Isuke igcagcele esokeni kuyena uma kunezinselelo ngoba uwumholi ongatatazeliswa wubunzima. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKUZAMA ukujwayela ushintsho olulethwe yiCOVID-19 endleleni okuphilwa ngayo nokusetshenzwa ngayo yinto ezume wonke umuntu engalindele. Kukhona nokuyimanje abasazama ukulujwayela. Awucabange-ke ukuthi lolu shintsho lunjani uma usanda kuthatha izintambo enkampanini entsha?
Mhlawumbe omunye umuntu yinto ebingamenza madolonzima, abambe eyeka. Kodwa kuNkk uHoney Mamabolo, isikhulu esiphezulu seSouth African Mint igcagcele esokeni. Asimthusi futhi, asimtatazelisi Isikhathi esifana nalesi esidinga ukuthi kuqhanyukwe nezisombululo ezintsha, kushintshwe masinyane indlela okwenziwa izinto ngayo.
I-South African Mint yinkampani eyingxenye yeBhange loMbuso kanti yona iqondene nokukhiqiza nokusabalalisa imali ewuhlweza. Le nkampani iphinde ikhiqizele namanye amazwe imali ewuhlweza futhi idayisele nabathanda ukuthenga futhi babeke imali ethathwa njengegugu efana neKruger Rand.
UNkk uMamabolo unezinyanga ezingu-18 engene kulesi sikhundla. Kwathi enamasonto ayisithupha eqalile, kwahlasela iCOVID-19, kwavalwa izwe thaqa, kwaphoqa ukuthi abantu basebenzele emakhaya.
“Into esengiyazi ngempela wukuthi ngiwuhlobo lo mholi oludalelwe ukusebenza uma kusuke kunenkinga, kuphithizela. Ngehlisa umoya, sengafunda ukuthi izikhathi ezinzima ziyasakha.
“Ukufika enkampanini entsha kuyinselelo. Ukufika embonini entsha ngenye inselelo kanti ukukwenza lokho ngonyaka okuhlasele ngawo ubhubhane kwenza kube yinselelo ephindaphindwe kathathu. Kodwa ngiwumuntu okholelwa ekutheni izinto ezikwehlelayo empilweni kukuwena ukuthi uzibheka kanjani,” kusho yena.
Uthi kumsizile ukuthi uwumuntu ohlale ezimisele ukufunda nokuthi inkonyane ibingathuki isisinga kuyena ngokusebenza ngendlela ephoqa ukuthi abantu osebenza nabo ningabonani nabo njalo. Wake wakwenza lokhu eminyakeni edlule ngenkathi esebenza embonini yezamandla lapho amanye amakhasimende abo ayekwamanye amazwe.
Nokho uthi bekukhona ukuthi usenkampanini endala futhi enokwenza izinto isidala. “Nakuba sithathwa njengabanye babantu okuwukuthi umsebenzi wabo umqoka (nokusho ukuthi imboni yabo ayivalanga) kodwa sanquma ukuthi into emqoka kunazo zonke wukuqikelela ukuthi izisebenzi zethu ziphephile kuqala. Ushintsho alulula kuwona wonke umuntu kodwa ibhodi nabanikazi benkampani bayaseseka ngendlela emangalisayo,” kusho uNkk uMamabolo.
Ngaphambi kokuya kwiSouth African Mint, uNkk uMamabolo ubeyisikhulu esiphezulu seThebe Unico, inkampani edayisa amakhemikhali embonini yezimoto. Wayefike khona esuka e-Industrial Development Corporation lapho ayengamele khona isikhwama esiwu R1 billion esasilekelela osomabhizinisi ababefuna ukuletha uguquko embonini yezamandla ngokukhiqiza ugesi ongaphehlwa ngamalahle.
Uqale ukusebenza ezimayini nakuba engahlalanga ngaphambi kokusebenza emabhange. UNkk uMamabolo uwunjiniyela ngokuqeqeshwa njengoba eneziqu ze-Chemical Engineering zase-University of Pretoria.
Ethola lezi ziqu waqopha umlando ngokuba ngomunye wabesifazane bokuqala abamnyama abathathu abaphothula lezi ziqu kule nyuvesi, nokuyinto athi yiyona aziqhenyayo ngayo.
Uthi wayazi esafunda ukuthi ngokuqeqeshelwa ubunjiniyela akusho ukuthi yilokho kuphela asezokwenza impilo yakhe yonke.
Akahlalanga ezimayini ngoba ebona ukuthi le mboni yayingakafiki esigabeni sokuthi ifuna abantu abazoqhamuka nezisombululo, basungule izinto futhi yayingazimisele ngokushintsha. Uthi kwacaca nokuthi lalingekho icebo lokukhulisa abantu besifazane abamnyama.
