UNkk uNokuthula Magwaza, isikhulu esiphezulu seBloom Marketing

Izithombe: Zithunyelwe

Ukungasabi ukuzikhulumela nokucela into ayifunayo yikhona okumvulele iminyango emsebenzini nokukhulisa ibhizinisi lakhe. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WASHESHA ukufunda ukuthi kuyasiza ukuzihlupha ngezinto nokuzikhulumela uyicele into oyifunayo. Lokhu ngezinye zezinto ezimsizayo neziwumgomo aphila ngawo futhi ezimvulele iminyango ngenkathi esaqashiwe.

UNkk uNokuthula Magwaza, oneminyaka engu-47, isikhulu esiphezulu seBloom Marketing, uthi loku kungasabi ukuzikhulumela kunesandla ekukhuliseni inkampani yakhe, ayisungula eminyakeni engu-18 edlule. 

Lena yinkampani egxile ekulekeleleni izinkampani ukuthi zizikhangise. Kukhona nophiko olugxile ekuqeqesheni abantu ukuze bazethembe ukuze bakwazi ukufeza amaphupho abo.

Uthi kungenkathi esafunda enyuvesi lapho aqala khona ukubona umphumela wokuzihlupha ngolwazi nokuzikhulumela. Wayenza unyaka wesithathu weziqu i-BSc in Microbology and Chemistry e-University of KwaZulu-Natal ophikweni oluseMgungundlovu ngenkathi ebona abantu beshaye ujenga.

“Ngabuza ukuthi kwenzakalani, kwathiwa kukhona i-Unilever izofuna abantu. Ngajoyina ulayini kanjalo nami. Ngaya kwinhlolokhono, ngabizwa kweyesibili lapho kwakufanele sizikhulumele… ngiwumuntu okwaziyo-ke ukuzikhulumela.

“Ngatshela abazali ukuthi ngizoziqeda iziqu kodwa ngathi abakhohlwe yindaba yokufundela ubudokotela,” kulanda yena.

Efika enyuvesi uhlelo lwakhe kwakuwukuthi uzothi uma esephothule i-BSc bese enza zokuba wudokotela. Kusukela ebuncaneni bakhe wayetshelwa ukuthi kumele abheke ngakhona ngoba wayeziphuzela kwi-mathematics, i-biology ne-physical science

Kumatikuletsheni waba ngomunye wabafundi abathathu ababephase ngamalengiso lapho ayefunda khona. 

UNkk Magwaza uzalelwe eThekwini kodwa ukhulele eNewcastle, lapho efunde khona.    

Esefike e-Unilever, lapho aqala khona njenge-graduate trainee, eyayitshelwe ukuthi kungayithatha iminyaka emibili ukuba yimenenja, kwaqhubeka kwamsebenzela loku kuzikhulumela.

Wayesebeza e-laboratory lapho kwakuhlolwa khona imikhiqizo ye-margarine namafutha.

“Kuthe sekuphele unyaka wokuqala, sekuqala owesibili ngaqala ngaxoxa nemenenja ngayibuza ukuthi isinesikhathi esingakanani iyimenenja. Yaphendula yathi sekuyiminyaka ewu-15.

“Ngathi ‘hha, angihambanga eNewcastle nginoR300 kuphela, ngafunda enyuvesi ngagcina sengilana nenkontileka ethi ngizokhushulwa esikhundleni eminyakeni emibili kodwa wena ungitshela ukuthi yilesi kuphela isikhundla esikhona. Kushukuthi kumele ngikulinde ushone, uthathe umhlalaphansi noma ugule. Kuyacaca ngeke kwenzeke uma wena usube yimenenja iminyaka ewu-15, u-supervisor yena isibe wu-10… amathuba ami mancane, angizimisele ngaleye nto. Sizokwenzenjani?’”

Loko kwenza imenenja yakhe yashayela ekomkhulu le nkampani yaphakamisa ukuthi kungcono aye ophikweni olubhekelele ukudayisa ngemikhiqizo. 

“Watshela umqondisi wezokudayisa ukuthi ‘ngicabanga ukuthi ungamsebenzisa kangcono wena ngoba uzongibulala ngoba ufuna isikhundla sami’. Kwaba yihlaya iminyaka, wangithola kuFacebook wangibuza ukuthi ngisahlupha namanje. 

“Ngahleka ngathi cha, kuphela nje ngiyaphokophela ukuthola engikufunayo. Ngesinye isifundo leso, yisho futhi yicele into oyifunayo,” kusho uNkk uMagwaza. 

Waphatha izikhundla ezinhlobonhlobo ophikweni lokudayisa, wagcina eseyi-national channel manager e-Unilever.

Ukuqala kwakhe ukungena ngokuphelele ophikweni lokukhangisa, i-marketing, yingenkathi eshiya e-Unilever eyosebenza eLipton Ice Tea, lapho agcina eseyi-brand manager.

