UNkk UBongi Ngoma, inhloko yeNational Audit eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele eNingizimu Afrika

Izithombe: Zithunyelwe

Owenza ezibukwayo emkhakheni wokuphatha imali uthi akuqhakanjiswe izindaba zabamnyama abavelele ukukhuthaza izingane. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

IZINKINGA ezinqala ezikhungethe iNingizimu Afrika, okuwububha, ukuntuleka kwemisebenzi nokungalingani, zingaxazululeka kalula uma wonke umuntu engazibophezela ekwenzeni umehluko lapho ekhona.

Usho kanje uNkk uBongi Ngoma, inhloko yeNational Audit eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele eNingizimu Afrika.  

Ngokwezibalo zeStatistics South Africa, isibalo sabantu abangasebenzi ezweni siwu-34.4%. I-gini coeffient, indlela esetshenziswayo ukukala ukungalingani kwabantu iwu-0.63, okwenza iNingizimu Afrika ibalwe namazwe ahamba phambili uma kukhulunywa ngokungalingani kwabantu emhlabeni.  

“Ngicabanga ukuthi abantu abaningi bangafikelwa wukuthi asithuthukise ezemfundo, asithuthukise uhlelo lokufundisa ezikoleni. Ngicabanga ukuthi yiloko okuvame ukushiwo abantu. Kodwa mina ngithi asingayenzi le nto into enkulu kangako…ayinkulu kangako.

“Le nto ifuna ukuthi mina lapho ngikhona… mina Bongi Ngoma yini engingayenza ngokwamandla ami. Sinohlelo esike saluqala la emsebenzini obeluthi Each One Grows One ebengiluthanda kakhulu. Kuningi esingakwenza ukubhekana nalezi zinto; kungaba wukuxhasa abantwana ngezicathulo ukuthi bakwazi ukuya esikoleni, ukuxhasa amantombazane ngemisubelo ukuze akwazi ukuya esikoleni uma esesikhathini. Noma uthathe umntwana oyedwa uthi uzomfundisa, umsize afake izicelo zemifundaze. Yizinto zonke esingazenza kanti akudingi ukuthi kube yizinto ezinkulu,” kusho yena.

UNkk uNgoma uthi kudinga ukuthi wonke umuntu alandele iseluleko sikaMama uCharlotte Mannya-Maxeke (ingqungqulu yomzabalazo) owathi abantu abayeke ukuzicabangela bona baqinisekise ukuthi uma bekhuphuka kukhona omunye abamkhuphulayo. “Akathi uCharlotte Maxeke ‘hamba uyokwakha isikole’. Cha, uthi nje ‘uma unyuka, nawe akube khona omnyusayo.’” 

UNkk uNgoma, odabuka kuTsolo, eMpumalanga Kapa, ukhuliswe wunina ongasekho, nowagcina esewumhloli. Lifezekile iphupho akhule nalo, okuyilo elalimbusa futhi limkhuthaza lokuthi naye abe ngomunye wama-chartered accountant (iCA) esifazane. Uthi wagqugquzelwa wukufunda ngoNkk uNonkululeko Gobodo, iCA yesifazane emnyama yokuqala.

Wazi ngoNkk uGobodo ngenxa yokufunda amaphephabhuku unina ayevame ukuwathenga. “Siyadinga ukubuyela ekutheni sikhombise abantu bakithi izindaba ezingabagqugquzela ukuthi baphuphe (babenezifiso). Ngifisa ukuthi besingahlanganisa izindaba zabantu abamnyama abavelele… incwadi bese siyayisabalalisa emakhaya ukuze abantwana babone ukuthi ‘ha ungaba uwumuntu omnyama uphinde uphumelele kahle!’

“Le nto ingikhumbuze nokuthi yini izinto abantwana abazibonayo manje. La mafilimu amagintsa… nokuyikona abagcina befuna ukuba yikona, bafuna ukuba abaphathi bezigeleke ezishushumbisa izidakamizwa ngoba yiloko abakubonayo. Kumele sishintshe izinto intsha ezibonayo,” kukhuza uNkk uNgoma.