“Ngesikhathi ngisenza inhlolokhono eBhange loMbuso ngasho ukuthi ngiyathemba ukuthi ngeke ngibe yilolo hlobo lo mholi. Singabaholi siyaziwisa izinkampani ngoba sihlulwa wukucabangela ingomuso,” kusho yena.
Uthi ukushintsha kwakhe izimboni kwenziwa wukuthi uma kuqhamuka ithuba ebona ukuthi linento ephathekayo, uhlala izithonto. Nokho uthi akayena umuntu ohlale enecebo, uholwa wuNkulunkulu ngokuthi yini elandelayo okumele ayenze.
“Kumanje kunabantu abaye bangibuze bathi ‘uma usuka eMint uzoshonaphi?’ Angazi, wuNkulunkulu owaziyo. Okwamanje ngigxile ekwenzeni umsebenzi wami ngangokwamandla ami.”
Uthi kwamsiza kakhulu ukukhulela emndenini lapho okwakuthi noma izingane kwakumele zihloniphe kodwa futhi zazilalelwa, zikhuthazwe ukuthi zisho ukuthi zifisani nokuthi ngokuhamba kwesikhathi afunde esikoleni esasixube izinhlanga. Loko kwamenza washeshe waqonda ukuthi kumele angasabi ukuzikhulumela nokucela akufisayo – okuyinto emsizayo emsebenzini wakhe.
Ukhulele eGauteng naseLimpopo lapho ekhuliswe khona ngabazali bakhe nogogo nomkhulu wakhe. Uthi kubo yayaziswa kakhulu imfundo futhi yiyona akholwa wukuthi ingaba yisixazululo enkingeni yobubha ebhekene nezwe.
“Impilo kamama wami ingcono kuneyabazali bakhe ngenxa yemfundo. Loko kusho ukuthi naye angenza okufanayo, nami ngenze okufanayo nokuqeda ukuthi ububha bungaqhubekeli ezizukulwaneni ezilandelayo. Sifaka imali eningi kwezemfundo kodwa asikawenzi umsebenzi wokuthi siyenze imfundo ibe sezingeni eliphezulu futhi elilinganayo.
“Siwuhulumeni sikhipha izibonelelo esizinika amantombazane akhulelwayo kodwa asikwazi ukuxhasa izitshudeni zasenyuvesi okungathi ngomuso uma sizixhasa ziyogcina sezikhokhela uhulumeni ngoba iyodwa kuphela indlela uhulumeni angenisa ngayo imali – wukuqoqa intela,” kusho yena.
Uthi ukuntuleka kwemisebenzi kuzolungiswa wukukhuthaza ukwanda kosomabhizinisi abancane. Wenze isibonelo ngezwe laseGermany lapho ethe u-77% womnotho wakhiwe ngosomabhizinisi abancane.
Wengeze ngokuthi kudingeka kusukunyelwe inkinga yobugebengu nokungahlonishwa komthetho eNingizimu Afrika.
Uthi akaze abe nomuntu omcathulisayo kodwa kunabantu, nokungabesilisa, abamvulele amathuba kusukela esafunda nokuyiwona amkhulisile emsebenzini. Uthi nokwesekwa wumyeni wakhe kuyamsiza kakhulu.
Okunye ngaye:
- Abanye babantu abukela kubona nguNkk u-Indra Nooyi, owake waba wusihlalo nesikhulu esiphezulu ePepsico, umengameli we-European Central Bank uNksz uChristine Lagarde nowayenguMvikeli woMphakathi u-Adv uThuli Madonsela;
- Uwumqondisi emabhodini ePrestige Bullion, eSouth African Bank Note Company ne-Ushaka Marine World;
- Uke waba ngomunye wabaoqondisi ebhodini yeDrakensberg Boys’ Choir School;
- Uphumula ngokulala, ukufunda nangokubuka iNetflix;
- Ukukhonzile ukuvakashela izindawo ezihlukene;
- Uyazifela ngegalofu;
- Incwadi ayifunda kakhulu yiBhayibheli. Ezinye yezincwadi ezimshintshile empilweni ngezikaMalcom Gladwell, ekaSimon Sinek ethi Leaders Eat Last, iShoe Dog yomsunguli weNike uPhil Knight, ekaJohn P Kotter ethi Leading Change nekaPaul Kalanithi ethi When Breath Becomes Air;
- Uthanda noma yikuphi ukudla inqobo nje uma kumnandi;
- Ulalela wonke umculo uma umnandi;
- Uganile futhi unabantwana ababili;
- Usenabo abazali nabafowabo ababili abancane kunaye.