UMnu uPhodzo Tshikosi, usomabhizini ovuna uju lwezinyosi waseTshavhalovhedzi, eNzhelele, eLimpopo. Isithombe: Sithunyelwe

Insizwa yasemakhaya inebhizinisi elimnandi nelishelelayo loju

WU-AZWIDOHWI MAMPHISWANA

IZINYOSI zisebenza ngobunye esidlekeni. Njengomhlambi wezinyoni, insizwa yaseLimpopo eneminyaka ewu-24 isebenzise ukuzimisela nokubekezela ukwakha ibhizinisi loju olukhula ngamandla.

UMnu uPhodzo Tshikosi, waseTshavhalovhedzi, eNzhelele, eLimpopo, akagcini ngokukhiqiza uju lwemvelo futhi ufundisa umphakathi, ikakhulu intsha, ngokubaluleka kwezinyosi kwezolimo nasekuphileni kwabantu.

UTshikosi uthi ukufuya izinyosi kumfundise ukubaluleka kokusebenza ngokuzikhandla nokuthi impumelelo ayisheshi kodwa yakhiwa kancane kancane. “Ukufuya izinyosi kunginike injongo ngoba ngiyabona ukuthi ngenza umehluko emphakathini wakithi,” kusho yena.

Uthi kulo msebenzi akagcini ngokuvuna uju kuphela. “Akugcini ngokuvuna nokudayisa uju. Ngiyakuthanda ukufundisa abantu ngezinyosi, ukubachazela ukuthi zibaluleke ngani nokuthi singaphila kanjani nazo kahle,” kusho uTshikosi.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/02/13/ubaba-wendawo-wambonisa-imfihlo-yokukhiqiza-uju-lwezinyosi/

UTshikosi wenza lo msebenzi ngesikhathi iNingizimu Afrika ikhiqiza amathani oju aphakathi kwawu-2 000 nawu-2 500 ngonyaka kodwa isidingo salo ezweni sikhulu kunaloko, okusho ukuthi kuvuleka amathuba amaningi kubafuyi bezinyosi basezweni.

Izinyosi zisebenza ngokubambisana

Uhambo lukaTshikosi lwaqala ngo-2014 ngemva kokuthi umalume wakhe, owayefuya izinyosi, engasenasikhathi esanele sokunakekela izidleke. Wawunika yena lo msebenzi, engazi ukuthi kuzobayisiqalo sendlela entsha empilweni yakhe.

Uthi: “Umalume wakholwa ukuthi ngingakwazi ukunakekela izidleke. Yilapho izinto zaqala khona kimina.”

Nakuba abantu abaningi bezisaba izinyosi, uTshikosi wabona ithuba esikhundleni sokwesaba. “Ngabona ithuba lokufunda, hhayi into okufanele ngiyesabe. Angikaze ngivume ukusaba kungivimbe ukuzama,” kusho yena.

Ukusimamisa ulwazi lwakhe, uTshikosi wenza izifundo zokufuya izinyosi online e-Alison, lapho athola khona isitifiketi esamsiza ukuphatha izindleke zezinyosi, ukuvuna uju nokukhangisa imikhiqizo yakhe.

Kumakhasimende akhe kubalwa abantu bendawo nabathengi bakwezinye izindawo zaseNingizimu Afrika, abaningi abafuna impinda ngenxa yezinga loju.

“Okunye engikuthandayo kuleli bhizinisi wukuhlangana nabantu abazisa uju olukhiqizwa ezweni. Kungikhuthaza ukuthi ngiqhubeke ngithuthuke,” kusho uTshikosi.

UTshikosi evuna uju ngobuchule

Ngale kokuvuna uju, uTshikosi ucija intsha yenawo. Ibhizinisi lakhe lihlela imikhankaso yokufundisa ezikoleni zasendaweni lifundise abafundi ngokufuya izinyosi, ezolimo namathuba okuziphilisa.

Uthi okunye okumjabulisa kakhulu wukubuka indlela izinyosi ezibambisana ngayo. “Angideli ukubuka izinyosi zisebenza ndawonye. Ukuvuna nokuhlunga uju nako kumnandi ngoba isivuno ngasinye sinokunambitheka nephunga laso,” kusho yena.

UTshikosi uthi izinyosi ziyingxenye ebalulekile kwezolimo ngoba zisiza ukuvundisa izitshalo ezondla abantu. Uthi abantu abaningi abakakuqondi ukuthi ukukhiqiza ukudla kuncike kangakanani empilweni yezinyosi.

“Uma kushabalala izinyosi, kungathinteka ukukhiqiza ukudla. Yingakho kudingeka sizivikele ezindleleni ezilimaza imvelo kwezolimo nokusebenzisa izibulalazinambuzane ngokweqile,” kusho yena.

Uthi ukuvikela izinyosi akusho ukuvikela imvelo kuphela kodwa kuwukutshala esizukulwaneni esizayo.

Ngesidleke ngesidleke, le nsizwa yaseLimpopo ikhombisa ukuthi nesiqalo esincane singakhula sibeyinto enkulu uma sihambisana nokuzimisela, ulwazi nokuphokophela.

  • Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page