Ukwesekwa ngabangani kumkhuthaze ukuqala ibhizinisi osedayisa ukudla ezitolo zesikhondlakhondla. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE
NGAPHAMBI kokuqala ibhizinisi ubevame ukumema abangani bakhe kubo, abaphekele ukudla, badle bashaye esentwala. Kugcine kuwumkhuba wabo ukuhlangana kudliwe ukudla okuphekwe nguye.
Yiloku okukhuthaze uNksz uThobile Dlani ukusungula iSumthing Tasty, inkampani yokudla edlondobalayo. Ayisagcini ngokuphekela abayiqashayo kuphela kodwa ukudla kwayo sekutholakala ezitolo zaseSPAR ezintathu eziseThekwini, eDurban North, eMorningside naseYellowwood Park.
Uqala iSumthing Tasty ngo-2015 nje, indaba ayiqali lapho futhi kwakungesiyo inhloso yakhe. Wayenothando lwezezimali, enza izifundo i-Accounting eDurban University of Technology (eDUT), agcina ezishiya phakathi ngenxa yokugajwa wuthando lokupheka olutshalwe wumalumekazi wakhe.
“Umalumekazi uwumuntu okhonze ukupheka kangangokuthi kuthi uma epheka, aze afake izinongo esingazazi ukwenza ukudla kube mnandi. (Ukuzihlupha) kwakhe kangako ngokupheka kwenza nami ngakuthanda.
“Ngiyakhumbula ukuthi bekuthi njalo uma epheka, ngibe seduze kwakhe ukufunda izindlela zokwenza ukudla kube mnandi; ukupheka kwagcina kuyinto engikhuthala ukufunda okuningi ngayo ukuze ngifane naye,” kulanda uNksz uDlani waseClermont, eThekwini, KwaZulu-Natali.
Ukuze agxile ebhizinisini, washiya eDUT ngo-2014 esenza unyaka wesibili, waya kocijelwa ukupheka iminyaka emibili e-International Hotel School enza i-Diploma in Culinary Arts.
“Ngaliqala kanjalo ibhizinisi ngiphekela abangani bami ngibabiza uR50 ip’leti, kwagcina kwanda isibalo sabantu abafuna ukuthi ngibaphekele. Ngokuhamba kwesikhathi ngathola indawo yokudlela eseWaterfront, eThekwini, engidayisela kuyona izinhlobo zokudla esikuphekayo. Okwamanje nginezisebenzi ezinhlanu ezisebenza ngokugcwele ebhizinisini.”
Bekuhamba kahle ngaphambi kokubheduka kwe-COVID-19 ngo-2020 kwacishe kwaphela nya ngeSumthing Tasty. Esahleli ekhaya kungasebenzeki, ubezihlupha ngamacebo okusimamisa ibhizinisi.
“Ngibona ukuthi izitolo ezikhulu ezinjengoSPAR bezisebenza ngenkathi kuvalwe izwe, ngaya eSPAR oseDurban North ngacela ukubadayisela ukudla osekulungele ukudliwa. Salandela imicikilisho yakhona, bahlola ukudla kwami nokuthi ibhizinisi lami liyilandela yonke yini imigomo yokuphatha ibhizinisi, bagculiseka. Saqala ukusebenzisana kusukela lapho.
“Ngisimame kanjalo-ke ebhizinisini njengoba manje sengidayisela izitolo zaSPAR ezintathu kanti ngiqashwa kakhulu ukupheka emicimbini emikhulu yohulumeni, izinkampani ezizimele nabantu abenza imicimbi ehlukene,” kusho uNksz uDlani.
Ukhuthaza abafuna ukuqala ibhizinisi ukuthi bangajahi ukuchuma. Kunaloko uthi abazinike noma yiminyaka emihlanu ngaphambi kokuthi amabhizinisi abo azinze. Mlalele echaza.
Kwezinye izinselelo abhekana nazo wukuthi kwezinye izinsuku ukudla kwabo okuseSPAR akuthengwa kakhulu, okuphoqa ukuthi kulahlwe uma sekonakele balahlekelwe yimali.
- Facebook: Sumthing Tasty Cafe
- Instagram: sumthingtasty