UNksz uMinenhle Mhlongo, umsunguli weMilani Meals, eyenza ukudla kwezingane okunempilo, yaseThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Uthando lokuba wusomabhizinsi nokuba nengane kumnike umqondo webhizinisi lokudla elihlukile. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

BEKUMKHATHAZA ukuthi izingane ezisanda kuzalwa zikhuliswa ngokudla okuhlala isikhathi eside esitolo, kwenye inkathi osekudlulelwe yisikhathi. Loku kumhluphe kakhulu uma esenomntwana waze wafikelwa wumcabango wokuqala ibhizinisi lokudla kwezingane ezisanda kuzalwa okungahlali isikhathi eside njengokwasezitolo.

UNksz uMinenhle Mhlongo, wasePinetown, eThekwini, KwaZulu-Natali, usungule iMilani Meals, eyenza ukudla okunempilo okuhlolwe ngabezempilo, nokulungele izingane ezinezinyanga eziyisithupha kuya phezulu.

“Ngikhule ngivele ngifisa ukuba wusomabhizinisi, okungakho ngenza izifundo ze-Marketing and Media e-UKZN (i-University of KwaZulu-Natal), ngenzela ukuthola ulwazi engizolusebenzisa (ukukhangisa) ibhizinisi lami.

“Kuthe sengiphothule izifundo ngo-2018, ngayithwasa ezinkampanini ezimbili, ngisacabanga ngihlela ukuthi hloboluni lwebhizinisi engingaliqala,” kulanda yena.

Uthi umcabango weMilani Meals umfikele ngo-2019 ngemva kwezinyanga eziyisithupha ezele uMilani, indodakazi yakhe, aqambe ibhizinisi ngayo.

UNksz uMhlongo nendodakazi yakhe uMilani, aqambe ibhizinisi ngayo

 “Bengingafuni nhlobo ukuthi ingane yami idle ukudla kwezingane okuhlala isikhathi eside (esitolo). Kunaloko bengize ngincamele ukuyenzela mina ukudla okunempilo, ngisebenzisa izithelo, amaveji nezinye izithako ezinempilo.

“Ngiqale kanjalo-ke ngizihlupha ngolwazi lokwenza ezinye izinhlobo zokudla okunempilo okungahlali isikhathi eside, ngase ngiqala iMlilani Meals ngoSepthemba ngonyaka odlule,” kusho uNksz uMhlongo.

Usebenzisa izithelo, amaveji, inyama yenkukhu nezinye izithako ukuhlanganisa ukudla kweMilani Meals.

Ezinye zezinhlobo zokudla kweMilani Meals

Ugabe ngokuthi ukudla kweMlilani Meals kuhlolwe e-laboratory, kwavunywa yi-dietician ukuthi kulungele ukudliwa yizingane futhi akunabungozi kuzona.

Nakuba ezigqaja ngokwenza ukudla okunempilo kepha akulula. Uthi: “Kusenzima ukuthi abantu bakholelwe kuyona ngokuphelele ngoba sebajwayela ukudla kwasezitolo nokudayisa online, okwenza abanye abantu bakungabaze (okweMilani Meals).

“Okunye wukuthi wonke umsebenzi usabheke mina okwamanje ngoba angikabi nawo amandla okuqasha abazongilekelela,” kusho yena.

“Kukho konke loku ngibonga indodakazi yami ngoba iyona (eyenza) ngaqala iMilani Meals kanti angizisoli neze ngokuyiqala. Ukufuna ukuyishiyela ifa laphakade yiko okwenza ngime nasezimweni ezizamazamisa ibhizinisi.

“Ukuqala nokuphatha ibhizinisi akulula ngako kubalulekile ukuthi ube nesineke, uyazi futhi uyithande into oyenzayo ukuze ungakhathali endleleni,” kucebisa uNksz uMhlongo.

Uthi okwamanje iMilani Meals isatholakala eThekwini namaphethelo kuphela. Ibiza uR17 kuya kuR24.

Uthi uzoqhubeka nokuzikhandla ukusimamisa iMilani Meals ikhule, ukudla kwayo kugcine sekutholakala nasezitolo ikwazi nokufinyelela kwezinye izindawo ezweni, hhayi eThekwini kuphela.

Facebook: Milani meals

Instagram: milanimealsdbn

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page