Umsiki wengqephu ugabe ngezimpahla ezingakhethi bulili ongenisa kwezinye izifundazwe. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE
ABASIKI bengqephu abaningi bathunga izimpahla ngendlela efanayo, kwehluke kancane emibaleni yemisiko yabo nendlela abasika ngayo imikhiqizo yabo.
Yileso sizathu esenze uMnu uSipho Mbuto, umsunguli wenkampani yengqephu ayiqambe ngegama lakhe nesibongo (ngenhloso yokuthi ingene kalula emiqondweni yabantu), enze izinto ngendlela engandile embonini yemfashini.
UMbuto udabuka ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natali kodwa osezinze eThekwini, lapho agxile khona ngebhizinisi lokusika ingqephu aliqale ngo-2018.
Ekhula wayehlukile kontanga yakhe abebethanda ezemidlalo, yena ezifela ngengqephu, okwakumenza ahlale efunda amaphephabhuku ejabulela ukubona imisiko yosaziwayo kuwona.
“Yingakho emva kokuphothula uMatikuletsheni ngafundela imfashini eDUT eDurban University of Technology) ngo-2015, ngenzela ukuqonda kabanzi ngalo mkhakha ngaphambi kokuqala ibhizinisi lawo,” kusho yena.
Ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wakhe uyehluka kowabanye, ukhiqiza imisiko evulekile nengagqokwa yinoma wubani, kungakhathelekile ubulili – into athi imsiza kakhulu ukuheha amakhasimende athanda umsebenzi wakhe.
“Izimpahla zami zithandwa kakhulu ngamaciko njengoba kumanje sengigqokise osaziwayo engingabala kubona umculi uMnqobi Yazo, uZawadi Yamungu, imbongi uSindiswa Zulu nomlingisi uSthandiwe Kgorogo,” kusho uMbuto.
Nakuba ibhizinisi lakhe lizinze eThekwini kodwa amakhasimende akhe amaningi aseGoli naseKapa, athi nakuba kusiza ukukhulisa nokusabalalisa umsebenzi wakhe kodwa kunenselelo ebhizinisini.

“Kuyenzeka kuthi sengithumele izimpahla ekhasimendeni ingaleneli, kuphoqe ukuthi liyibuyise, ngiyenze kabusha, okushaya ephaketheni ngoba kuyabiza ukuthumela izimpahla ezindaweni ezikude naseThekwini.
“Enye inkinga wukuthi kusenzima kakhulu ukuthola usizo lokufukula amabhizinisi ethu ezinhlakeni zikahulumeni, nokuthi akulula ukudayisela izitolo umkhiqizo engiwenzayo ngoba sezijwayele izingubo ezijwalekile,” kulanda yena.
Imikhiqizo kaMbuto iqala kuR1 000 kuya phezulu. Okwamanje usebenza yedwa ebhizinisini kodwa njalo ngonyaka uthatha amathwasa afundela imfashini awafundise ukwenza umsebenzi ukuze achume kule mboni.

UMbuto uwumuntu ozihlupha ngolwazi lomkhakha wakhe. Bheka nje ngoba usebuya eGhana, eGhibhithe nase-Italy emibukisweni ehlukene nezigcawu zokucobelana ngolwazi. “Kula mazwe bayazisa kakhulu le mboni futhi babeseka ngayo yonke indlela abasiki bengqephu bakhona ukuqinisekisa ukuthi bayakhula endimeni; into thina esingayenzi ngokwanele lapha eNingizimu Afrika.
“Yingakho ngiphosela uhulumeni inselelo yokuthi wandise izinhlelo zokweseka umsebenzi wobuciko esiwenzayo ngendlela okwesekwa ngayo ezemidlalo nomculo ukuze nathi sithuthuke futhi singadikibali kwesikwenzayo,” kusho yena.
Uphethe ngokuthi ufisa ukugcina esenezitolo ezidayisa umkhiqizo wakhe, asebenzisane nabanye abasiki bengqephu ukufukulana kubhekwe phambili.
- Facebook: Sipho Mbuto Sipho
- Instagram: siphombuto