Ezokuthutha nokudla zehlise amandla emali ngoSepthemba. USLINDILE KHANYILE uyabika
UKWEHLA kwamandla emali, phecelezi i-consumer price inflation, kufinyelele ku-5.4% ngoSepthemba, kusuka ku-4.8% ngo-Agasti.
Leli yilona zinga ayekulona ngoJuni. Izimboni ezibe nesandla esikhulu ezokuthutha neyokudla neziphuzo ezingenatshwala. Izibalo ezikhishwe yiStatistis South Africa izolo zitshengise ukuthi amanani kaphethroli akhuphuke ngo-7.6% phakathi kwango-Agasti noSepthemba.
I-Stastics South Africa ithe: “Uphethroli owu-95 octane ezindaweni ezimaphakathi unyuke ngoR1.71 ngoSepthemba wafinyelela kuR24.54 ilitha, okungamanani aphezulu kunawo wonke ezinyangeni eziwu-13. Ezokuthutha, ngenxa kaphethroli, yizona ezifake ingcindezi kakhulu ekuthinteni amandla emali kule nyanga. Emva kwezinyanga ezintathu zilandelana wehla, amanani kaphethroli uma kuqhathaniswa nonyaka odlule asuke ku -11.7% ngo-Agasti aya ku-1.5% ngoSepthemba.”
Amanani okudla neziphuzo ezingenatshwala akhuphukele ku-8.1% esuka ku-8% ngo-Agasti. Amanani enyama, ufishi, izithelo neziphuzo ezingenatshwala anyukile ngoSepthemba kodwa awesinkwa, ama-cereal, ushukela, uswidi nomncamnce, amaveji, ubisi, amaqanda noshizi ehlile.
“Imikhiqizo yenkukhu ithe ukunyuka ngoSepthemba njengoba abakhiqizi bebulale izinkukhu ngenxa yokubheduka komkhuhlane wezinkukhu. Izibonelo zaloku wukuthi inkukhu ephelele inyuke ngo-2.2%, kwathi amaphisisi aneqhwa anyuka ngo-1.9%. Kepha eqotshiwe futhi eneqhwa nezingingila ibithe ukushibha kancane. Amaqanda anyuke ngo-0.3% kule nyanga emva kokwehla ngo-0.4% ngo-Agasti.
“Amanani emikhiqizo yenkukhu azodinga ukugadwa kulezi zinyanga ezimbalwa ukubheka umphumela womkhuhlane wezinyoni. Imininingwane ngamandla emali yango-Okthoba ezoshicilelwa ngomhlaka-22 kuNovemba izosicacisela,” kuqhuba iStats SA.
Sekuphele izinyanga ezinhlanu zilandelana kwehla amanani esinkwa ne-cereal, asuke ku-9.9% ngo-Agasti aya ku-9.2% ngoSepthemba. Okunye ukudla okwehlile yi-rice elisuke ku-19.8% ngo-Agasti lafinyelela ku-18.6% ngoSepthemba. Nokho ezinye izinto zinyukile; njengempuphu (ngo-11.9%), ama-noodle (ngo-17.7%) namakhekhe (ngo-8.4%).
Amanani eziphuzo ezingenatshwala akhuphukele ngo3.5% ngoSepthemba. I-instant coffee inyuke kakhulu (ngo-4.8%), eligazingiwe i-ground coffee (ngo-4.6%) kwathi itiye i-rooibos lenyuka (ngo-3.7%).
Imikhiqizo yokudla esibiza kakhulu uma uqhathanisa uSepthemba wango-2023 nowango-2022:
Umkhiqizo | Septhemba wango-2023 |
U-anyanisi | 36.7% |
Amazambane | 32.6% |
I-cauliflower | 30.6% |
I-broccoli | 28.6% |
Ubhanana | 27.1% |
Ukherothi | 25.0% |
Ushukela omnyama | 23.9% |
Ithanga | 23.5% |
Ushukela omhlophe | 19.8% |
Isobho eliyimpuphu | 19.7% |
- Lolu lwazi lucashunwe kwiStats SA
UNksz uKoketso Mano, usomnotho omkhulu eFNB, uthe lezi zibalo zitshengisa ukuthi ukwehla kwamandla emali ngo-Okthoba kuzokhuphukela ku-5.6%.
Uthe namanani kaphethroli azoqhubeka afake ingcindezi ngenxa yokunyuka kukaphethroli ngemali engaphezu kukaR1 ilitha necela kuR2 ilitha udizili.

Wengeze ngokuthi lilonke balindele ukuthi amandla emali abe wu-6% kulo nyaka kanti azoqala ahambisane nokubekwe yiBhange loMbuso ngo-2026.