Isivumelwano nge-liquefied natural gas siyinqubekelaphambili – ingqapheli
WULANGA KHANYILE
NGEMVA kwengqophamlando yokusayina isisekelo sesivumelwano sokusungula isikhumulo se-liquefied natural gas (iLNG) sokuqala eNingizimu Afrika okuhlongozwa ukuthi sibeChwebeni laseRichards Bay, ingqapheli yezindaba zamandla ithe kuhle loku.
Le ngqapheli newusihlalo wophiko lwezamandla ngaphansi kweLeague of Engineering Progress uMnu uZakhele Madela ithe iNingizimu Afrika iyidinga ngokushesha iLNG, okuyi-gas ephuma ngaphansi komhlaba eyenziwe uketshezi njengamanzi kodwa evaleleke emiphongolweni eqinile, phecelezi ama-pressure vessel, ukuthi ingabuyeli ekubeni yi-gas uma nje isengaphakathi, ukuxazulula inkinga yokuphela kukagesi ezweni.
Lesi sivumelwano sisayinwe yiZululand Energy Terminal (iZET) ne-ExxonMobil South Africa LNG, engaphansi kwe-ExxonMobil eRichards Bay kuleli sonto.
UMadela uthe: “Izwe liyayidinga iLNG ngoba uma ingalethwa kuyofanele siqhubeke sishise amalahle,” kusho yena. Uthe kuzohlomula izimboni ezisebenzisa i-gas eziningi, okubalwa kuzona izibhedlela nezindawo okuphekwa ukudla kuzona.
UMadela uthe kudala i-gas ibiphuma eSasol kodwa ngokuqhubeka kwesikhathi isikhiqiza encane ngenxa yokuvala izimboni ezisebenzisa amalahle kanti i-gas i iSasol ebeyithola eMozambique kulinganiswa ukuthi izophela ngo-2029.
“Ukusayinwa kwesivumelwano kuqinisekisa ukuthi iTransnet isinomthengi weLNG, ngakho sesingakhiwa isikhumulo sayo futhi ukusayina lesi sivumelwano kuqinisekisa ukuthi izimboni eziningi zizoyithola kanti futhi nezwe ngeke liphelele wugesi kwango2032 kuya ngo-2035,” kusho yena.
FUNDA NALAPHA: Singenza kangcono ngenkinga kagesi, kuloba uBusi Mavuso
UMadela uthe kuzohlomula umnotho wezwe. “Kuzosimamisa umnotho wezwe, owaKwaZulu-Natali, owaseMpumalanga Kapa nowaseNtshonalanga Kapa, lapho kuzobanezinezimboni zeLNG.”
Lesi sikhumulo esihlongozwayo kulindeleke ukuthi sibeyindawo yokugcina i-liquefied natural gas evela phesheya, ukugcwalisa le gas nokuyisabalalisa kubathengi.
Umqondisi weZET uMnu u-Oliver Naidu uthe: “Lesi sivumelwano asiyona ingqophamlando kwimboni kuphela. Sisho ukuthemba iZululand Energy Terminal nekusasa le-liquefied natural gas eNingizimu Afrika.”
Usihlalo we-ExxonMobil LNG Market Development, engaphansi kwe-ExxonMobil, uMnu u-Andrew Barry uthe: “Njengoba izimakethe ze-liquefied natural gas ziqhubeke nokwanda phesheya, sibona ithuba elihle lokuhlinzeka isidingo samandla esikhulayo kanti sikubheke ngabomvu ukubambisana neZET ukuqhuba lo msebenzi.”

