Uwumholi okhuliswe ukuhlale ehlwaya ulwazi olusha nokuzilungiselela ocija abaholi bezinkampani. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

INHLANHLA yinto eyenzeka ngokuthi uma kuqhamuka ithuba likuthole uzilungiselele. Into odinga ukuyenza ukuhlale uzilungiselele ukuze uma liqhamuka ithuba ukwazi ukulisebenzisa.
Okungavumelekile wukucabanga ukuthi ngoba nakhu umncane, kufanele ulithole lelo thuba. Ukuba musha akusho ukuthi likufanele kepha wulwazi onalo okufanele lukwenze ulithole ngoba yilokho okusike kudingwa yinkampani.
Lesi yiseluleko sikaNksz uDudu Msomi, isikhulu esiphezulu seBusara Leadership Partners. Lena yinkampani esiza ezinye izinkampani zihlanganise umhlahlandlela ezizowulandela, i-strategy. Iphinde izeluleke nangendlela elungile yokuziphatha njengebhizinisi, i-corporate governance, okufaka nendlela yokuziphatha kwabahlala emabhodini ezinkampani futhi ibaqeqeshe ukuba ngabaholi abaqotho.
UNksz uMsomi, oneminyaka engu-12 ayisungula le nkampani, waqala ukuhlala ebhodini yabaqondisi benkampani eneminyaka ewu-24 esasebenzela iSaatchi & Saatchi.
“Ngaleso sikhathi ngafika endaweni okwakungathi uma ubuka ihhovisi engangifakwe kulona ukuba ngangiwumuntu onomqondo omubi, ngangisasebenzisa leso sikhathi ngilibele wukunaka onke la mabhokisi ayesehhovisi lami, ukuthi ngangingenayo ikhompyutha nokuthi ngase ngineziqu ezintathu ngaleso sikhathi, ‘ngakho ningenza kanjani kanje?’.
“Kodwa angibanga nengqondo embi. Ngapequlula amabhokisi, ngathola amafayela nge-akhawunti engangizoyisebenza. Ngangiqashelwe ukusebenza kwi-akhawunti yakwaPepsi. Ngafunda yonke into, lonke ifayela elalikhona amasonto amabili wonke, angilibalanga (wukukhononda),” kukhumbula yena.
Loku kwenza ukuthi kuthi uma ecelwa ukuthi abambele esinye sezikhulu emhlanganweni emva kwamasonto amabili efikile, nokwamsiza kakhulu.
“Ungasho ukuthi mhlawumbe bona babenzela ukubukeka kahle kodwa mina ngangena emhlanganweni, kwakubuzwa izinto ngoPepsi futhi ngangiphendula kungathi kade ngafika. Ngakho ayikho into enganikwa yona kodwa yindlela engenza ngayo uma nginikwa ithuba,” kusho uNksz uMsomi.
Uthi kusukela lapho isikhulu esiphezulu sambheka ngamanye amehlo. UNksz uMsomi uthi namanje leso yisona seluleko asinikeza abantu.
“Kunabantu abangawuqondi umnotho, abangayiqondi indaba yokuthi amazwe asebenzisana kanjani (i-globalisation), abangaziqondi ezobuchwepheshe kodwa bafuna ukunikwa ithuba lokuthi basithathele imigomo, banqume ngekusasa lezwe lethu. Ngobani? Ngoba nakhu bancane? Lutho,” eshaya amakhala.
Uthi kunabantu abake basukume emihlanganweni uvele uswele umgodi wokucasha uma bevula umlomo. “Kufana nalabantu abakhuluma ngokuthi izinhlaka zonke zomnotho kumele zibe sezandleni zikahulumeni (i-nationalisation). Bayakuqonda kodwa lokho abakusho ukuthi kusho ukuthini. Iqhamukaphi imali etholwa wuhulumeni?
“Manje siyathuka ukuthi asinayo imali eyanele ezweni, isibalo sabantu abasebenzayo sehlile, nokusho ukuthi inciphile intela engenayo, ngakho uzoyithathaphi imali. Uma uzoloku uqhubeka nokushisa izikole, silokhu sisebenzisa imali ukulungisa into eyodwa, hhayi ukwakha ezintsha. Imali iyaphela akulona nje ibhodwe elihlale liconsa,” kusho yena.
UNksz uMsomi, owazalelwa futhi wakhulela eThekwini, uhlala kuleli dolobha naseGoli. Ekhula wayefisa ukuba ngomunye wabantu abahamba emkhathini, i-astronaut.
Washintsha wafisa ukwenza umsebenzi wokunakekela umphefumulo nengqondo i-psychology ngoba uthi yayimchaza indaba yokuthi umqondo womuntu usebenza kanjani. Nokho washintsha umqondo uma ezwa ukuthi ama-psychologist awaholi mali etheni. Esinye isizathu kwaba wukuthi ngoba wayazi ukuthi angathanda ukuzisebenza futhi abantu abamnyama abawasebenzisi kangako ama-psychologist, ngakho kwakuzosho ukuthi kumele athembele ebelungwini, nayazi ukuthi kuzoba lukhuni ngoba akuthenjwana njengoba kwakuwu-1994.
