Kubhekwe isinqumo seBhange lomBuso ngemalimboleko
YINTATHELI YOMBELE
KULELI sonto izimakethe zomnotho nabantu baseNingizimu Afrika bazobe bebheke isinqumo seBhange lomBuso ngemalimboleko ngoLwesine.
NgoMeyi amalungu amane ekomiti elithatha izinqumo ngemalimboleko kuleli bhange avotela ukuthi inyuke, kwathi amabili avotela ukuthi inganyuki. Nakuleli sonto kulindeleke ukuthi kushiyane kancane ukuvota kwawo kodwa kulindeleke ukuthi lixegise kancane.
Ucwaningo lweBureau for Economic Research lwamandla emali ekota yesibili luveze ukuthi azonyuka, yize lolu cwaningo lwenziwe ngesikhathi amanani kawoyela esephezulu futhi lingekho ithemba lokuthi isimo sizobangcono eMiddle East.
Nakuba ngesonto elidlule luye lwaqala phansi udweshu kodwa lezi zinyanga ezidlule zikhombisa ukuthi amanani kawoyela ayakwazi ukwehla uma kukhona owanele. Loku kwenza ubungozi obuhambisana nempi bungafani nangesikhathi isaqala.
Ngenxa yaloku, iBhange lomBuso kungenzeka lehlise indlela elibheka ngayo ukuhweba kwerandi uma liqhathaniswa nezinye izimali nendlela elibheka ngayo amanani kawoyela ongahluziwe, okuzoholela ekutheni amandla emali angabimabi.
Umsebenzi weBhange lomBuso wukubhekana nobungozi, ngisho kubantu abashaya imithetho ababheka izinyanga eziwu-18 kuya kweziwu-24, ukubheka okwenzeka ngesonto elilodwa kuyisikhathi eside uma kunezimpi ezivele ziguqule isimo emhlabeni.
Uma amanani kawoyela ekhuphuka noma impi eseMiddle East ishuba ngaphambi komhlangano wangoLwesine, kuzobanzima ukusola abantu abashaya imithetho uma bethatha izinqumo ngokucophelela ngoba befuna ukugwema ingozi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/17/u-trump-uphinde-wavala-umgudu-wasestrait-of-hormuz/
Kolunye uhlangothi ukuguquguquka kwesimo sezulu okuhambisa nezikhukhula, ukushisa okudlulele i-Super El Nino iza nobungozi emandleni emali, kuzobanzima ukuza nesizathu esizwakalayo sokunyusa imalimboleko ngenxa yalobu bungozi bodwa.
Ucwaningo lwethu lukhombisa ukuthi iNingizimu Afrika izokwazi ukubhekana nemiphumela ehambisana ne-El Nino noma ngabe mibi kanjani isikhathi esingangonyaka ngaphandle kokuphazamisa amandla emali.
Izinselelo zingabakhona ngemva konyaka kodwa okwamanje alukho ulwazi olwanele ukuqagela loku. Ikomiti elithatha izinqumo ngemalimboleko eBhange lomBuso lizoqhubeka nokuqapha isimo. Asilindele ukuthi izinselelo ezihambisana namandla emali ziholele ekutheni lisheshe ukunyusa imalimboleko.
Umbiko wamandla emali ngoLwesithathu ubalulekile. Ngokujwayelekile umbiko owodwa wamandla emali akulula ukuthi ushintshe ikomiti elithatha izinqumo eBhange lomBuso kodwa kulo mhlangano ukunyuka noma ukwehla kwawo kuzobanomphumela othile. Silindele ukuthi amandla emali asuke ku-4,5% ngoMeyi, ayeku-4,6% ngoJuni.
Emva kwaloko amandla emali kufanele abe sesimweni esifanele kuze kuphele lo nyaka ngaphandle uma amanani kawoyela enyuka kakhulu, yize singakulindele ukuthi amandla emali afike esikalini seBhange lomBuso kuze kubewu-2027.
Izibalo zokuthenga zizocacisa ngokuthenga izimpahla ngesikhathi amanani kawoyela ephezulu. Izibalo zezimayini nezokukhiqiza bezingajabulisi ngoMeyi, kulindeleke ukuthi imboni yezinsiza kubeyiyona ekhulayo ngekota yesibili.
Uma sibheka phesheya, kuzobhekwa iBhange lomBuso laseYurophu njengoba lizobanomhlangano. Emva kokunyusa imalimboleko ngoJuni kulindeleke ukuthi leli bhange lingayishintshi imalimboleko yize kunengcindezi entsha ehambisana namanani amandla.
Izimakethe zizobe ziqaphe okuzoshiwo wumengameli waleli bhange uNks uChristine Lagarde ngamandla emali nokuthi uzoqhubeka ukubopha isifociya.
Inkomba yesimo sokudayisa nokudingeka kwezimpahla i-Purchasing Managers Index eMelika, eYurophu naseBrithani sizocacisa ukuthi amabhizinisi ebeziphethe kanjani ngesikhathi amanani kawoyela ephezulu.
Sizogxila kakhulu ekutheni amabhizinisi ebelindeleni, izindleko zokukhiqiza namanani, okuyiwona azokhombisa ukuthi amabhizinisi asahleli ngesinqe esisodwa noma akwazile ukubhekana kangcono nesimo kunendlela obekulindeleke ngayo.


