UNksz uZanele Sithenjwa, omunye wabasunguli be-The Rib Plug yaseSoweto, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Ukuziphantela ukuze bandise emalini abayithola kumqashi kuholele ekuvuthweni kwebhizinisi lenyama enomkhuba phakathi lezintokazi zaselokishini. Omunye wazo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

ZININGI izifundo ongazifunda emakhasimendeni akho ngomkhiqizo wakho futhi loko ngenye yezinto ongazisebenzisa ukukhulisa ibhizinisi lakho ulenze libe ngcono kunoliqale liyikona.

Usho kanje uNksz uZanele Sithenjwa, omunye wabasunguli be-The Rib Plug, ibhizinisi lenyama elizinze eMndeni, eSoweto, eGauteng. Ulisungule ngokubambisana noNksz uMandisa Ndlovu ngonyaka odlule.

UNksz uSithenjwa uthi i-The Rib Plug bayiqale ngenhloso yokuzithuthukisa nokukhombisa abasondelene nabo ukuthi ukusebenza kanzima kuthela izithelo, nokuthi konke ozinikela kuko ungakwenza uma uzimisele.

“Besifuna nokuba nento eseceleni ezosenzela imali njengoba sobabili leli bhizinisi siqale sinemisebenzi ebesiqashelwe yona eceleni kodwa mina manje sengigxile ebhizinisini kuphela.

Ama-ribs ase-The Rib Plug esalungiswa

Ebhizinisini labo badayisa inyama yenkomo, eyengulube nezimbambo zesiklabhu nezenkomo esiphekiwe yanongwa. Inyama abayidayisayo bayilanda kwenye inkampani isilungele ukudliwa. Yonke bayidayisa isemaphaketheni awu-1kg.

Uthi bakhuthazwe ngabantu basemakubo nabangani ukuqala leli bhizinisi. “Besivame ukubadayisela inyama yethu, kwathi ngokungawuvali umlomo kwabo nabanye ebesibadayisela, sanda ngokushesha isibalo sabantu abayifunayo.

UNksz uMandisa Ndlovu, omunye  wabasunguli be-The Rib Plug

“Besize sithole ama-oda amaningi inyama ize iphele kusekhona amakhasimende ayifunayo kodwa manje senza isiqiniseko sokuthi siba nesitoko esanele. Siyaqinisekisa nokuthi senza inyama yezimbambo ibe ningi ngoba iyintandokazi emakhasimendeni ethu, yize ekhona nathanda kakhulu eyembuzi kuneyezimbambo zenkomo nezesiklabhu,” kusho uNksz uSithenjwa.

Aconcisa amathe kanje ama-ribs e-The Rib Plug uma eselungele ukudliwa

Nakuba izimbambo zenyama yabo zithandwa ngamakhasimende abo kodwa bafunde lukhulu kwasekebakhononda.

“Kunamakhasimende ethu ake akhononda ngokuthi enye yenyama yezimbambo bekwenzeka ibe noshukela omningi, futhi loko yinto esisebenzela ekutheni siyishintshe maduze.

“Loko sizokwenza ngokwethula ezinye izinhlobo zama-sauce azothakaselwa yilabo abangayithandi inyama yezimbambo, ngoba siwahlonipha kakhulu amakhasimende ethu futhi iphupho lethu elikhulu wukuthi sigcine sesinezitolo okuzotholakala kuzona inyama yethu,” kusho yena.

Facebook: The Rib Plug

Instagram: theribplug

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page