Kumsizile ukungadikibali umlimi oke wabhekana nesomiso samakhasimende. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE
ISOMISO samakhasimende abhekane naso eqala ukungena kwezolimo asimthenanga amandla umlimi osemncane osephokophele ukuba wumlimi omkhulu.
UMnu uNceba Mkuyana, oneminyaka ewu-23, unenkampani yezolimo iMkuyana Agric Enterprise.
Nakuba uMkuyana, odabuka eMqobiso, kuTsolo, eMpumalanga Kapa, eqale ukugxila kule ndima ngo-2019 kodwa wazi ngayo eseyingane ecijwa wuyise.
“Ubaba wayengaboni emehlweni kodwa wakwazi ukungifundisa okuningi kwezolimo kusukela ngiseneminyaka (eyisishiyagalombili) ngaze ngakhula ngikuthanda nami ukuba wumlimi, njengoba senginenkampani yami manje,” kulanda yena.
Uthi eqala ukugxila kwezolimo kube nzima kakhulu njengoba ebengawatholi amakhasimende, imizamo yakhe iphelela ezeni. Nokho akadikibalanga ngenxa yothando analo ngezolimo.
“Ngize ngaqala ukuthola amakhasimende ngoJuni wanyakenye sengilekelelwa nawumNyango wezoLimo, okuyiwona ongisizile ekutheni ngithole amakhasimende (azothenga) izithelo zami namaveji, okuyiwona esengigxile ekuwalimeni manje,” kuchaza uMkuyana.
Utshala iklabishi, utamatisi nespinashi. Uthi yize enomhlaba ongamahekthare amabili ngakubo kodwa akakakwazi ukuwusebenzisa ngoba usadinga ukuwubiyela. Okwamanje ulima egcekeni lakubo.
Amaveji akhe abiza kusukela kuR7 kuya kuR12.
Uthi ukuba nebhizinisi sekumfundise ukubaluleka kokuzethemba nokukholelwa entweni oyenzayo, ukungajahi izinto nokusebenza kanzima. Yiloku acebise ngako abafisa ukuqala ibhizinisi, ikakhulukazi lezolimo.
“Okunye futhi (wukuthi) akumele uziqhathanise nabanye abalimi, (kepha) yenza ucwaningo bese uzethemba,” kucebisa yena.
Uthi into ayifisayo nayibheke ngabomvu manje wukukhulisa ibhizinisi lakhe ngemva kokubiya umhlaba anawo njengoba efisa ukwengeza imfuyo.
“Ngaleyo ndlela ngizokwazi ukuthi ngigcine sengiwumlimi omkhulu, ngifuye izimvu nezinkomo, ngaleyo ndlela ngikwazi nokuvula amathuba emisebenzi,” kuphetha uMkuyana.
Facebook: Mkuyana Agric Enterprise