IMeya yaKwaMhlabuyalingana uMnu uThembinkosi Khumalo icelwa ngosomabhizinisi abasafufusa ukuthi ingenelele ekuxoshweni kwabo

Izithombe: Zithunyelwe

Abasafufusa bakhala ngomasipala abathi ubaphuca isinkwa. USLINDILE KHANYILE uyabika

OSOMABHIZINISI abasafufusa baKwaMhlabuyalingana, eNyakatho yeKwaZulu-Natali, bakhala ngomasipala ngokubabulala ngendlala njengoba bethi baxoshwe emakethe asebeneminyaka besebenzela kuyona. Basola omunye wabaphathi bakamasipala abathi usanda kuqashwa kanti uzenzela umathanda.

Labo somabhizinisi bathi batshelwe ngenyanga edlule ukuthi sekuzofanele badede emakethe yaseManguzi kanti izincwadi ebeziqinisekisa loku bazithole ekuqaleni kukaMeyi. Lezi zindlu ziqashwa ngoR300 ngenyanga, okuyimali eya kuMasipala waKwaMhlabuyalingana.

Omunye walabosomabhizinisi abaxoxe noMbele uthe uqale ukusebenzela kule ndawo kusukela ngo-2016. Ungene egunjini ebelisetshenziswa wumfowabo kanti ubedayisa ukudla okuphekiwe no-ice cream. 

“Ngiziphilisa ngawo lo msebenzi. Njengoba singasebenzi, nezingane azisenayo nemali yokugibela. Umntwana wami omdala isikole samabanga aphezulu afunda kusona siqhelile, ngakho ukugibela kuwuR15 ngosuku kodwa akasayi ngoba ayikho imali,” kusho lo somabhizinisi wesifazane. 

Wengeze ngokuthi uyapatanisa ngokuphekela phandle kodwa wathi umsebenzi awuqhubeki kahle. “Kunzinyana ukuphekela emnyango ngoba kunomoya kanti namakhasimende awasezi njengakuqala ngoba bacabanga ukuthi sesivalile. Besiwenza uR300 kuya kuR600 ngosuku uma kungekho matasa kodwa ngempelasonto besiyenza imali ephakathi kukaR1 000 noR3 000 kuye nokuthi iyiphi impelasonto,” kusho yena.

Incwadi ebhalelwe osomabhizini basemakethe yaseManguzi

Omunye usomabhizinisi oxoxe noMbele uthe besekufike isikhathi sokuthi bavuselele izinkontileka zokusebenzisa indawo kodwa kwasho ukuthi abavumelani ngoba umasipala awufuni baqashise ngezindawo noma baqashe abanye abantu. 

“Kunenemenja (yophiko lokuThuthukisa umNotho) esanda kufika isuka eSwatini ezenzela umathanda. Ayiwazi umlando wale ndawo njengoba lena yindawo abantu abaqala ngeminyaka yo-1970 no-1980 ukusebenzela kuyona. Sasingenazo ngisho izindlu ezincane. Lo muntu ngisho efuna nibe nomhlangano ufika yedwa, ugcine ungabe usazi ukuthi loku akwenzayo uzenzela yena noma yinto yomsebenzi ngempela.

“I-Business Forum isike yakhuluma naye futhi wakhuluma kahle ngesikhathi ikhona. Kepha uma usufike ehhovisi lakhe, uyakuxosha. Yena ufuna wena mnikazi wendawo uhlale ukhona kanti phela kokunye uqasha abanye abantu ukuqhuba umsebenzi noma kokunye uthume umuntu ukuthi ayokukhokhela irenti, akakufuni-ke yena loko,” kusho lo somabhizinisi.

Uthe bacela imeya nosomlomo ukuthi bangenelele kulolu daba.

IMeya uMnu uThembinkosi Khumalo ithe kunezinkinga ezimbili ngemakethe yaseManguzi. “Kunemakethe esedolobheni bese kuba nenye esiyilungisayo. Inkinga yokuqala ithinta abantu abawu-28 esingababuyiselanga kanti abanye abawu-50 babuyelile.

“Inhloso yemakethe akukona ukwenza imali kodwa kukhona imali encane (uR300) esibakhokhisa yona ngoba sibenzela imisebenzi efana nokuyihlanza indawo nokunye. Kepha eminyakeni emibili edlule siqale sathola izikhalo kubantu bebuza ukuthi kungani ingafani imali abakhokhiswa yona ngoba kunabanye abebekhokhiswa oR1 000 noR1 500. Sibe sesiphenya sathumela imenenja yeLED (iLocal Economic Development) ukuthi ibheke, sathola ukuthi kunabantu asebekhethe ukuqashisa ngazo izindlu; kunokuthi bazisebenzele ukuthi babe ngosomabhizinisi. Yilabo bantu-ke esibamisile ukuze silungise indaba yabo. Sibabhalele izincwadi ngoba asikwazi ukubakhipha ngesihluku. 

“Inkinga yesibili wukuthi kukhona abantu ababili bona abanezindlu ezimakethe zombili, nesithi akukwazi ukwenzeka ngoba kufanele kuvulelwe nabanye amathuba. Yizindawo zikamasipala zombili lezi. Njengamanje sithe ofuna ukuqhubeka akunankinga uma umuntu inhloso kuwukuqhubeka nebhizinisi,” kusho imeya.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page