UMnu uDerah Manyelo, omunye wabasunguli beBlack Star Transport & Logistics yase-Ivory Park, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Liyadlondlobala ibhizinisi lezokuthutha elisungulwe ngenxa yeCOVID-19. Baxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBHEDUKA kweCOVID-19 kwenze babona ithuba lokuqala ibhizinisi. Namhlanje sebeqashe abantu abangaphezu kuka-100 ebhizinisini eliqashisa ngezimoto zokuthutha ifenisha nezokuvakasha.

Beqala ukuthola amakhasimende kwakungabantu ababedinga ukuthuthelwa izimpahla begoduka ngemva kokubheduka kobhubhane iCOVID-19. OMnu uDerah Manyelo noMnu uFortune Shabangu, base-Ivory Park, eGoli, eGauteng, basungule iBlack Star Transport & Logistics, ibhizinisi abaliqale ngeveni eyodwa.

UManyelo uthi nakuba bebenethemba lokuthi uma besebenza kanzima ibhizinisi lizokhula kodwa bebengalindele ukuthi lizokhula ngamandla ngokushesha kangaka.

“Abantu abaningi babethutha ezindaweni abahlala kuzona benzela ukuphepha besemakhaya. Siliqale kanjalo-ke leli bhizinisi sisebenzisa iveni ukusiza abantu ababeqiqinga imithwalo belibangise ezindaweni ezihlukene ngoba bebona kungaphephile ukuhlala lapho abebehlala khona ngenxa yokuvala kwezwe,” kulanda yena.

Umthwalo usobhokweni iveni yeBlack Star Transport & Logistics ithutha izimpahla

Uthi basizwe yizinkundla zokuxhumana ezibadobele amakhasimende amaningi eGoli nakwezinye izifundazwe. “Sigcine sithintwa ngabantu abakude nathi, nokusiphoqe ukuthi siqashe abashayeli abanamava ngoba umsebenzi ubusukhula ngokuphindiwe. Kumanje sisebenzisana nabashayeli abangaphezu kuka-200 abanezimoto ezihlukene njengamaveni namaloli okuthutha ifenisha.”

UShabangu, omunye wabasunguli beBlack Star

UShabangu uthe bagcine sebengeza ngokuqashisa ngezimoto kwabasuke bethatha uhambo olude lomsebenzi noma bevakasha nemindeni yabo, okungenye yezindlela abakhulisa ibhizinisi ngayo.

“Abashayeli bethu bahambisa (abantu) ezindaweni abasuke beya kuzona, bahlale babalinde uma kukude kakhulu naseGoli lapho bese bebabuyisele emuva uma sekuphele isikhathi sohambo,” kusho yena.

Ukuthutha ifenisha kuqala kuR400 izindawo eziseduze neGoli kanti babiza uR2 500 kuya phezulu ngosuku kwabaqasha imoto, kuye ngokuthi uhambo lude kanganani.       

Bathe ungakapheli unyaka bazokwethula i-app ezokwenza kube lula ukuthi amakhasimende aqashe izimoto.

“Sizoqhubeka futhi sivule amathuba emisebenzi entsheni yakithi engasebenzi. Sifuna kuphele lo nyaka sesinabashayeli abangephezu kuka-1 000 futhi (maduze) sizogcina sesiyinkampani enkulu njenge-Uber,” kuphetha uManyelo.

Facebook: Black Star Transport & Logistics

Instagram: blackstartrans

  • Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page