Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noLuthando Mngomezulu, umqondisi wemidlalo yeshashalazi neyethelevishini njengoweSABC 1, Uzalo

Usemncane wawuphiwa imali?
Yebo, ngangiyithola imali ngisemncane. Kwakuba wuR2 noma wuR2.50 ngosuku. Lokhu ngikukhumbula ngoba mina nabangani bami sasiwubeka lowo R2.50 ukuze sithenge i-burger noma uphaya ekupheleni (kwesonto).
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuphi?
Cishe ngangineminyaka ewu-16. Umama wangisiza ngayivula ngoba ngangingahlali naye, enzela ukuthi kube lula ukungithumelela imali noma ukungisiza uma kukhona engikudingayo. Ngayivula e-ABSA.
Uma ukhumbula ebuncaneni, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngikhule ngingesiye umuntu wezinto (eziwubukhazikhazi) kodwa bengizazi futhi ngizithanda izinto. Sonke siyayifuna impilo entofontofo kodwa kumele uzazi wena nephakethe lakho ungaphiki nabanye. Ngiyathanda ukungazincishi kodwa futhi ngiyazibheka ngokwazi iphakethe nami.
Uqale nini ukusebenza futhi kwakuyimalini umholo wakho?
Ngiqale ukusebenza ngokusemthethweni kwi-TUT Open Day. Angisenaso kahle isiqiniseko sokuthi konje kwakuyimalini kodwa yona yayingamakhulu nje ambalwa. Kodwa khona ngaqala ukusebenza ngisemncane kakhulu, cishe ngino-13 kanje, njengoba ngangiseqenjini lomculo i-rap, lapho okwakuthi uma siqeda ukunandisa, sinikwe amakhulu ambalwa noma uR1 000.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ukukhuluma iqiniso nje, angikhumbuli okwangempela ukuthi ngangenzani ngiseneminyaka ewu-13. Kodwa ngiyakhumbula ngithenga ama-CD. I-CD yokuqala engayithenga kwakungeye-albhamu ka-Usher ethi Confession: Part 2. Ngiyakhumbula futhi ngithenga eka-Jay Z ethi Blue Print 3. Imali cishe yaya kulawoma-albhamu.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ukwakha nokulekelela ekhaya, okuyinto engiyenzayo namanje. Ngaphezu kwakho konke wukwenzela umndeni wami okuthile nako konke okudingayo, ikakhulukazi njengoba ukade ungeseka sonke lesi sikhathi ngingena endimeni yokulingisa.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Ngingeke ngakubiza ngephutha kodwa ukusebenza njenge-freelancer (itoho) bese ube ne-credit card kunzima ngoba uma inkontileka yakho ingasavuselelwa, ubhekana nenkinga yokuthi uzozikhokhela kanjani lezi zinto. Manje-ke sengikuqaphela kakhulu ukuvele ngisuke nje ngithenge imoto. Sengiyonga kakhulu manje ukuze uma kwenzeka ngithola imoto noma ngenza isikweletu ngibe (nemali) yokubhekana nako, ngingagcini ngiba nenkinga yokungazi ukuthi ngizokhokha ngani.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?
Cha, angikaze ngazijoyina izinto ezinjalo.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ugogo umandla kakhulu ekutshaleni imali futhi uhlale ekhuthaza mina nodadewethu ukuthi sivule ama-akhawunti okutshala imali. Nokuthi amanye amazwi akhe awakhonze kakhulu wukuthi: “Linda uze ube nemali yokuthenga.”
Uma ungawina uR1 million kwi-lotto, ungawusebenzisa kanjani?
Ebhizinisini lezindlu eziqashisayo. Yiloko engivele ngibheke ukungena kukona.
Ungaweluleka uthini amanye amaciko ngokuphatha imali?
Ngingathi awonge enze isiqiniseko sokuthi uma kuze kuphela izinyanga ezintathu kuya kweziyisithupha engakaze awuthole umsebenzi, awabe nazoqhubeka ngakho nempilo ngaleso sikhathi. Awatshale imali. Yize lo mkhakha usegazini kodwa ukungakwazi ukuncika kuwona ngokuphelele, kudinga ukuthi sibe nezinye izindlela zokwenza imali. Omunye umngani wami ophinde abe wumeluleki wami wake wathi: “Ngeke ukwazi ukwenza kahle ubuciko (isisu sikhala), ngoba ozobe ukwenza wukuloku ucabangana nokuthi uzokwenzenjani ukuze uthole ukudla. Izinqumo zakho yizo ezizokwenza kugwemeke loko, hhayi ubuciko.”