Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixosa noBusani Mbili, umlingisi wemidlalo yethelevishini. Useke walingisa kwiZabalaza, Isibaya, Isithembiso, i-Generations neGold Diggers. Manje ulingisa indawo kaDkt uNzimande emdlalweni we-e. tv, i-Durban Gen

Usemncane wawuphiwa imali?

Yebo, ngangiphiwa eyokuphatha esikoleni. 

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi ibhange?

Ngaqala ngo-2003. Ngayivula ePeople’s Bank, esiyaziwa ngeNedbank.

Uma ukhumbula ebuncaneni noma ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo futhi yini owayifunda ngemali?

Wukuthi itholakala kanzima (futhi) ihamba kalula.

Uqale nini ukusebenza, kanti kwakuyimalini umholo wakho?

Ngaqala ngo-2002, kuholwa uR80 ngosuku. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga umswenko ngawo. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukwakha ekhaya, (nakuba) kusadingeka ngiqhubeke. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukuthenga imoto engaphezu kwenani (enganginamandla alo). 

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?

Cha, ngenhlanhla amabhanoyi awela kude nami. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi kumele ucabangele ikusasa.

Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaqala ibhizinisi elincane. 

Ungabeluleka uthini abanye abalingisi ngokuphatha imali?

Umsebenzi utholakala kanzima, ngakho kuhle ukonga, uqale uzame ukuze uzohola imiholo eminingi.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page