UNkk uMagwaza ufinyelele esicongweni ngokuzikhulumela

Wabuyela e-Unilever emva kokuthi isihlangane neRobertsons waba yi-brand manager yeRajah neKnorrox. 

Ukuthanda umsebenzi wokukhangisa, ukuqhamuka nezisombululo yikona okwamkhuthaza ukuthi azisebenze, ikakhulukazi ngoba wayesebonile nokuthi izinkampani ezihlanganisa lo msebenzi akuzona ezabantu abamnyama futhi akuzona ezaseNingizimu Afrika. Watshela owayeyisikhulu esiphezulu se-Unifoods ngombono wakhe.

“Ngamtshela ukuthi ngicabanga ukusungula inkampani yabantu abamnyama ewaqonda kahle amakhasimende amnyama nengasiza ukudayisa imikhiqizo yakwa-Unilever. Okukuqala nami ngiyilona lelo khasimende, okwesibili njengoba kukhulunywa ngoguquko ezweni nizozidinga izinkampani zabantu abamnyama. Ngingathanda ukuba ngenye yazo. Wathi uma kuyilokho engikufunayo, angikwenze.”

Eminyakeni eyisikhombisa edlule iBloom Marketing yethule uphiko lokulekelela izinkampani zizikhangise ngokusebenzisa ubuchwepheshe besimanje iBloom Infinite Agency. 

Okunye akwenzayo uNkk Magwaza wukuqeqesha abantu besifazane ukuthi bakhule emsebenzini wabo, nokuyinto athi wayeyenza ngisho esaqashiwe ukuzama ukulekelela uma kukhona izingqinamba ezivimba abantu besifazane nabantu abamnyama.

Uthe emva kwezinyanga ezimbili esungule inkampani yakhe wathola inkontileka e-Unilever yokubhekelela i-Aromat. Wagcina esethola iPonds neJoko. Sebesebenze nezinye izinkampani njengeVodacom, iCoca-Cola, iTiger Brands, abaphathi bezitolo eziyinxanxathela, i-Illovo, i-Absa kanti ngonyaka odlule baqale ukusebenza neRCL Foods, lapho besebenza khona ukuqeqesha osomabhizinisi abancane embonini yezokuvakasha nokudla. 

Uthi: “Kumqoka ukungayeki ukufunda nokuzihlupha ngolwazi olusha. Akekho ozohlale ekubheka futhi ekugqugquzela, ngakho kubalulekile ukukhumbula ukuthi waliqalelani ibhizinisi. Ufunde kwabanye abantu futhi ungacabangi ukuthi wazi yonke into. Uhlale ufuna ukuziphucula, uhambele izingqungquthela.”

Nakuba besasebenzisana nezinkampani ezinemikhiqizo eya ngqo kubathengi kodwa umsebenzi wabo omningi sekungowokubhekelela izinkampani ngqo. Elinye lamakhasimende labo lisembonini yezamandla, liqondene nokudayisa ugesi wekhadi emhlabeni nokwenza bahambele nezingqungquthela emazweni afana neChina, iKenya neBangkok.

“Inkampani ishintshe yona, kwaqhamuka lolu hlobo lwemisebenzi. Ngenye yezindlela lena esesikhule ngayo nengijabulisayo futhi yiyona nto esihlengile ngesikhathi kuvalwe izwe. Ikhasimende lethu lithe lifuna ukuqhubeka, sasebenzisa ubuchwepheshe.”

Uthi ukuvalwa kwezwe kubalahlekisele ngoR3.5million ngenxa yezinto ezingabange zisaqhubeka kodwa futhi uyabonga ukuthi kukhona amakhasimende aqhubekile nokusebenza nabo. Kubasizile nokuthi bese beneminyaka baqala ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje.

Ubhale incwadi ngenkathi izwe livaliwe esihloko sithi Born To Bloom. “Inhloso yayo wukukhumbuza abantu ukuthi uma kunzima kanjena, kumele ukhumbule ukuthi kunesizathu usaphila. Kumele sikhuleke kuNkulunkulu sibuze ukuth yini iqhaza lethu. Kungabe wukweseka abanye, wukweseka umndeni wethu, abantwana bethu? Uma ukhumbula ukuthi uphilelani, ngeke uphose ithawula.”

I-Bloom Marketing isiqashe abantu abawu-10 njengoba isinciphisile isibalo sabantu, nakuba ethi cishe lesi sibalo sesizonyuka sibe wu-15. Nokho inenqwaba yabayitoho ebaqashe uma kunesimo esidinga loko. 

Okunye ngaye: 

  • Unabantwana ababili;  
  • Ukhonze ukugijima;
  • Ukhonze ukubuka amafilimu nokuya e-spa ayobhucungwa.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page