‘Imikhandlu emikhulu ibeka umnotho engozini’
WUSLINDILE KHANYILE
NGEKE ukhule umnotho waseNingizimu Afrika futhi nezifiso zokubanomnotho ofaka wonke umuntu zizogcina ziyiphupho uma kuzoqhubeka ukuthi imali ingaphathwa ngendlela efanele komasipala abakhulu.
Awukho nowodwa komasipala othole umbiko omuhle njengoba neCape Town ihlehlele emuva yangena ohlwini lwabathole imibiko emihle kodwa enogcobho.
Uxwayise kanje umcwaningimabhuku-jikelele uNks uTsakani Maluleke izolo ngesikhathi ethula umbiko oveze ukuthi omasipala bayisebenzise kanjani imali ngo-2024/25.
Kulo mbiko kuvele ukuthi izinto zimapeketwane kakhulu komasipala abakhulu, umphumela wakho ozwela kakhulu ngenxa yokuthi labo masipala bahlinzeka izidingo kubantu abawu-40% ezweni, okungamakhaya awu-8,9 million.
FUNDA NALAPHA: Bahlehlele emuva omasipala ezimalini – umcwaningimabhuku-jikelele
UNks uMaluleke uthe: “Ukusebenza kahle kwemikhandlu emikhulu kumqoka ekukhuleni komnotho eNingizimu Afrika, ukusimama kwenhlalakahle nentuthuko. Kufanele babeyisibonelo esihle sokuhlinzeka imisebenzi ngenxa yokubanemali eningi nesibalo sabantu esikhulu.”
Labo masipala abayisishiyagalombili abakhulu okungowaseGoli, eKurhuleni, eTshwane, eThekwini, eCape Town, eBuffalo City, eMangaung neNelson Mandela Bay bebengamele uR335,97 billion kulo nyaka wezimali obucwaningwa, nokuwu-54% wemali esetshenziswe omasipala bonke.
“Ngeshwa, umbiko ka-2024/25 uveze into ekhathazayo ngokuhlehlela emuva komasipala abakhulu. Umsebenzi wokugada okufanele ngabe wenziwa yimikhandlu nezimeya kulabo masipala awusizi ngalutho, ukugadwa kwezinto kuyaqhubeka nokwehla kanti nokungahloniphi umthetho yinto ethathwa kancane njengento engathi shu yize emakhulu amathuba okukhwabanisa uma kuthengwa izimpahla futhi kungamoseka imali ngenxa yokunggadwa kahle kwezinkontileka,” kukhala yena.
Echaza ngomasipala waseCape Town, uNks uMaluleke uthe lo mkhandlu uhlehlele emuva ngenxa yokungahambisi kahle kwezinto ezithile uma kuthengwa izimpahla.
“EThekwini, sekuphele iminyaka eyishumi (umasipala) uthola umbiko omuhle kodwa onogcobho, wumasipala lona ongenankinga yokuletha umbiko wemali kodwa inkinga indlela iminyango ehlukene ngaphakathi kuwo eyenza ngayo, izinto zinhlakanhlaka, kuyaqhubeka ukungahlonishwa komthetho uma kuthengwa izimpahla, imisebenzi iyabambezeleka kanti eminye ayikho ezingeni elifanele.
“EGoli, kunemisebenzi eyenziwa yizinkampani eziyingxenye yomkhandlu iCity Power, iPikitup, iJohannesburg Water, iJohannesburg Roads Agency kanti sekuyiminyango uma kuhlanganiswa zonke lezi zinkampani nomkhandlu uqobo, kutholakala umbiko omuhle kodwa onogcobho.
“Nokho umkhandlu waseGoli wona uwodwa, uma uzimele geqe, uthole umbiko omubi nokungokokuqala kanti loku kusho ukuthi awukwazi ukuhlanganisa umbiko wezimali othembekile. Idolobha laseGoli lidinga ukusukunyelwa, isimo salo sezimali sehlile kakhulu kanti loku kunanomphumela ezingeni lempilo,” kukhala uNks uMaluleke.
FUNDA NALAPHA: Inkinga yesikweletu sikagesi eGoli imqoka kwikusasa le-Eskom nedolobha uqobo, kuloba uBusi Mavuso
Kusukela ngo-2020/21 isibalo semikhandlu esithole imibiko emibi sinyukile, sisuka kwababili, saya kwabayisihlanu. Loku kubangelwe yizinkinga eziqhamuka unyaka nonyaka endleleni okubikwa ngayo, ukungawagcini kahle amarekhodi, ukubheda kwezindlela zokubuyekeza izinto ngaphakathi nokuthembela ngokweqile ekulungiseni izinto uma sekuqalile ukucwaningwa.
“Sibike izinkinga eziningi ngokuhlonishwa komthetho kuyo yonke imikhandlu emikhulu. Ukuphikelela nokungayihloniphi imithetho kuyo yonke le mikhandlu emikhulu nezinkampani zayo eminyakeni emine kuholele ekutheni uR73,87bn ungasetshenziswa kahle emalini uR23,14bn osetshenziswe ngo-2024/25, u-77% odalwe wukungalandeli imithetho yokuthenga izimpahla. Lezi zinto zandisa ingozi yokukhwabanisa nokuthi imali imoseke,” kuqhuba umcwaningimabhuku-jikelele.
UNks uMaluleke ukhale kakhulu nge-Ekurhuleni, eGauteng, neMangaung, eFree State, athe isimo sezimali sabo sibi kakhulu. Uthe i-Ekurhuleni izwakalise ukukhathazeka ngo-2024/25 kanti eMangaung sekube yiminyaka eyisishiyagalolunye ilandelana futhi uzisholo wona lo mkhandlu ukuthi awuboni ukuthi izinto zizophucuka.
Kusukela ngo-2021/22, le mikhandlu isisebenzise uR21,72bn ongagunyaziwe kanti futhi kunoR4,65bn omosiwe ngenxa yokukhokhiswa inzalo ngenxa yokungakhokhi ngesikhathi. Kuyithatha okungenani izinsuku eziwu-121 ukukhokhela abantu ebakweletayo.
Labo masipala baphunyukwa kakhulu yimali okufanele ngabe iyangena ngamanzi, okube wuR9,89bn ngo-2024/25 kanti ekagesi ilinganiselwa kuR17,28bn. Enye imali iphunyuka ngenxa yokungabakhokhisi abantu imali efanele nokungakwazi ukuqoqa izikweletu zentela.
Kulo nyaka obucwaningwa, imikhandlu icishe uR39,33b ebiwukweletwa ngamakhasimende ayo agcine engakhokhanga, okukhona kuwona nezikhungo zikahulumeni. Kuthatha labo masipala cishe izinsuku eziwu-144 ukuqoqa izikweletu.

