UNksz uLondi Yika, umsunguli weHouse of Play yaKwaMashu, eThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: wuSlindile Khanyile nezithunyelwe

Ukuzifela kwakhe ngomuntuza kumholele ebhizinisini lezingane elihlukile. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UDUME ngokuthanda izingane emndenini wakhe kangangokuthi ngisho kunomcimbi kubo uyaziwa ukuthi yena unakekela izingane. Bathi abanye bezikhathaza ngokuthi konke kumi ngomumo yini ngomcimbi, yena usuke ebuza ukuthi izingane zihlinzekelwe ngakho konke yini ezizokudinga njengokudla, indawo yokulala nokunye.

Lolu thando lwezingane lumholele ekutheni afundele umsebenzi ozoqinisekisa ukuthi usebenza ngezingane njengoba ene-National Diploma in Child and Youth Development yaseNatal Technikon, okuthe ngokuhamba kwesikhathi wazithuthukisa ngokwenza i-BTech kulesi sikhungo esesibizwa ngeDurban University of Technology.

Akagcinanga lapho njengoba uNksz uLondi Yika egcine esevule iHouse of Play (iHOP), indawo enakekela izingane nsuku zonke kusukela ngo-8 ekuseni kuze kushaye u-10 ebusuku. Kwesinye isikhathi izingane zigcina zilala kuye nesidingo somzali ngaleso sikhathi. Umzali uyayibekisela ingane uma ezodinga ukuthi igadwe ngosuku oluthile.

UNksz uYika, ozalwa futhi okhulele KwaMashu, eThekwini, KwaZulu-Natali, uthi umqondo weHOP kade wamfikela kodwa eloku esaba. Uthi isibindi uze waba naso ngo-2020 uma kuhlasela iCOVID-19 njengoba ethi lolu bhubhane lumkhombise ukuthi kulula ukuthi impilo ishintshe ungazelele wase ezidela.

UNksz uYika nabamsizayo eHOP, indawo ebheka izingane yaKwaMashu, eThekwini, KwaZulu-Natali

“E-House of Play sisiza abazali abangazi ukuthi ingane bazoyishiya nobani, labo bazali abangakwazi ukuyisa ingane kwagogo, mhlawumbe umuntu odinga ukuyokwenza ikhanda nezinzipho amahora ambalwa, umuntu ofundayo, ozisebenzayo othola ukuthi ubecabanga ukuthi uzobe eseqedile ngesikhathi esithile kodwa kube nekhasimende elimdingayo nokuphoqa ukuthi aqhubeke asebenze.

“Izidingo zabazali azifani nokungakho sihluke ngokuthi thina asivali ngo-5 ntambama. Senzela nalowo mzali othi noma enaye umuntu omsizayo kwakhe kodwa odinga usizo uma ‘uSisi’ (umzanyana) egodukile noma mhlawumbe eseshayisile ngoLwesihlanu ntambama. Indawo yethu iphephile futhi yindawo umntwana akwaziyo ukudlala akhululeke abe yingane kahle,” kusho yena.

Izingane zichitha isizungu nangobuciko eHOP

Nokho ugcizelela ukuthi abayona inkulisa, okusho ukuthi abakwenzayo akugxilile ekufundiseni izingane umsebenzi wesikole nakuba zikhona izinto izingane abazifundisa zona njengama-puzzle, ukudweba, ubuciko nezemidlalo.

Okwamanje iHOP isazinze KwaMashu kubo kwaNksz uYika, lapho eqashe khona abantu ababili kanti nonina owuthisha osathatha umhlalaphansi uyalekelela.

Ukugadelwa ingane kuqala kuR70 kuye nokuthi udinga ukugadelwa isikhathi esingakanani nokuthi ingane isuke izoziphathela yini ukudla noma umzali uyiletha nokwayo.

Okunye asebekwengezile yimicimbi yokungcebelekisa izingane njengokuthi babe nosuku lapho behlelela khona izingane ukuthi zibuke ifilimu. Ngamaholidi ePhasika bazenzise i-Easter egg hunt.

UNksz uYika uthi ngale kokuthanda izingane, enye into emgqugquzele ukusungula iHOP wuthando lwakhe lwe-speech and drama netoho ayelenza uma kuvalwe izikole ngesikhathi esenza amabanga aphezulu eDanville Park Girls’ High School eDurban North. Mlalele echaza.

Uthi uzibone kahle izidingo zabazali uma naye esewumama njengoba enezingane ezimbili, intombazane eneminyaka eyisikhombisa nomfana oneminyaka emithathu.

UNksz uYika usebenzela umNyango wezobuLungisa lapho eyi-intermediary yezingane. Emsebenzini usebenza ngezingane ezihlukunyezwe ngezindlela ezihlukene kanti yena umsebenzi wakhe wukukhulumela ingane uma kusuke kufanele ithule ubufakazi enkantolo.

Uthi umsebenzi wakhe eHOP ngenye yezindlela azisebenzisayo ukukhohlwa yilezi zinto ezibuhlungu abhekana nazo emsebenzini. Kepha futhi uyalusebenzisa nalolu lwazi lwasemsebenzini ukufundisa izingane ngezinto okufanele zizigade, ikakhulukazi ngendlela ezithintwa ngayo emzimbeni.

“Ngiyabafundisa abantwana ukucebana, yinto engiyikhuthaza kakhulu ngoba izinto zihlala obala uma umntwana eceba,” kusho uNksz uYika.

Uthi ukuzisebenza sekumfundise ukuthi akwazi ukubheka ukuthi yini efunekayo angabambeleli nje kwakucabangayo njengoba esengeze nama-play date ezintweni abazenzayo nokufunda ukuthemba abanye abantu njengoba kukhona abaqashile. 

Facebook: Londi F YikaInstagram:@umayika

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page