UNks uPortia Lukhele uwumsunguli weSkomville 1192 Gin yaseSkomville, eMpumalanga. Izithombe: Zithunyelwe

Ozimisele ukufukula indawo yangakubo usenogologo onezithako nomoya wendawo. Uxoxe noKELETSO MKHWANAZI

UKUTHANDA kwakhe ugologo i-gin nendlela eyenziwa ngayo kugqugquzele intokazi yaseMpumalanga eneminyaka ewu-49 ukuthi ivubele lo gologo omhlophe wayo. 

UNks uPortia Lukhele, odabuka Elukwatini kodwa osezinze eMalahleni, uwumsunguli weSkomville 1192 Gin etholakala eNhlazatshe neteketiswa kuthiwe yiSkomville.

Yilapho ibhizinisi lakhe laqala khona. Uqale ukuhlanganisa izinto ekuqaleni konyaka odlule kodwa i-gin iqale ukudayiswa ngoSepthemba kulo nyaka. 

Into ebambezele uNks Lukhele wukungawatholi amabhodlela ngesikhathi ngoba abewafuna abengekho lapha ezweni, kudingeka ukuthi awathenge kwelinye izwe. Isiteleka echwebeni naso simbazele ngoba izithako abezidinga bezingatholakali kalula. 

Obemhlanganisela i-menu yakhe uqale akangawuzwa kahle umbono wakhe kodwa kwagcina kuhlangene. “Sonke isinongo esisetshenzisiwe kukhona esikushoyo ngeSkomville, njengo-pepper omnyama, isinongo esisetshenziselwa izinto ezihlukene uma upheka, kuma-salad nomoya wobuntu osebhodleleni. Kugcine konke kuhlangene,” kusho yena.

I-Skomville Gin igabe ngokwehluka kwamanye

Izinselelo abhekene nazo wukukhangisa, nokwenza abantu abakholelwa kugologo othile bazame into entsha. Kepha ukholwa ukuthi ugologo wakhe uzogcina ungenisa kubantu, kwazise uvutshelwa ngabantu abazimele. 

UNks uLukhele ufundele ukuba wunjiniyela kagesi kanti uke wasebenza eSasol eyi-engineering planner ngaphambi kokushiya ngoba eyosungula inkampani yakhe. 

“Abekho abantu engibaqashile ngoba kusesekuqaleni kodwa ngizimisele ukuvula amathuba omsebenzi uma ngikhula. Engizimisele ngokusheshe ngikwenze wukusabalalisa iSkomville Gin ukuze itholakale yonke indawo eNingizimu Afrika bese kuthi ngokuhamba kwesikhathi ngifisa ukuvula amathuba emisebenzi ngokuthi ngibe nendawo yami engihluzela kuyona,” kusho yena.  

UNks uLukhule uthi emva kwenyanga ukwazile ukufaka ugologo wakhe ezitolo eziyisikhombisa ezweni zaseTops at SPAR. “Ukuze uphumelele kufanele uzimisele, usebenzise amathuba futhi uhlale nabantu abacabanga njengawe futhi uma kwenzeka, ubavumele bakucathulise. Uma uzimisele ukusebenza futhi uzethemba, ayikho into ongeke ukwazi ukuyenza.”

UNks uLukhele uyingxenye yomkhankaso i-Lift As You Rise, inhloso yawo ukusiza abantu abanemicabango yokuqala amabhizinisi kodwa abashoda ngemali.  

“Isibonelo, ngingatshala uR30 000 ebhizinisini bese kuthi lelo bhizinisi litshale imali efanayo kwelinye ibhizinisi. Akudingeki ukuthi kube yimali elinganayo kodwa inhloso wukuthi utshale imali kwelinye ibhizinisi elisaqala, kuqhubeke kanjalo nje siloku sisizana,” kusho yena. 

Bazoba nomcintiswano webhola ne-netball mhla ka-15 kuya mhla ka-17 kuDisemba banikele ngokudla emindenini ehlwempu nokusiza izingane zendawo. 

UNks uLukhele uthi isifiso sakhe esikhulu wukutshengisa abantu baseSkomville ukuthi yize indawo yabo incane kodwa bangaphumelela futhi bancintisane nezinkampani ezinkulu. 

Facebook: Portia Nonkumbulo Lukhele 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page