Bahlose ukuqeda ubumnyama ezweni ngenkampani yama-globe onga ugesi. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE
BAZALWE futhi bakhulela endaweni yasemakhaya ebingenawo ugesi ngaleso sikhathi. Kuthe uma sebethuthele endaweni ethuthukile kodwa bebebuye bahlale ebumnyameni ngoba ugesi uvama ukucinywa.
Yileso sizathu esakhuthaza uMnu uSfundo Gcaba, uLindokuhle Khuzwayo, uMthobisi Khuzwayo no-Andile Ntombela ukuthi basungule iLiteBruim, eyakha ama-globe asebenziseka kaningi ngoba ane-battery egcwaliswayo uma esephelile naqhubeka akhanyise endlini uma kusahambe ugesi.
Elandisa Umbele ngenkampani yabo, uGcaba, waseNkandla, KwaZulu-Natali, kodwa osezinze eThekwini nabalingani bakhe, uthe bekubakhathaza ukuthi njalo uma kuhambe ugesi bahlale ebumnyameni, ikakhulukazi ngoba yisimo abakhule ngaso nabese bekhathele yisona.
“Sibonile ukuthi uhulumeni usazothatha isikhathi eside kakhulu ukuxazulula inkinga yokucima ugesi ezweni, uma kuyogcina kwenzekile, sazihlupha ngokuthi yini esingayenza ukubamba iqhaza ukulwa nokunqoba le nkinga,” kusho yena.
Ukuthi LightBruim bakususela ku-Light and Bright in The Future, ngoba bephokophele ukuthi kuhlale kukhanya ezweni lonke ngomkhiqizo wabo.
Ama-globe abo abiza uR150 lilinye, kanti okwamanje atholakala ezitolo eziwu-22 ze-ARB Electrical Wholesalers ezweni lonke, abanesivumelwano sokudayiselana nayo.
Ngale kokukhala ngokuhlulwa yinselelo kagesi egubuzele izwe lonke, uGcaba ukhale ngendlela uhulumeni waseNingizimu Afrika oweseka ngayo osomabhizinisi abasafufusa. Muzwe echaza:
Uthi umcabango waleli bhizinisi wabafikela ngo-2016 kodwa abajahanga ukuliqala bengakabi nolwazi olwanele. Bacwaninge ngokuxhumana nezinkampani ezihlukene ezweni ezenza ama-globe.
“Ocwaningweni lwethu, oluthathe iminyaka emithathu, sigcine sixhumana nenkampani yaseChina esineminyaka ewu-30 ikhiqiza ama-globe nokunye okunjalo. Isichushise ngolwazi olwenze sakwazi ukuqala ibhizinisi ngo-2019. Nalapho asiphuthumanga ukudayisela amakhasimende umkhiqizo wethu, siqale sasebenzisana nePrasa (iPassenger Rail Agency of South Africa), inkampani yezitimela eMngeni (eThekwini) iminyaka emibili, yasisiza ukuqinisekisa ukuthi ama-globe esiwenzayo asesimweni esifanele futhi awanabungozi ebantwini ngaphambi kokuwafaka ezitolo,” kuqhuba uGcaba.

UGcaba uthe banezinhlelo zokuthula ubuchwepheshe bokulawula ukukhanya kwama-globe okusebenza ngomakhalekhukhwini. Banesifiso sokugcina sebewadayisa nakwamanye amazwe e-Afrika.
- Facebook: LiteBruim
- Instagram: litebruim