Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi sekuya ngamagama enkehli ngokulungisa omasipala. Izithombe: Zithunyelwe

Asibajezisi omasipala kodwa siyabalungisa – umGcinimafa

WUSLINDILE KHANYILE

KUYE ngamagama enkehli njengoba umNyango weziMali umemezele ukuthi uzogodla izibonelelo eziwuR13,5 billion zomasipala abawu-69 ngenxa yokungaphathi kahle kwabo imali nokuhluleka ukulungisa izinto akade bekhuzwa ngazo.

Lo mnyango wenze lesi simemezelo kuleli sonto njengoba uthe kade uzama ukubalekelela labomasipala ukuthi bayeke ukuphula umthetho olawula yindlela yokuphatha imali i-Municipal Finance Management Act (iMFMA).

Ngesikhathi kuthulwa iSabelomali sezwe ngoFebhuwari, umGcinimafa waxwayisa ngokuthi sesiphelile isikhathi sokuthi ihlazo lomasipala liloku ligqitshwa ngokuthi batakulwe ngemali eqhamuka kwezinye izindawo zikahulumeni. Wathi uhulumeni usuzoyeka ukungamela nokubayiso kuphela kodwa usuzongena shi ezindabeni zalabo masipala.

Ngaleso sikhathi ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana wakhala kakhulu ngomasipala waseGoli, eGauteng wathi udinga ukusukunyelwa.

Kulabo masipala abawu-69 ukhona nowaseGoli njengoba kuwona kugodlwe uR3,6bn okuthiwe uzowuthola uma usukhokhele abantu obakweletayo uR2,4bn. Kubantu obakweletayo kukhona nenkampani yamanzi iRand Water nekagesi i-Eskom.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/01/umasipala-wasegoli-awuswele-inkinga-wukuthi-awuphethwe-kahle-kuloba-ubusi-mavuso/

Abanye omasipala abakhulu ababalwa kulolu hlu yiNelson Mandela Bay yaseGqeberha, eMpumalanga Kapa neMangaung, eFree State.

UmGcinimafa ukhale kakhulu ngokuthi sekuphenduke isiko ukumosa imali nokuyisebenzisa budedengu. Uthe umbiko osanda kuthulwa yiHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele ngendlela imali ephathwe ngayo komasipala ngonyaka wezimali wango-2024/25 uyahambisana nabawushicilela i-2024/25 MFMA Compliance Report.

Uthe: “Kusukela ngo-2021/22, omasipala bamose uR24,12bn. Omasipala nezinkampani zabo abasebenzisanga kahle uR145,21bn, uR40,14bn okuyimali engasebenzanga kahle ngo-2024/25. Kusukela ngo-2021/22, omasipala baveze ukuthi kunoR118,13bn abawusebenzise kungagunyaziwe. Indlela iSabelomali esihlelwa ngayo iyaqhubeka nokwehla njengoba ngo-2024/25, omasipala abawu-116 bephasise izinto ebezingahlelelwe kwiSabelomali.

“Ekupheleni kwango-2024/25, omasipala bebekweleta i-Eskom inzalo ewu-R3,40bn kuthi izinkampani zamanzi zona bezikweletwa uR1,21bn. Abanye abantu abakhokhelwa womasipala nabo bebekweletwa njengoba imikhandlu ewu-48, ibisiyeqiwe yizinyanga ezingaphezu kweyodwa,” kukhala yena.

Uthe omasipala banikwe isikhathi esanele ukuthi balungise izinto futhi kade bebeseka kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Banikiwe nethuba lokusho ukuthi kungani kungafanele zigodlwe izibonelelo zabo. 

Lesi sinqumo umGcinimafa usenze ngokulandela isigaba 216(2) somThethosisekelo nesigaba 38 seMFMA. “Kumqoka ukusho ukuthi inhloso yalesi sinqumo wukulungisa izinto, hhayi ukujezisa. Kufanele kukhunjulwe ukuthi ukungakhokheli abantu ngesikhathi akusho nje ukuhlulwa wumsebenzi kodwa kubeka engcupheni nabantu obakweletayo njengezinkampani zamanzi ne-Eskom. Nezinye izinhlaka ezimqoka ekugcinweni komthetho ezifana nehhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele, iSouth African Revenue Service neFinancial Sector Conduct Authority,” kusho umGcinimafa.

Embikweni asanda kuwethula umcwaningimabhuku-jikelele uNks uTsakani Maluleke wathi ngeke ukhule umnotho waseNingizimu Afrika futhi nezifiso zokubanomnotho ofaka wonke umuntu zizogcina ziyiphupho uma kuzoqhubeka ukuthi imali ingaphathwa ngendlela efanele komasipala abakhulu.

UNks uMaluleke uthi ukungaphathi kahle imali komasipala kukhinyabeza umnotho

Awukho nowodwa kulabo masipala othole umbiko omuhle njengoba nowaseCape Town ihlehlele emuva yangena ohlwini lwalabo masipala abathole imibiko emihle kodwa enogcobho.

Sebebonke omasipala okugodlwe izibonelelo zabo:

EMpumalanga Kapa: iBuffalo City, iNelson Mandela Bay, iMakana, iSundays

River Valley, Inxuba Yethemba nePort St Johns.

E-Free State: iMangaung, iLetsemeng, iKopanong, iMohokare, iXhariep District Municipality, iMasilonyana, iTokologo, iMatjhabeng, iNala, iDihlabeng, iNketoana, iMaluti-a-Phofung, iPhumelela, iMantsopa, iNgwathe neMafube.

EGauteng: ICity of Johannesburg, i-Emfuleni, iLesedi, iSedibeng District Municipality, iMerafong City neRand West City.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page