Ukuziphantela ngokudayisa amasekeni angavamile kumzalele ibhizinisi lobhaskidi engahlosile. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

AMASEKENI yizimpahla ezidelelekile ngenxa yokuthi zisuke sezike zagqokwa kodwa kunenhlobo yamasekeni edlisayo futhi eyivelakancane. Lawa ngamasekeni ayinguganaboya ohlobo lwezimpahla ezazidume kudala, phecelezi i-vintage. Ukuba yikhethelo kwalamasekeni kwenza abe yinyama kumakhasimende azi izinto.
Omunye oziphilisa ngawo wuNksz uNtombizamantungwa Mabaso, umsunguli weHandpicked Retro. Uyiqale ngo-2016 ngenxa yokungawutholi umsebenzi awufundele, ngemva kokuthola iziqu ze-BA in Linguistics and Law zase-University of KwaZulu-Natal.
Le nkampani, yaseNewcastle, KwaZulu-Natali, isizale nelinye ibhizinisi njengoba isidayisa nobhaskidi ngaphansi kwenkampani iHandpicked Baskets, obhaskidi belala abadayisayo.
“Bengivele ngiwumuntu okhonze ingqephu ngikuthanda nokuswenka ngezimpahla ezingajwayelekile, loko obekwenza ukuthi konke lapho engihamba khona abantu bangibuze ukuthi ngizithatha kuphi lezi zimpahla engizigqokayo?
“Yilapho-ke engafikelwa khona wumcabango wokuqala iHandpicked Retro ngenzela ukuthola imali yokuziphilisa, ngenxa yokuthi izinto zazingangihambeli kahle empilweni ngingawutholi nomsebenzi engiwufundele,” kulanda yena.

Uthi ukuba yigugu kwezimpahla azidayisayo yikona okumdobele inqwaba yamakhasimende.
“Ngihambela izindawo namadolobha ehlukene ngizithenge nakubantu emgwaqweni ngemali ephansi, bese ngizozidayisela amakhasimende ngamanani akhonekayo,” kulanda yena.
Izimpahla zabesifazane namajakhethi abesilisa kubiza uR100 kuya kuR500.
“(Ngizikhangisa) kakhulu nasezinkundleni zokuxhumana, ngizigqoke lapho ngihamba khona ukuze zingasuki emiqondweni yabantu,” kusho uNksz uMabaso ngenye yezindlela zokukhangisa ibhizinisi lakhe.

Echaza ngokusunguleka kwebhizinisi lobhaskidi, uNksz Mabaso uthi: “Ngenxa yokuthi bengihlale ngizihlupha ngokuthi yini engingayenza ukuze ngidobe amakhasimende, kwathi ngelinye ilanga ngizishayelwa wumoya ebhishi, eThekwini, ngakhangwa wobhasikidi ababedayiswa womunye umama, ngabathenga ngenhloso yokufaka kubo izimpahla engizidayisayo.”
Obhaskidi babiza phakathi kukaR100 noR1 200 umunye.
Uthi yize abuye axinwe wumsebenzi weHandpicked Baskets kodwa uzoqhubeka nokuthenga adayise izimpahla ezingasoze zabuna ngoba abantu bayazithanda futhi ziyivelakancane ezitolo.
Facebook: Handpicked Retro/Handpicked Baskets/NtombiZamantungwa Mabaso
Instagram: handpickedretro/handpicked_baskets/ntombied
- Umbele unesivumelwano noLindo Makhaye weLusizo, owenza uhlelo Notha Ujule Ngolwazi kuKhozi FM. Osomabhizinisi esibhala ngamabhizinisi abo engosini Asafufusa kungenzeka kukhulunywe ngawo kulolu hlelo