Imishini yokukhipha imali ecekelwe phansi ngezibhelu zokutapa izolungiswa

Izithombe: wuGoogle

Osomabhizinisi abancane abakhahlanyezwe yizibhelu bazolekelelwa ngemali engafinyelela kuR2m ibhizinisi ngalinye. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMNYANGO wezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane ukhuthaza amabhizinisi akhahlanyezwe yizibhelu ezisanda kwenzeka ukuthi afake izicelo zokusizwa ukuthi avuselele amabhizinisi awo.

Lolu sizo ngolwamabhizinisi amancane kuyona yonke imikhakha kanjalo nalawo akwi-informal economy njengabadayisi basemgwaqweni. 

Lo mNyango uthe lolu sizo luxutshiwe ngokuthi u-60% kuzoba yisibonelelo besekuthi u-40% ngozobe ubolekisa ngawo.

Imali okungaxhaswa ngayo ibhizinisi ngalinye ingafinyelela kuR2 million bese kuthi inzalo kuleyo ngxenye ezobe ibolekiwe ngeke yeqe ku-5%. Ababolekile bazonikwa ikhefu lokuthi bangakhokhi izinyanga eziyisithupha zokuqala kanti bazonikwa iminyaka emihlanu ukukhokha le mali.

UNgqongqoshe womNyango wezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane uNksz uKhumbudzo Tshavheni

Osomabhizinisi abafana nabadayisi basemgwaqweni bazoxhaswa ngesibonelelo abazosithola kanye esiwuR3 000 umdayisi ngamunye kanti lokhu kuzokwenziwa kusetshenziswa izinhlangano la mabhizinisi angamalungu azo. 

UmNyango uthi abadayisi akudingeki ukuthi kube ngabantu amabhizinisi abo abhalisiwe kwiCIPC neSARS.

Ngesonto eledlule uNgqongqoshe womNyango wezeziMali uMnu uTito Mboweni umemezele ukuthi uhulumeni uhlinzeke uR38.5 billion wokulekelela izakhamuzi nosomabhizinisi abahlukumezekile ngenxa yezibhelu ebezihlasele KwaZulu-Natali nasezingxenyeni zaseGauteng ngoJulayi. 

Kule mali uMboweni uthe kukhona uR 2.3bn wokulekelela osomabhizinisi abancane, nokuwusizo oluzokwenziwa ngomNyango wokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane nowezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana (iDTIC).

Lukhona nosizo okungesilona olwemali amabhizinisi azonikezwa lona. I-DTIC ithi ayikakakuphothuli ukuhlanganisa imininingwane yosizo lwayo.

Nakuba kungakaqedwa ukubala umonakalo owenzekile ngenxa yalezi bhelu kodwa kukholakala ukuthi wumonakalo ofinyelela kuR50bn. UMboweni uthe eThekwini umonakalo uwuR15bn.

Izinkampani ezinkulu kubhekwe ukuthi zisizakale kakhulu emshwalenseni kahulumeni, iSasria. NgoLwesithathu iSasria imemezele ukuthi imatasa nokuphuthumisa izicelo ezingaphansi kukaR1m.

Isikhulu esiphezulu seSasria uMnu uCedric Masondo sithe: “Silindele ukuthi labo abafaka izicelo ezizokhokhelwa imali encane bakhokhelwe emasontweni amane kuya kwayisithupha. Laba bemali enkulu bazokhokhelwa esikhathini esingangonyaka. Siyabakhuthaza abathintekile ukuthi bafake izicelo zokukhokhelwa zingakapheli izinsuku eziwu-30 ukuze sizobe siba nesithombe sezicelo.”

Isikhulu esiphezulu seSasria uMasondo

UMasondo uthi sebeqoke iLoss Adjusters ukuthi ibalekelele baqale bakhokhele abadinga ukukhokhelwa imali enkulu. Uthe ezinye izicelo bazozibambela mathupha.

Kule mali emenyezelwe wuMboweni, iSasria yengezelwe uR3.9bn engawusebenzisa uma kwenzekwa iwudinga.

Namabhange asememezele izindlela ezahlukene azolekelela ngayo ukuphungula umthwalo kulabo abakhahlamezekile.  

I-Absa ithi isilubuyisile uhlelo lwayo olulekelela amakhasimende akweletayo ngezindlela ezihlukene ukuze kuphunguke umthwalo iSiyasizana. Nosomabhizinisi abancane bazosizwa ukuvuselela amabhizinisi. Kuzobhekwa ukuthi inkampani ngayinye idingani. Izokwehlisa nemali ekhokhwa ngamakhasimende uma ekhipha imali emishinini okungesiwo owaleli bhange izinyanga ezimbili.

UNksz uBongiwe Gangeni, iphini lesikhulu esiphezulu e-Absa Retail and Business Bank, uthe into abayiphuthumisayo wukuqikelela ukuthi ukuvalwa kwegatsha elithile noma i-ATM akusho ukuthi abantu kuleyo ndawo ngeke basizakale njengoba ethe bamatasa nokuvuselela amagatsha abo nama-ATM athintekile.

“Njengamabhizinisi amaningi ezingxenyeni zezwe, i-Absa nayo ithintekile ngenxa yesimo esikhona. Ngaphezu komonakalo owehlakalele amakhasimende ethu, alinganiselwa ku-21 amagatsha kanjalo nama-ATM angaphezu kuka-200 acekelwe phansi. Siyakuqonda kahle ukuphazamiseka okudaleke ngenxa yezibhelu. Yingakho sizibophezele ukusiza amakhasimende ethu ukuqikelela ukuthi ayaqhubeka akwazi ukuthola usizo lwebhange,” kusho yena.

I-Standard Bank ithe enye yezinto ezenzayo wukuthi isikhiphe ama-ATM angomahambanendlwana awu-11 azosetshenziswa KwaZulu-Natali ukulekelela ukukhokhela abahola izibonelelo

UMnu uKabelo Makeke, inhloko yeConsumer and High Net Worth Clients SA, uthe umonakalo wezibhelu wenze kwaba lukhuni kwabathembele kwizibonelelo zikahulumeni.

Leli bhange lithe liyakuqeda ukukhokhwa kwemali ebanjwa ekhasimendeni uma lisebenzisa i-ATM okungeyona eyalo.

Olunye usizo olwethulwe yiStandard Bank wukunciphisa imali yomshwalense okhokhwa ngamabhizinisi amancane nawezolimo ngo-30% izinyanga ezintathu kusukela kule nyanga.

  • Abafisa ukufaka izicelo zosizo emNyangweni wokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane bangathola amafomu ku: www.dsbd.gov.za; www.seda.org.za; www.sefa.org.za;
  • Ezosomabhizinisi abancane zingathunyelwa ku: BRP@sefa.org.za;
  • Abadayisa emigwaqweni kumele bathumele ngenhlangano abangaphansi kwayo ku: sefainformaltraders@nedbank.co.za;
  • Abanemibuzo bangashayela ku: 0860 663 7867.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page