Uthando lokuvakasha nomndeni wakhe lumholele emqondweni webhizinisi lokungcebeleka elihlukile kubantu abamnyama. Uxoxe noLANGA KHANYILE

UKUPEPENYEKA ngezimbembeshwana ezimasondokazi amane yibhizinisi lokungcebeleka elingavamile lapho kwakhe indlu emnyama khona. Cishe nosomabhizinisi abamnyama abanama-quad bike ngeke beqe esandleni uma bebalwa.
UMnu uVusi Zuma, umnikazi weNceks Quad Biking, ungenisile kuleli bhizinisi lokungcebeleka futhi unezinhlelo zokuqopha umlando ngokuba yivulandlela kulo mkhakha eThekwini. Kumanje unezindawo ezimbili zalo KwaZulu-Natali, okuyiKwaNgcolosi, eHillcrest, entshonalanga yaseThekwini, naseDoonybrook, maphakathi neKZN, ngemva kokulisungula ngo-2017.
Uma elanda ukuthi ungene kanjani ebhizinisini le-quad biking uZuma, ovele ewusomabhizinisi njengoba ewumsunguli weNcekeni Group, eyayiqale iyiNcekeni Trading Enterprise, kuyahlaluka ukuthi uwusomabhizinisi osheshe alibone ithuba lebhizinisi. “Ngiwumuntu ojwayele ukuvakasha nomndeni. Uma sihambile, sigibele ama-quad bike; kuthi uma sihambile, sibheke ukuthi indawo esiyivakashelayo inawo yini ama-quad bike, kuthi uma engekho sithi ‘hhayi, asiyi kuleyo ndawo ngoba ayinawo’.
“Kuthe kusenjalo ngathi awuthi ngiyithenge… ngayithenga ngizozigibelela. Ngathenga enye, ngaphinde ngathenga enye, agcina esemathathu,” kulanda le nsizwa ekhulele eFannin, eClermont, eThekwini, kodwa edabuka eSikheshini, eXobho.
Ngemva kokuwathengela ukuwagibela nomndeni wakhe, ugcine esewagibela nabangani bakhe. Mahlayeni wafikelwa wumcabango thizeni. Uthi: “Athe uma eseyisithupha (ama-quad bike), ngathi le nto kufanele ngenze ibhizinisi ngayo. Ngaqala ngayiqashisa, uma uzoyiqasha uzoya nayo eholidini. Ngemva kwaloko ngagcina ngibone ukuthi ngingaqala ibhizinisi,” kusho uZuma.

Nakuba uZuma ethi wayefisa ukuphosa esivivaneni ngokuthi abantu abamnyama bavame ukuvakasha, nokungakho aqhamuka namanani angagugisi iphakethe kodwa uthi ngezinye izinhlanga ezingamakhasimende abo.
“Amakhasimende ethu amaningi ezinye izinhlanga, ikakhulukazi indlu emhlophe nabomdabu waseNdiya. Kubantu bakithi amakhasimende amaningi ngabantu besimame abasuke behamba bengamaqoqo noma izithandani. Abantu besilisa ababaningi ngaphandle uma behamba nabantu babo,” kusho yena.
Ukuba wumuntu omnyama kunezinselelo zakho kuleli bhizinisi. Uthi: “Empeleni abantu abagibela kakhulu (ngabelungu namaNdiya) kodwa inkinga engiyibonile kube wukuthi uma bebona ukuthi iphethwe wumuntu omnyama bangabi nethemba lokuthi yinto ekhona ngempela.”
INceks iyaziqhayisa ngokutholwa ngamakhasimende ayo. Muzwe echaza
Nokho uZuma uthi izinto azihlale zishelela. Uthi sebeke baqondana namakhasimende angakholwa ukuthi yindawo yomuntu omnyama, ukuhlasela kwezikhukhula nokubheduka kweCOVID-19.
INceks igabe ngamanani amahle. Imizuzu ewu-30 iwuR300, ihora wuR500 kuthi ihora nohhafu wuR700 kuthi amahora amabili abe wuR900. Baqala kubantu ababili kuye kufinyelele kwabayishumi.
Kuzo zonke izinselelo, ngeke zingabi khona izinto azithakaselayo. “(Ngenkathi) uMasipala waseThekwini wethula i-website yawo yokuvakasha… uma ubala izinto ezitholakala eThekwini, wabala ama-hot air balloon, wabala ama-helicopter, wabala nama-quad bike. Ama-quad bike owabalayo ama-quad bike awami.”
UZuma uphethe ngokuthi unezinhlelo zokubeka leli bhizinisi kwelinye izinga okuzobe kuyinto yokuqala eThekwini. Nokho okwamanje ngeke ayikhulumele eziko.
Facebook: Nceks Quad Biking
Instagram: nceksquadbiking_

