Ukuhlehlela emuva empilweni kumvulele ithuba lebhizinisi ayengakaze alicabange. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKUPHINDA kwakhe amabanga amathathu kabili kanjalo nokuthola ithuba lokuyofunda kwamgqugquzela ukuthi afise ukusiza abanye abafundi, ikakhulukazi abasezindaweni zasemakhaya njengakubo. Ngesikhathi ewuqala lo msebenzi kwakungesilo ibhizinisi futhi wayengaboni ukuthi kungaba yibhizinisi.
Namhlanje uDkt uSanele Gamede, umsunguli we-Ilada Holdings, ungomunye wabeluleki babafundi abenza amabanga aphezulu nabaqeqeshwa ezikhungweni zemfundo ephakeme abahlonishwayo ngamagalelo akhe kwezemfundo.
UDkt uGamede, oneminyaka ewu-32 nosanda kuthweswa iziqu zePhD in Cultural and Media Studies e-UKZN, waphinda u-Grade 10, 11 no-12 emva kokungaphasi uMatikuletsheni ngendlela eyayingamenza athole umfundaze ngesikhathi ewubhala okokuqala.
Uthi wabona ukuthi imiphumela ayeyitholile ngeke imsize kangako, wase ekhetha ukuphindela emuva ku-Grade 10 ukuze aphucule amamaki akhe futhi wakushaya nendiva ukuthi ayefunda nabo bayaqhubeka kanti usefunda nabantu abancane kunaye.

“Ngicabanga ukuthi uma usushayekile empilweni, uyaphaphama. Uma usuphaphamile awube usanaka ukuthi abantu bathini (eceleni) ngoba ngalesi sikhathi usaqala, usagijima futhi usacabanga ukuthi uhlakaniphile, yilapho uba nokuthi abantu bazothini. (Kepha) ngalesi sikhathi impilo isikushayile, usubona ukuthi uyabona le nto uma ngingayenzanga manje ngeke ngisakwazi ukuphumelela empilweni, yiyona nto eyenza uzithobe futhi unganaki noma abantu mhlawumbe kukhona into abantu abayishoyo.”
UDkt uGamede udabuka KwaMhlabuyalingana, enyakatho yeKwaZulu-Natali. Ngale kokuba nezigcawu ezigqugquzela abafundi, ubhale izincwadi ezigxile kuwo lo msebenzi awenzayo njengoba esechicilele izincwadi ezintathu kusukela Ilada Holdings yasungulwa ngo-2013.

Izihloko zezincwadi zakhe zithi The Graduate Pack, a Practical Guide for Job Seekers; Finishing your Qualification in Record Time, A Student Guide nethi How to Earn your Degree Online, a Response to the Changing World.
Ukhuthazwe wukukhuliswa betshelwa ukuthi imfihlo yempumelelo yimfundo. Nokuswela ulwazi ngamathuba akhona enyuvesi kube nesandla. Mlalele echaza.
Ngenkathi esafunda enyuvesi ngokugcwele wayenesitolo esidayisa ukudla. Uphinde afundise izifundo zomkhakha wezindaba kwenye yamanyuvesi azimele.
Uthi kuyiqiniso ukuthi maningi amathuba ekuzisebenzeni kodwa uyakholelwa ekutheni ingcindezi ehambisana nokukhulisa ibhizinisi imeleleka kangcono uma kunenye indlela yokuziphilisa ngesikhathi usaliphemba ibhizinisi. Mlalele echaza.
Uthi enye yezindlela ezingasiza ukuphucula imfundo yaseNingizimu Afrika wukuqinisekisa ukuthi yonke ingane iphothula isikole isinekhono lomisebenzi wezandla ezokwazi ukuncenga impilo ngayo ngesikhathi isabheka umsebenzi ewufundele.
Facebook: Gamede Sanele