“Ngisho namanje nasembonini ezimele emva kweminyaka ewu-27 kusenzima ukuba namakhasimende ezinye izinhlanga,” kusho uNksz uMsomi.
Kuthe efunda e-University of Natal, esibizwa nge-UKZN, wathatheka ezwa kukhulunywa ngomkhakha wokudayisa imikhiqizo i-advertising, nagcina nawo esewufundele.
Uqale ekusebenze kwi-retail eqashwe e-Edcon, wabe esengena kwi-advertising. Uke waba nasemkhakheni wokuhlinzekwa kwezimali, enkampanini engenzi inzuzo, kwezobuchwepheshe nezinye ngaphambi kokuzisebenza.
Uthi kwasheshe kwamcacela ukuthi angathanda ukuzisebenza emva kokuthi eqale ukufunda kabanzi nge-corporate governance, ayibuka ngeso lokuthi eyokuqikelela ukuthi izinkampani ziphathwa ngendlela efanele, hhayi nje ukuhlonipha umthetho othile. Lokho kwamenza wabona ithuba lokuba ngumuntu ohlanganisela izinkampani umhlahlandlela.
UNksz uMsomi uthi uwumuntu ocosha lapha nalaphaya, ahlanganise ulwazi lwemikhakha ehlukene ukuqhamuka nezisombululo. Akakholelwa ekubeni wumakhonya womkhakha owodwa.
“Kwesinye isikhathi sike sithi ukuzisebenza akukona okwamagwala, yiqiniso ngempela lelo. Kumele uluthande uhambo lonke nozama ukukwenza. Akusiko kangako ngebhizinisi kodwa kakhulu ngezinkinga ozama ukuzixazulula emphakathini noma ngebhizinisi lakho,” kusho yena.
UNksz uMsomi uthi ukuba wusomabhizinisi ononembeza akuyona into elula. “Ikakhulukazi uma izinto zingahambi kahle. Buka mangaki amabhizinisi osekudingeke avale ngenxa yeCOVID-19. Ekugcineni ibhizinisi yibhizinisi ngoba kunamakhasimende akhokhayo. I-COVID-19 ishintshe izinto, amabhizinisi abenza ezinye izinto agcina esenza enye. Kodwa ngisho ngaphambi kweCOVID-19, umsebenzi ubengeyona indathane, ikakhulukazi eNingizimu Afrika, uma uwumuntu wesifazane omnyama futhi kubuye kuye ngohlobo lwebhizinisini onalo.”
Uthi imvamisa uhlobo lwebhizinisi elinjengelakhe alilindelwe kumuntu wesifazane omnyama, nathi yingakho kumqoka ukuthi uma kunesomiso ube nonembeza, ungazilulazi isithunzi.
Uthi kumqoka nokuthi ungafuni umsebenzi ngendlela yokuthi ugcine usuwenza izinto ngendlela ikhasimende elifuna ngayo, esikhundleni sendlela okumele zenziwe ngayo, nokuyinto athi amakhasimende ayayizama kokunye uma azi ukuthi uxakekile.
Uthi akukashintshi lutho olutheni ngokwezinselelo ezibhekene nabantu besifazane njengoba bengakabi baningi emsebenzini nakuba kuyibona abaningi ezweni.
Nokho uNksz uMsomi uphosele abesifazane inselelo ngokuthi kumele babheke nendlela abenza ngayo emakhaya labo abasemindenini lapho kukhona khona ubaba nomama. Uthi kumele kubanjiswane nangemisebenzi yasekhaya, umuntu wesifazane angafuni ukwenza yonke into.
Okunye ngaye:
- Une-BA Honours yase-University of Natal, i-Postgraduate Diploma in Advertising and Marketing yase-AAA School of Advertising, i-Postgraduate Diploma in Corporate Governance yaseRand Afrikaans University (i-University of Johannesburg), i-Programme for Management Development ne-MBA kwaseGibs;
- Ngo-2013 waklonyeliswa nge-Laureate Award yiNyuvesi yasePitoli ngomsebenzi wakhe emkhakheni inkampani yakhe egxile kuwo;
- Ngo-2010 waqokwa yiHhovisi leNxusa laseMelika ukuthi abe ngomunye wabantu abacathuliswayo abaholi besifazane kwi-FORTUNE/US Department Global Women Leaders;
- Ngo-2015 waqokwa ukwenza umsebenzi wokucathuliswa yiCherie Blair Foundation;
- Ngo-2018 waqokwa yiphephabhuku i-Entrepreneur wabalwa kwi-Top 30 Influential South African Business Leaders;
- Uhlala emabhodini ambalwa okukhona eleBhange loMbuso, iVodacom Foundation Advisory, iBankserv Africa, i-Office of the Pension Fund Adjudicator, iFinancial Sector Conduct Authority;
- Uyi-trustee eHumulani Trust nelungu leGibs MBA Alumni Bursary Committee;
- Ukhonze ukufunda kanti ezinye zezincwadi azithandayo yi-Things Fall Apart kaChinua Achebe ne-Devil on the Cross kaNgugi wa Thiong’o.
- Ukhonze nokuyobhucungwa umzimba;
- Uthanda iRnB.
- Eminye imininingwane ithathwe kwi-website yeBusara Leadership Partners neyeSA Reserve Bank