I-Durban Container Terminal, elinye lamachweba eTransnet Port Terminals, izothola imishini emisha. Isithombe: Sithunyelwe

I-Transnet Port Terminals izothola imishini emisha emachwebeni

  • I-TRANSNET Port Terminals (iTPT) isayine isivumelwano seminyaka eyisikhombisa nezinkampani ezine ezikhiqiza imishini emqoka esetshenziswa emachwebeni, okubalwa kuwona neDurban Container Terminal Pier 2. 

Umphathi weTPT eThekwini uMnu u-Earle Peters uthi loku kuzophucula umsebenzi ngo-30% emasontweni amabili ezayo ngoba kuzokwandisa imishini esetshenziswa ukuthulula ama-container. Le ngxenye yechweba igxile ekukhuphuleni isibalo sezimpahla ezithuthwa ngosuku. 

  • I-FINANCIAL Sector Conduct Authority (iFSCA) ixwayise abantu ukuthi baqaphele uma usebenzisana ne-Ever Grow Matrix. Ithi ithole ukuthi i-Ever Grow imema umphakathi ukuthi utshale uR300 kanti uma umuntu esengenile, kufanele ameme abantu ababili abazongena batshale imali. 

Abantu kuthiwa imali kufanele bayifake kwi-akhawunti yeSAMMAG, umqondisi wayo okuyisikhulu esiphezulu se-Ever Grow. 

I-FSCA isidlulisele udaba kwabagunyazwe ukuphenya “amabhanoyi”.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page