UNksz uGloria Phakathi, umsunguli weGlo Mo Solutions yaseGoli, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Owaxakwa wukuqashwa ungenisile kwezobuchwepheshe ngenkampani ethi yena. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UWUNJINIYELA wobuchwepheshe ongakaze akujabulele ukusebenzela omunye umuntu njengoba ayengakwazi ukuba namaphupho amakhulu. Emva kweminyaka yezifundo ezinzima, usomabhizinisi waseGoli, eGauteng, wasungula iGlo Mo Solutions esiza ngemisebenzi yekhompyutha. 

UNksz uGloria Phakathi utshele iVutivi News ukuthi emva kokuqeda izifundo zakhe ze-Diploma in Software Engineering wasebenza ezindaweni ezihlukene njengomluleki wezobuchwepheshe kodwa wayezizwa enqindeka.

“Ngenkathi ngiqashiwe, ngangiqashelwe ukwenza imisebenzi ethile kuphela,” kusho yena. “Ngaqala ibhizinisi ukuze ngikuqede loku, ngathi sengingenile ebhizinisini ngathola ukuthi kumele ngiphathe yonke into esebhizinisini, loku ngakuzwa ngathi kwakuyinselelo engangiyidinga.” 

Waqala ibhizinisi ngo-2015. Lenza imisebenzi yokuhlaziya nokuphatha amabhizinisi. Lidweba futhi lihlanganise izinsiza ezisebenza ngobuchwepheshe kanti ezimbili ezihamba phambili yiWorxflow360 Management neMoHRM Payroll & HR Solutions, ezithulwe ngo-2022 nango-2020. 

UNksz uPhakathi uthi waqala engaxhasiwe. Ubedayisa amanye ama-application, okwamlethela impumelelo. Ngo-2019 wangenela umncintiswano owawuphethwe yiSage Accounting, wawina u-R210 000 aqala ngawo umsebenzi wesoftware iWorxflow360 Management.

UNksz uPhakathi nezinye izisebenzi zakhe

Waqasha ungoti izinyanga eziyisithupha, owahluleka ukufeza izithembiso zakhe. “Loku kwaholela ekutheni ngilahlekelwe wu-R160 000. Ngamthathela izinyathelo zomthetho, okumanje udaba lusezandleni zabameli bethu,” kusho yena. 

“Kwangibuyisela emuva kakhulu loku, ngafunda kanzima ukuthi akumele ngithembele ebantwini kodwa kumele ngenze olwami uphenyo ngabantu engibaqashayo,” kusho yena. Uthi waba nenhlanhla ngoba iSage yamboleka u-R1.5 million ngo-2020.

Usungule iMoHRM Payroll HR Solutions, eyenzela izinkampani ezisafufusa imisebenzi yakwandabazabantu. Kuloku uqashe ungoti osebenza ngokugcwele nezinye izisebenzi ezinhlanu. Le nkampani isiza ezinye ukuthi zithole ongoti bezobuchwepheshe namakhompyutha.

UNksz uPhakathi uthi wayengawuboni umphumela owenziwa yimikhiqizo yakhe ngaphambi kokwethula iWorxflow360 kulo nyaka. Lobu wubuchwepheshe obenzelwe noma yiliphi ibhizinisi elisiza abantu nezinye izinhlobo zamabhizinisi asafufusa njengo-plumber nabafaka ama-air-conditioner. Wubuchwepheshe lobu obusebenza ngamakhompyutha nangeselula. 

Uthi eminyakeni emihlanu edlule usebenze nezinkampani ezihlukene emazweni anjengeBotswana neZimbabwe. Uhlela ukwenza eminye imisebenzi emazweni ase-Afrika eseNingizimu.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page