Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sinethulela uCannon SA, ogama lakhe langempela wuKhulekani Mncwango, wumsakazi wesiteshi somphakathi Inanda FM, umculi we-Afro pop nomnikazi welebula yezimpahla zokugqoka, i-vXv Levels Street Wear

Usemncane wawuphiwa imali noma cha?
Yebo, ngangiphiwa imali futhi-ke ngenhlanhla enkulu umuntu esakhula imali encane yayinkulu. Uyabona nje ngoR2 wawungathenga izinto eziningi (kanti) yiyona mali enkulu leyo engangiyinikwa uma ngicela imali ekhaya.
Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi ibhange?
Ngaqala ukuba ne-akhawunti yasebhange ngo-2013. Udadawethu (uBongiwe) wuyena owangikhuthaza ukuthi ngiyivule, wangiyisa ebhange sayoyivula. Ngiyakhumbula nje ukuthi ibhange lokuqala engavula (i-akhawunti) kulona yi-Capitec.
Uma ukhumbula ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Into engiyikhumbulayo wukuthi imali encane yayenza umehluko ongakanani uma uqhathanisa namanje. Ngalesiya sikhathi ngisho usheleni wawungeke uwubuke phansi kodwa manje usuyazigingqikela nje. Imali encane yayikwazi ukuthenga okuningi ngoba izinto eziningi zazingabizi.
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho?
Umsebenzi wokuqala engawenza kwakuwu-2010 siyingxenye yeqembu le-Diski Dance elalihambela izinxanxathela zezitolo ezehlukene. Ngezinsuku ezine sasikhokhelwa uR1 500. Emva kwaloko ngasebenza (egaraji likaphethroli ngihola uR2 000 ngenyanga.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga umakhalekhukhwini wohlobo iBlackberry, ikakhulukazi ngoba kwakuyilona hlobo lukamakhalekhukhwini olwaludlisile ngaleso sikhathi, kangangokuthi uma ungenayo, ozwana nabo benayo, wawuzizwa uvaleleka ngaphandle.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Ukwenza uhlelo lokubeka imali yokufunda kwendodana yami neyami yomhlalaphansi ngoba ikusasa alaziwa. Leyo yinto engifisa nabanye (abalingani bami) bayikhuthalele.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuyisebenzisa budedengu. Kukhona le nto yokuhamba ezindaweni zobumnandi uhlale ufuna ukuvela umuhle emehlweni abantu, ikakhulukazi njengoba nomkhakha esikuwona unokusifaka ngaphansi kwengcindezi, ugcina usuwenza izinto ongazihlelanga, bese ekugcineni uyazisola.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?
Yebo, ngake ngalutheka. Ngangisaqala ukungena kule ndima yezikaqedisizungu kwakune-poster yenkampani ethile eyayithi igxile kwezokulingisa. Safaka izicelo, okwathi uma sifika kuyona bachaza izinto eziningi basitshela nemali eyayidingeka. Safaka imali engangoR3 000 eyayidingeka, abanye bafaka ohhafu, okwathi ngokuqhubeka kwesikhathi (siqeqeshwa) khona bavele banyamalala, bangabe besatholakala nasocingweni. Kwaze kwaphuma nasemaphephandabeni ngalolo daba.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi kubalulekile ukulolondoloza imali ngoba ikusasa alaziwa. Kunezinkinga ezivele ziqhamuke esikhaleni nje uthole ukuthi awunayo imali, ikakhulukazi kule ndima. Uma ubheka (abalingani bethu bakudala), uthola ukuthi uma bedlula emhlabeni bengenamali. Ngafunda ukuthi empilweni awugcini ngokufunda emaphutheni akho kuphela kepha nakwawabanye ungafunda.
Uma ungawina uR1 million kwi-lotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngicabanga ukuthi into engingayenza wukuvula inkampani egxile emacikweni asakhula afisa ukungena emkhakheni wezikaqedisizungu, kusukela (emculweni) kuya ekulingiseni, ngenhloso yokuwacija ngolwazi lokuthi enze kanjani ukuze achume. Kungaba wukulula isandla emacikweni asakhula emkhakheni eyehlukene.
Ungaweluleka uthini amanye amaciko ngokuphatha imali?
Ngingathi asiyeke ukusebenzisa imali esingenayo ngoba nakhu sifuna ukubukwa nokudlisa kwabanye abantu. Asizazi ukuthi sifunani, siyaphi nokuthi sizofika kanjani khona? Asigweme zonke lezi zinto ezingalungile esizenzayo ukuze sikwazi ukwenza izinto eziphusile. Ngeke siphumelele uma senza amaphutha afana nawenziwe (ngabalingani bethu kudala).