Abantu sebevuleke amehlo ngokuhlelela umhlalaphansi – ucwaningo olusha
WUSLINDILE KHANYILE
Ebika eseGoli
SIYANDA isibalo sabantu asebezihlupha ngezindaba ezithinta impesheni eNingizimu Afrika, okufaka nabahola imali encane. Nokho abaningi kusaba yinto abayicabangayo, hhayi abayisukumelayo.
Loku yiyonanto enkulu eqaphelekile ocwaningweni olubheka izindaba zomhlalaphansi olwenziwa minyaka yonke i-FNB Retirement Insights Survey.
Lolu cwaningo, osekuwunyaka wesine lwenziwa, luveze ukuthi bawu-73% abantu abeneminyaka engaphansi kwewu-60 asebenohlelo lomhlalaphansi, isibalo esinyuke sisuka ku-60% ngo-2025. Kubantu abahola kancane, isibalo sikhuphuke sisuka ku-19%, saya ku-48%. Kubantu abaneminyaka ephakathi kwewu-36 newu-54, isibalo sisuke ku-67%, saya ku-85%.
Isikhulu esiphezulu seFNB & FNB Retail and Business Banking uNks uLytania Johnson sithe yize kubakhuthaza ukuthi abantu abaningi sebenalo uhlelo ngomhlalaphansi kodwa kusabakhathaza ukuthi abakulungiselele kahle.
“Kusikhuthaza kakhulu ukubona abantu abahola kancane bezihlupha ngaloku njengoba kuyilapho isibalo sabantu abahlelela umhlalaphansi sinyuke khona kakhulu.
“Yize le miphumela iveza ukubangcono kwezinto kodwa iyasikhumbuza ukuthi ukuhlelela umhlalaphansi akugcini nje ngokonga kakhulu kodwa kuthinta nokuqonda ukuthi leyo mali oyibekile izokwanela yini ukuthi ukwazi ukuphila ngendlela ofisa ngayo uma ususempeshenini,” kusho uNks uJohnson.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/07/03/wu-10-kuphela-wabantu-abazimisele-ukuthatha-umhlalaphansi-ucwaningo/
Uthe okunye abakubonayo wukuthi into eyenza abantu bangaqondi kahle ukuthi bawulungiselele yini umhlalaphansi wukuthi kudingeka kuphuculwe indlela abalulekwa ngayo ukuze kuzwakale kangcono ukuze abantu baqonde okufanele bakwenze.
“Kuwumsebenzi wethu njengemboni (yezimali) ukulekelela abantu baseNingizimu Afrika baqonde ukuthi kufanele baqale kuphi, babeke ini eqhulwini nokuthi ukuhlelela impesheni bangakwenza kanjani kubeyinto eyingxenye yempilo yabo usuku nosuku,” kusho yena.
Lolu cwaningo lutshengise nokuthi abantu abawu-74% bathi izinto empeshenini zibiza kakhulu kunabakulindele nabakuhlelele, kuthi abawu-46% bathi izindleko zokunakekela impilo zingaphezu kakhulu kunabebekuhlelele.
Okunye okuvelile wukuthi izindleko zamakhaya, izidingo eziphuthumayo nokunakekela umndeni kuyaqhubeka nokufakela abantu ingcindezi uma sebesempeshenini.
Isikhulu esiphezulu seFNB Private Banking and Wealth Management uMnu uSizwe Nxedlana sithe okunye okubacacelayo wukuthi abakwazi ukuqhamuka nezisombululo ezizobopha wonke umuntu ngebhande elilodwa ngoba izidingo nezimo zabantu azifani, okusho ukuthi izinto okufanele bazicabange uma behlelela impesheni azifani.
“Imvamisa umhlalaphansi uthathwa njengesikhathi sokuphumula, ukuzimela nokubanezindleko ezincane kodwa imiphumela yocwaningo itshengisa ukuthi indlela izinto ezenzeka ngayo empeshenini ihlukile kakhulu kunaloko.
“Ukunyuka kwamanani okudla, izindleko zokunakekela impilo, umshwalense, ukondla nezinye izindleko eziqhamuka esikhaleni kudinga ukuthi umuntu ahlelele umhlalaphansi ngendlela ehlukile,” kusho yena.
UNxedlana uthe ezinye zezinto okufanele bazicabange uma bebheka izindlela zokulekelela amakhasimende abo wukuthi bangabusebenzisa kanjani ubuchwepheshe besimanje ukwenza indlela abantu abathola ngayo izeluleko ibelula.

