Ayanda amathuba emisebenzi, yize umnotho udonsa kanzima. USLINDILE KHANYILE uyabika
IBUKEKA ithela izithelo imizamo yokunciphisa ukuntuleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika njengoba isibalo sabantu abasebenzeyo sikhuphukile saba ngaphezu kwesasiyiko ngaphambi kokuhlasela kweCOVID-19.
Izibalo ezishicilelwe yiStatistics South Africa (iStats SA) kuleli sonto ziveze ukuthi sebewu-16.7 million abantu abasebenzayo ezweni. Lesi sibalo sinyuke ngo-399 000 ngekota yesithathu yango-2023, sisuka ku-16.3m ngesikota yesibili.
Ngaphambi kweCOVID-19, abantu abasebenzayo babewu-16.4m ngekota yokuqala ngo-2020 kanti ngesikhathi sobhubhane, abantu abasebenzayo bancipha bafinyelela ku-14.1m.
Isibalo sabangasebenzi sehle ngo-72 000 safika ku-7.8m ngekota yesithathu. Abangabambi iqhaza emnothweni uma bengabalwa asebephelelwe wumdlandla wokubheka umsebenzi banciphe ngo-160 000, njengoba sebengu-13.1m. Asebephelelwe umdlandla wokufuna umsebenzi banciphe ngo-26 000 ngekota yesithathu uma kuqhathaniswa neyesibili.
I-Stats SA ithe: “Lolu shintsho luholele ekutheni isibalo sabantu abangasebenzi sehle ngo-0.7 percentage point sasuka ku-32.6% ngekota yesibili safinyelela ku-31.9% ngekota yesithathu yango-2023. Uma kubhekwa isibalo sabangasebenzi ngeso elibanzi, leso sibalo sinciphe ngo-0.9 percentage point safinyelela ku-41.2% ngekota yesithathu.”
Abasebenza kwi-formal sector bakhuphuke ngo-287 000 ngekota yesithathu kwathi abakwi-informal sector banyuka ngo-29 000. Izimboni imisebenzi eyande kuzo eyezezimali, eyemiphakathi nezenhlalakahle nezolimo. Lapho yehle khona ezokukhiqiza, izimayini, ezokuthutha nezikagesi, amanzi negesi.
Yize isibalo sentsha engasebenzi sisephezulu kodwa izibalo zekota yesithathu zitshengisa ukuthi nakhona kuyalunga kancane kancane njengoba sehle ngo-174 000 safinyelela ku-4.6m. Intsha esebenzayo inyuke ngo-237 000 yafinyelela ku-6m. Loku kusho ukuthi isibalo sentsha engasebenzi sinciphe ngo-1.9 percentage point safinyelela ku-43.4%, sisuka ku-45.3% ngekota yesibili.
Usomnotho waseFNB uMnu uThanda Sithole uthe yize kunezinselelo zokukhula komnotho kodwa iNingizimu Afrika yengeze imisebenzi ewu-2.4m kulama kota ayisishiyagalombili edlule elandelana.
“Isibalo sabantu abasebenzayo sesingaphezulu ngo-2% kwesasiyikona ngekota yesine yango-2019 ngaphambi kokuhlasela kweCOVID-19. Abaqashwe kwi-formal sector banyuke ngo-2.5% kanti abaqashwe kwi-informal sector banyuke ngo-4.8% kanti abasebenza embonini yezolimo banyuke ngo-8%. Isibalo sabaqashwe emizimini yabantu asikakabi ngcono, okukhombisa ingcindezi ekhona ngokubiza kwempilo,” kusho yena.
Izifundazwe lapho abantu beqashwe khona kakhulu yiKwaZulu-Natali (sinyuke ngo-152 000), eLimpopo(sinyuke ngo-70 000), eNorth-West (sinyuke ngo-61 000) naseMpumalanga (sinyuke ngo-44 000).
I-Free State yisona kuphela isifundazwe okunciphe abantu abaqashiwe kusona njengoba behle ngo-3 000 ngekota yesithathu.