Uyisixazululo esibukhali kwabanamathuluzi abuthuntu. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE
ABANTU bavame ukusebenzisa noma yini ababona ingasiza ukulola amathuluzi, kungaba yimimese, ocelemba namanye ukuze kube lula ukuwasebenzisa.
Loku kwenza amathuluzi aphinde abe buthuntu masinyane kanti kokunye ngokusebenzisa amatshe (ngoba beswele imishini efanele), amathuluzi ayalimala, angabe esasebenziseka kahle.
UMnu uSandile Zama, umnikazi weLola Knife & Tool Sharpening, usungule inkampani elola imimmese, ocelemba, izimbazo, izikelo namanye amathuluzi ngoba efuna ukuxazulula le nkinga.
Uthi into yenzeka kahle uma uzihlupha ngolwazi lwayo kuqala nangokuthi uma usuyenza ube nendlela ehlukile kwabanye. Uqale ngokucwaninga ngaphambi kokuqala ibhizinisi lakhe ngoMashi.
“Ngasebenzisa ulwazi lukaYouTube ukubheka ezinye izindlela zokulola amathuluzi, ngathola ngomshini obiza uR20 000 engiwuthenge eSwitzerland,” kusho uZama waseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali.
Ubiza uR50 ukulola ithuluzi noR30 uma ufika nangaphezu kwayisihlanu.

UZama, osebenza kwaToyota, uqala ibhizinisi nje, wayeloku eqongelela imali yomshini athi wenza ibhizinisi lakhe lehluke kwafana nalo.
“Ukugculiswa wukubona indlela lo mshini osebenza ngayo ukulola amathuluzi kwenza ngakholwa wukuthi nakanjani leli bhizinisi lizosebenza, yingakho ngingakhathazekanga kakhulu ngokumba eqolo kwawo.”
Uthe ukuqala iLola Knife & Tool Sharpening kumsize kakhulu ukufunda nokujwayela ukubeka imali nokukwazi ukusebenzisana kahle nabanye abantu. Uyanaba nangokunye, mlalele.
Nakuba kumjabulisa ukungenisa eMlaza namaphethelo ngebhizinisi kodwa kusekhona okwenza ibhizinisi lakhe lingachumi kahle.
“Inkinga enkulu wukuthi ibhizinisi lami alikangeni kahle ebantwini, kusekhona abalibukela phansi nokuthi angikasitholi isikhathi sokugxila ngokugcwele kulona ngenxa yomsebenzi engiwenza kwaTotoya,” kulanda uZama.

UZama usesebenzisana namabhizinisi asebenzisa amathuluzi alolwayo kanti elinye lawo yi-Extension Car Wash ekhona kuleli lokishi.
- Facebook: Lola Knife & Tool Sharpening
- Instagram: lola_knife_and_tool_sharpening