Intsha ayifundele amakhono ayindlala ukunyusa amathuba okuqashwa, kusho ongoti. USLINDILE KHANYILE noSIMANGALISO NTSHANGASE bayabika

KUMELE intsha icophelele indlela ekhetha ngayo imisebenzi ezoyifundela ngokuqalaza emikhakheni okunamakhono ashodayo nadingwa wumnotho manje. Ngokwenzenjalo izokwandisa amathuba okuthola umsebenzi uma isiphothule isikole.
Basho kanje ongoti abalekelela izinkampani ziqashe izisebenzi abaxoxe noMbele ngenselelo ekhona yokuntuleka kwemisebenzi eNingizimu Afrika.
Laba ongoti bathe njengoba isikhathi umhlaba osukusona usuthembele kakhulu kwezobuchwepheshe besimanje, phecelezi i-Fourth Industrial Revolution, kunamakhono amaningi athinta lo mkhakha oyinsika yomsebenzi kodwa ayindlala.
Bengeze ngokuthi amanye ala makhono yizinto umuntu angazifundisa zona ngaphandle kokuya esikhungweni semfundo ephakeme.
UNkk uPhillipa Geard, umsunguli noyisikhulu esiphezulu seRecruitMyMom neRecruitAGraduate, uthe: “Kufuneka ama-software developer, ama-computer scientist, ama-data analyst, nokungamakhono ashodayo eNingizimu Afrika. Kodwa uma ubuka abantu abafundele i-public administration (nokunjalo) bayinqwaba ngozuka.”

Wengeze ngokuthi amanye amakhono adingekayo ngawabantu abangasebenza embonini yezimali njengabantu abaneziqu zeBCom ama-chartered accountant, abeluleki ngezimali nonjiniyela.
UNkk uThobeka Ndlovu, umsunguli weCareer Hotspot, eluleka abantu ngemisebenzi abangayenza futhi ibaqeqeshe uma beya kwinhlolokhono, naye ukhalile ngokuthi abantu abawucabangasisi umkhakha abazowufundela.
“Inkinga iqala umuntu esesesikoleni ekhetha izifundo kuGrade 10. Akubhekwa ukuthi ziyahambisana yini nafisa ukukwenza nanekhono lako. Abaningi futhi balinda baze bafike kumatikuletsheni bese kuthi uma esebheka isikhala enyuvesi agcine esengena kunoma yimuphi umkhakha lapho ethola khona isikhala. Loku kwenza umuntu afundele into angayazi naye uzoyenzani futhi amoshe iminyaka emithathu yempilo yakhe.
“Angisho kabi kodwa abeve bebaningi abantu abaneziqu ze-public administration. Kufana nalaba abenza i-sports Management, uthole ukuthi umuntu akanalo ngisho uthando lwezemidlalo. Ngisho umuntu mina othi wenza i-business administration uma inhloso kungesikho ukuphatha elakho ibhizinisi, umosha isikhathi ngoba baningi abantu abenza leyo misebenzi,” kusho yena.

Isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika sisanda kukhuphukela ku-34.4% ngokwezibalo zeStatistics South Africa. Loku kubhebhezelwe nawukubheduka kweCOVID-19.
Nokho lesi sibalo siphezulu kakhulu uma kubhekwa intsha engasebenzi. Wu-64.4% wentsha ephakathi kweminyaka ewu-15 kuya kwewu-24 engasebenzi bese kuba wu-42.9% kwephakathi kweminyaka ewu-25 kuya kwewu-34.
UNksz uNosipho Khuluse, oneminyaka ewu-23, waseBulwer, maphakathi neKwaZulu-Natali, none-Diploma in Journalism and Media Studies zaseDamelin College ngo-2019, ungomunye wabantu abasha abaswele umsebenzi eNingizimu Afrika.
“Kunzima ukuthola umsebenzi, ikakhulukazi njengoba izinkampani eziningi zifuna amava eminyaka emithathu kuya phezulu, okuyinto mina engingenayo. Ngagcina ukusebenza (ngisaqeqeshelwa umsebenzi) okwakuhambisana neziqu zami izinyanga ezinhlanu nje kuphela.
“Kusiza khona ukuthi nginomndeni ongesekayo, yize kunzima. Ekhaya ngihlala nabazala bami ababili nodadewethu omncane kodwa akulula neze. Ngiyawudinga umsebenzi wokwenza isimo sibe ngcono ngikwazi ukuzinakekela mina nomndeni wami.”

UNkk uGeard uthi ngebhadi izinkampani zikunciphisile ukuqasha amathwasa njengoba kuhlasele ubhubhane ngenxa yezindleko zokuwaqeqesha.
UNkk uNdlovu uthi kuhle ukuthi abantu babheke imisebenzi engabavulela amathuba ngisho nakwamanye amazwe.
“Nakwa-supply chain maningi amathuba futhi hhayi nje eNingizimu Afrika kuphela kodwa nakwamanye amazwe nemisebenzi yasemanzini, i-maritime,” kweluleka yena.
Wengeze ngokuthi kumele abantu bangakunqeni nokuyofundela imisebenzi yamakhono ezandla ezikhungweni ezingama-TVET College ngoba akusiwona wonke umuntu ozofunda nokufanele afunde enyuvesi.
UNkk uGeard uthi ngamabhizinisi amancane asethubeni lokwakha inqwaba yemisebenzi, hhayi izinkampani ezinkulu noma uhulumeni.
“Ukuze amabhizinisi amancane adlondlobale kumele sinciphise umthwalo nejoka lemithetho eyinqwaba (ecindezela) izinkampani ezisafufusa, zilekelelwe ngokuxhaswa ngemali nolunye usizo oludingwa amabhizinisi,” kuphetha uNkk uGeard.
Amanye amathiphu kaNkk uGeard noNkk uNdlovu:
- Kuhle ukuba namanye amakhono ongazifundisa wona njenge-coding nangakuvulela iminyango emisha noma uziqalele ibhizinisi lakho;
- Abaqashi babheka izinto eziningi. Isibonelo nje, uma ungakabi nawo umsebenzi ungavolontiya enkampanini engenzi inzuzo noma kube khona uhlelo lokusiza umphakathi olwenzayo. Ukufaka loko kwi-CV kukhombisa ukuthi uwumuntu osukumayo azame, uwumholi futhi awuzicabangeli wena kuphela;
- Indlela ocabanga ngayo inomehluko. Intsha ekhombisa ukubonga nentshisekeko yokufunda iyona esethubeni elihle lokuqashwa;
- Bheka indlela obhala ngayo incwadi yokufaka isicelo kanjalo ne-CV, ubhekisise ukuthi awekho yini amaphutha. Cela umngani akubhekele noma usebenzise amathuluzi obuchwepheshe;
- Funda uziqeqeshe kabanzi ukuthi yini edingekayo ukuze uphendule kahle imibuzo kwinhlolokhono;
- Unganqeni ukusebenzisa abaqeqeshi abacijela abantu imisebenzi. Kokunye umuntu usuke enakho konke okudingekayo kodwa ahluleke wukuzikhangisa;
- Indlela yokufuna umsebenzi ayisafani nakuqala. Jwayela inkundla yemisebenzi uLinkedIn. Kuningi ozokuthola khona nabantu ozohlangana nabo.