Emva kokuphothula iziqu e-University of Natal (esiyi-UKZN manje) usebenze e-Ernst & Young, lapho enza khona ama-articles, uhlelo lokuthwasisa ama-CA. Uthe kwakunzima kuleya nkampani kodwa yamqinisa ukhakhayi. Muzwe echaza.  

Wasuka e-Ernst&Young waya esikhungweni sikahulumeni esilekelela ukuthuthukisa osomabhizinisi ngokubaboleka imali i-Industrial Development Corporation (i-IDC). Wahlala iminyaka eyisithupha khona.

Uthi yilapho lwatshaleka khona uthando lokusebenzela izikhungo zikahulumeni, nokwaholela ekutheni uma esuka khona, waya eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele.

Uthi ukusebenzela izikhungo zikahulumeni kuyamgculisa kakhulu ngoba uyawubona umehluko awenzayo emphakathini ngoba into eseqhulwini akukona ukugaya inzuzo.  

Wengeze ngokuthi izikhungo zikahulumeni ziyahambisana nohlobo lomholi awuyena, phecelezi i-servant leader, okuwumholi okhathalele abantu kangangokuthi akabe esabheka ngisho lokho sekulimaza yena.

UNkk uNgoma uzichaza njengomholi okhathalele ukusebenzela abantu

Ephawula ngomsebenzi wabo eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele, uthe ufisa abantu baqonde ukuthi ekwenzeni umsebenzi wabo nabo njengawo wonke omunye umuntu, bagqugquzelwa wukufuna ukubona izwe elisebenza kahle futhi kufezeke izethembiso ezikuMthethosisekelo.

“Uma ngizocwaninga amabhuku, angilona iphoyisa kodwa yiyona ndlela yokuthi nami ngivikele intando yabantu. Sonke sifuna into eyodwa… kunciphe abantu abathembele ezibonelelweni, izibhedlela ezisebenza kahle futhi wonke umuntu azimele. Sinezindlela ezihlukene zokukwenza lokho,” kusho yena. 

UNkk uNgoma usanda kuba sematheni ngenxa yokuwina umklomelo we-African Women Chartered Accountants (i-Awca), i-2021 Public Sector CFO of the Year.

Uthi lo mklomelo uwubufakazi bokuthi nasezikhungweni zikahulumeni uyenziwa umsebenzi osezingeni eliphezulu nokuthi babambisene kahle nethimba asebenzisana nalo. 

Ngaphambi kwalesi sikhundla asiphethe manje, ubeyi-CFO (i-chief financial officer) khona eHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele.

Uthi nakuba kukuhle ukukhuluma ngasekuzuzile kodwa uyathanda nokuxoxa ngezingqinamba endleleni ukuze abantu bazi ukuthi ukuphumelela akusho ukuthi yonke into ihamba kahle ngaso sonke isikhathi. Muzwe echaza.

Njengoba isiNtu sisho ukuthi indlela ibuzwa kwabaphambili futh injobo enhle ithungelwa ebandla, uNkk uNgoma uthi kuhle nokucela usizo kwabanye abantu.  

Okunye ngaye:  

  • Wenze imisebenzi eminingi e-IDC, wagcina eseyinhloko ye-Internal Audit;
  • Ufike eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele ngo-2012 eyi-corporate executive eqondene nophiko lweziMali, kwaNdabazabantu nezoMthetho; 
  • Unabantwana abathathu;
  • Ukhonze ukufunda izincwadi nokuvakashela izindawo nomndeni wakhe;  
  • Izincwadi azikhonzile ngezikhuluma ngobuholi obususelwa eBhayibhelini njengezikaTD Jakes noMyles Munroe. Uyazithanda neze-fiction njengezikaSidney Sheldon;  
  • Ukhonze ukupheka kanti ukudla azifelayo ngakho yidombolo nomleqwa.  
  • Bazalwa bathathu kubo kodwa kukhona umfowabo ongasekho emhlabeni.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page