Unabele kweminye imisebenzi ngoba ebambe ngamazinyo ibhizinisi lendawo yokulala ukuthi lingawi. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUBHEDUKA kwegciwane iCOVID-19 ezweni kugcine kuphoqa uhulumeni ukuthi avale izwe ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwalo. Loko kube nomphumela omubi kosomabhizinisi, ikakhulukazi abasafufusa, abagcine bephoqeka ukuvala amabhizinisi abo kungasebenzeki.
Nokho kunabanye abasebenzise isikhathi se-lockdown ukuvula amanye amabhizinisi ngenhloso yokuziphilisa, bagweme nokuthi kuwe amabhizinisi abawaqala ngaphambi kokubheduka kweCOVID-19.
Omunye wabo wuNkk u-Aseza Mphindwa-Mbaswana waseMpumalanga Kapa. Uwumsunguli weFlight Inn B&B, indawo yokulala nokudla eseMargate, oGwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natali.
UNkk uMphindwa-Mbaswana uqale iFlight Inn B&B ngo-2019 ngenxa yothando lwakhe lokuvakashela izindawo ezihlukene ezweni, olugcine lwenza waba nentshisekelo yokuqala ibhizinisi.
“Bengivame ukuhambela izindawo ezihlukene (ezweni), ngivakashela nezindawo zokulala ezihlukene, nobekuthi uma sengikuzona ngibuze abaphathi bazo ukuthi kusetshenzwa kanjani, base benginika ulwazi engilusebenzise ukuqala ibhizinisi lami lendawo yokulala,” kulanda yena.
Uthi umndeni wakhe umsize kakhulu ngemali ngenkathi eqala ibhizinisi, athi okunye okwenze waliqala wukuthi bambalwa kakhulu abantu abasha abanebhizinisi ellifana naleli eMargate.

Naye njengeningi losomabhizinisi ubhekane nobunzima kudlanga iCOVID-19 ezweni, nokuphoqe ukuthi aqhamuke neqhinga lokwenza isiqiniseko sokuthi izisebenzi zakhe azisokoli. Yilapho-ke aqale khona ukwenza nokudayisa u-ice cream. Unezisebenzi ezimbili eziyitoho nezintathu eziqashwe ngokugcwele.
“Imboni yezokuvakasha yavalwa kodwa thina kwakumele siqhubeke nokukhokha zonke izindleko zethu sigcine nebhizinisi lethu lingawi. Ukuze ngenze loko, ngiqale ibhizinisi lokudayisa u-ice cream esiwenzela eFlight Inn B&B.
“Manje u-ice cream wethu sesiwudayisa ngisho emagaraji kaphethroli, ezindaweni zokudla nasezitolo zendawo kanti wenza kahle kakhulu seloku ngaqala ukuwudayisa ngo-2020,” kusho uNkk uMphindwa-Mbaswana.
Ngokubona ukuthi abantu bawuthenga ubuthaphuthaphu u-ice cream wabo wengeze ngebhizinisi lokudla nelokwenza imicimbi.
“Ngangingakaze ngizicabange nginebhizinisi lokudla futhi anginawo namava okupheka kodwa ngokubona abantu bengasakukhuthaleli ukupheka emingcwabeni, nganquma ukubenzela ukudla osekulungele ukudliwa.
“Ngiqale kanjalo-ke, ngagcina sengikwenza njengebhizinisi. Manje sesenza imicimbi nemibuthano eyahlukene ehholo elingaphakathi eFlight Inn B&B, nelilungele imicimbi enjalo,” kusho yena.
UNkk uMphindwa-Mbaswana uthi uzibona enenhlanhla kakhulu ngempumelelo yakhe yezamabhizinisi futhi kuningi nakufunde ngokuphatha ibhizinisi. “Isifundo esikhulu engisifundile kulesi sikhathi wukuthi uma wenza into ngothando, uba namandla okumelana nobunzima bayo.”
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za
Facebook: Flight Inn B&BInstagram: flightinn_margate

