Usizwe wubhubhane ukukhulisa ibhizinisi lakhe eselinezinhlobo ezihlukene zamakhasimende. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

INSIZWA yaKwaMhlanga, eMpumalanga, yasungula ibhizinisi layo ngoba ikholelwa ekwenzeni imisebenzi yezandla ehlukene. Loku kwayisiza ngoba kwahlenga ibhizinisi layo ngesikhathi izwe livaliwe.
UMnu uNtokozo Mtsweni wasungula iZenzelayo (Pty) Ltd, ayibhalisa ngo-2020, nakuba yaqala ukuhweba ngo-2015. Ubuciko bakhe bugqama emsebenzini wakhe wokhuni nowensimbi kanti kowokhuni kugqame izingqoko, okuyizona ezithandwa kakhulu.
UMtsweni utshele iVutivi News ukuthi ngenkathi eqala isitolo wabhekana nezinselelo eziningi kodwa uyazibonga ngoba zamqinisa ukhakhayi ukuze afinyelele lapho ekhona manje. “Ngenkathi ngiqala ibhizinisi ngangifuna into yokuziphilisa. Ngoba ngikhonze ukusebenza ngezandla futhi ngithanda ukusebenza ngensimbi nokhuni ngaqala ngadayisa,” kusho yena.
“Ngenza umsebenzi wokhuni oyizinhlobo ezihlukene okukhona kuwona izihlalo nezingqoko nomsebenzi wensimbi njengemipheme yezimoto, amasango, ukubiya ngensimbi namabhentshi kwemizi yabantu namabhizinisi.
“Manje nginamakhasimende izwe lonke kanti ngiqashe abantu abathathu, kodwa akuqalanga kunje. Empeleni, kunesikhathi lapho engacishe ngayeka khona,” kukhumbula uMtsweni.

UMtsweni waqala ngokwenza ifenisha ngamathayi, okwamsiza wakwazi ukuthenga amathuluzi ukuze akwazi ukukhiqiza ezinye izinto. “Ngezinsuku zokuqala ngiwusomabhizinisi ngangisebenzela kakhulu izimpahla namathuluzi kanti kwakunzima.
“Ababaningi abantu ababethemba umsebenzi wami kanti abanye babengibukela phansi. Abanye babengeseka kanti abanye babezibizela imali abayifunayo, bengawavumi amanani ami. Kwaba nzima kakhulu kuMtsweni ngenkathi kuqala kuvalwa izwe thaqa. ”Ngaleyo nkathi, ngangidayisela amashibhi nezinye izindawo. Kwathi uma evalwa thaqa, angangaba namakhasimende,” kusho yena. “Ngakho ngaqala ngingqongqoza emizini yabantu, ngibalungisela amasango, uthango lwenzimbi kanti kwakwenzeka ukuthi ngithole nomsebenzi wama-carport.
Ukuphokophela kukaMtsweni kwasiza ibhizinisi lakhe ukuthi lihlengeke. Ukholwa wukuthi isikhathi sobunzima sidlulile manje. “Njalo uma ngihlangabezana nenselelo, angishaywa wuvalo kodwa ngiyahlela, ngiqhamuke namaqhinga,” kusho yena. “Ngikholwa wukuthi usomabhizinisi kufanele akufanele akwazi ukwenza into eyodwa nje kodwa kufanele abe namaqhinga amaningi okwenza imali. Umuntu kufanele acabange ukunikwa abantu loko abakudingayo kanti ekwenzeni loko, kuyohlale kunamathuba,” kucebisa uMtsweni.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

