziphakamiso zamalungu ekomiti sibone kubalulekile ukuthi kubenomhlangano ophuthumayo ozobanongqongqoshe womNyango wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uMnu uVelenkosini Hlabisa, owomNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana, iSouth African Local Government Association nosihlalo bamakoti ezimali. Lo mhlangano uzoba ngoLwesihlanu,” kusho yena esitatimendeni izolo.

Uthe izinhlaka ezithintekayo zikhala ngokuthi imali egodliwe eyezibonelelo futhi abakufunayo bona wukuthi kutholakale isisombululo sezinselelo zomasipala abathintekayo. 

UGodongwana ukubeke kwacaca ukuthi imali egodliwe ngeyomasipala abangayisebenziseli esuke yabelwe kona futhi abaphasisa iSabelomali bengenayo imali futhi bamose imali ekhona bagcine bengasazikhokheli nezidingo ezibalulekile, okukhona kuzona amanzi nogesi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/09/asijezisi-omasipala-kodwa-siyabalungisa-umgcinimafa/

Uthe omasipala abathintekayo bazoyithola imali egodliwe uma bekhokhela ababakweletayo, okukhona i-Eskom namabhodi aphakela omasipala amanzi. Kufanele labo masipala balungise nokunye umGcinimafa akhala ngako futhi balethe nobufakazi obuphathekayo obufakazela ukuthi isimo sesilungile.

Isazi somnotho esizimele uSolwazi uBonke Dumisa sithe umGcinimafa unegunya lokugodla imali yomasipala abamosa imali futhi abangayisebenzisi ngendlela efanele. Uthe loku kuzoqinisekisa ukuthi bahlinzeka izidingo futhi imali bayiphatha ngendlela esemthethweni.

“Isinqumo esithathwe wumGcinimafa asijwayelekile kodwa bekufanele asithathe. Kufanele ubambe imali yomasipala abangayilandeli imithetho ngoba loko kuphazamisa ukuthumela izidingo kubantu. Okufanele sikuqonde wukuthi umGcinimafa usenesikhathi eside uxoxa nalabomasipala kodwa bengazenzi izinguquko ezifanele.

“Siyazi sonke ukuthi i-Eskom ngeke icimele umasipala ugesi noma kuvalwe amazi aya komasipala ngoba izinkantolo zizothi kujeziswa abakhokhayo nabangenamandla okukhokhela izidingo. Lesi sinyathelo sifanele futhi sizophoqa omasipala ukuthi benze okufanele bakwenze,” kusho yena.

Umfelandawonye wezinyunyana iSouth African Federation of Trade Unions uthe omasipala abangayisebenzisi ngendlela efanele imali kufanele bajeze ngoba abazihambisi izidingo kubantu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page