Onebhizinisi elingandile kwabamnyama nelinamakhasimende emadolobheni ufisa ukungenisa emakhaya manje. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

ISIKHATHI esiningi uqashwa ngabantu basemalokishini, basemadolobheni nabahlala ezindaweni zabadla izambane likapondo owenza imipheme yezimoto, phecelezi ama-carport. Aseyindlala amakhasimende awathola ezindaweni zasemakhaya yize eseke waqashwa eNquthu, Empangeni naKwaNongoma.
UNksz uXoliswa Chewuka, odabuka eFlagstaff, eMpumalanga Kapa, kodwa osezinze eDurban North, eThekwini, KwaZulu-Natali, wumsunguli weXoliswa Carports & Awnings, ibhizinisi lemipheme yokuvikela izimoto zingashiswa yilanga futhi zinganethwa.
Yize bumkhathaza ubuncane besibalo samakhasimende asemakhaya amthintayo kodwa futhi yiko kanye okwenza afune ukuqhubeka nokuzikhandla ngomsebenzi wakhe ukuze ahehe inqwaba yamakhasimende emakhaya.
Uthi nakuba leli kuyibhizinisi okukhonya kulo ezinye izinhlanga kodwa uthando lwakhe lwama-carport nokufuna ukuba nebhizinisi lokuziphilisa kwenze waziphonsela inselelo yokuliqala egabe ngokuthi ukusebenza kanzima kuzala ngempumelelo.

“Ngiphothule u-matric ngo-2010 ngacijelwa i-counselling (nayo engikhule ngiyithanda) unyaka owodwa ngo-2012 kwelinye lamakolishi aseSayidi (ePort Shepstone, oGwini oluseNingizimu) kodwa ngokubona ukuthi ukufuna umsebenzi kuzongibambezela, nginqume ukuqala iXoliswa Carports & Awnings ngo-2013.
Uthi akawukhaleli uR5 000 athenga ngawo amathuluzi okuqala ibhizinisi futhi kuyamthokozisa ukubona indlela ibhizinisi lakhe elikhula ngayo. Babiza kusuka kuR6 000 kuya phezulu ngomsebenzi wabo.
“Ebhizinisini ngisebenzisana nenye inkampani engithenga kuyo izinsizakusebenza zokwenza ama-carport bese mina ngisebenza ukubhekelela ukuthi izisebenzi zami eziyisithupha zenza umsebenzi ngendlela efanele nezogculisa amakhasimende ethu,” kulanda yena.

Yize ziba khona izikhathi zendlala kodwa uthi ukukhangisa ibhizinisi ezinkundleni zokuxhumana, ukwazisa abantu ngalo konke lapho ahamba khona nokungawuvali umlomo kwaseke wabenzela umsebenzi, kwenza angawasweli amakhasimende.
“Kuyenzeka kube nesikhathi lapho engabi bikho khona amakhasinende, ikakhulukazi ebusika ngoba izulu kalini nelanga kalishisi kakhulu, ngakho babambalwa abantu abasuke becabanga ukufaka ama-carport emakwabo.
“Kodwa akubi yisikhathi eside kangako. Isikhathi esiningi sihlale simatasa siqashwa ngapha nangapha ngenxa yobuhle bomsebenzi wethu. Kuyenzeka sisebenze ezindaweni ezimbili noma ezintathu ngosuku, kanti siyawenza noR30 000 ngosuku ngezinye izinsuku,” kusho uNksz uChewuka.
“Kuningi nengikufundayo ebhizinisini usuku nosuku ikakhulukazi ngoba ngiphethe abantu futhi ngisebenza ngabo, ngakho kusemqoka ukuxhumana nabo ngendlela efanele. Nangaphandle kwalokho, sengifunde nokuphatha imali ngokucophelela, ngingayisaphazi ezintweni ezingenasidingo,” kusho yena.
Inselelo enkulu abhekene nayo manje wukukhulisa ibhizinisi lakhe nokungenisa ezindaweni zasemakhaya, lapho okusewumqansa ukuthola amakhasimende khona.
“Kusenzima ukuthola amakhasimende emakhaya futhi kuyangikhathaza nokuthi angikawatholi ngakithi eMpumalanga Kapa kodwa-ke ngizoqhubeka nokusebenza kanzima ukuze ngigcine sengifinyelela kuwo wonke umuntu.
Unesinye isifiso ngaphezu kokufinyelela emakhaya. “Ngifuna nokuvula amagatsha ebhizinisi lami kulo lonke leli (zwe) eminyakeni ezayo,” kuphetha uNksz uChewuka.
Facebook: Xoliswa Carports & Awnings/Xoliswa Chewuka Mbiza
Instagram: xoliswacarportsandawnings
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo


